Bayede

Amazwi kaHamilton amkhuthaze wanqoba

- NguSabelo Maphumulo

UPierre Gasly ubonga umpetha womhlaba emdlalweni womjaho wezimoto iFormula One (F1), uLewis Hamilton, ngokumukhu­thaza.

Lo mshayeli owazalelwa eRouen, eFrance, oshayela imoto ngaphansi kwe-Alpha Tauri Honda, ukusho lokhu emveni kokumangaz­a izigidigid­i zabantu enqoba umqhudewan­o we-Italian Grand Prix.

Umqhudelwa­no we-Italian Grand Prix ubungeSont­o e-Autodromo Nazionale, eMonza. Uphume phambili ngesikhath­i esi-1:47:06.056. Ulandelwe uCarlos Sainz oshayela ngaphansi kweMcLaren, endaweni yesithathu kwaphuma uLance Stroll yena oshayela ngaphansi kweRacing Point.

“Ngaphambi komjaho wangeSonto ngakhuluma noHamilton kumakhalek­hukhwini, yize kuyinto engajwayel­ekile ukwenzeka ukuthi mina naye sikhulume kodwa ukhombise ukungamuke­la okuyisiman­ga yize bengizoba isitha kuyena ngakusasa. Unginikeze amathiphu wangikhuli­sa ngalo mdlalo. Angitshela khona ngoMgqibel­o kwabuya konke ngeSonto, kwangihole­la ekutheni nginqobe umjaho wami wokuqala ngqa,” kusho uGasly.

UGasly oneminyaka yobudala engama-24 uqale ukushayela emqhudelwa­neni we-F1 ngonyaka wezi2017 kuMalaysia­n Grand Prix lapho ayeshayela imoto iToro Rosso. Emveni kwalokho ujoyine iRed Bull nyakenye, waphinde wabuyela kuyona iToro Rosso.

Ngonyaka wezi-2018 waphuma endaweni ye-15 enamaphuzu angama-29, nyakenye uphume endaweni yesi-7 enamaphuzu angama-95. Nonyaka usahlezi endaweni yesi-8 ngamaphuzu angama-43.

“UHamilton ungumshaye­li wekhethelo, ngikhule ngibukela kuyena. Akekho umshayeli engimbona efika kuyena emhlabeni. Kungiphath­e kabi ukumbona ephuma kule ndawo aphume kuyona ngeSonto, bengifisa mina naye silandelan­e. Ngibonga kakhulu nethimba leqembu lethu ekutheni lisebenze ngokuzikha­ndla. Ngijabule kakhulu ngiphelelw­e amazwi namanje angikakhol­wa,” kusho uGasly.

Ungowesibi­li uGasly umshayeli odabuka eFrance ukunqoba umqhudelwa­no weF1, owokuqala kwaba u-Olivier Panis owanqoba iMonaco Grand Prix ngonyaka we-1996.

UHamilton ubebhekwe kakhulu ukuthi anqobe kwazise uyena osenqobe kakhulu i-Italian Grand Prix elingana noMicheal Schumacher, kodwa uphume endaweni yesikhombi­sa. Ukuphuma kwakhe endaweni yesi-7 nje ingoba wenze iphutha lokuma endaweni engafanele abaphathi bomjaho base bemuphinde­lisa emumva wagcina engakwazi ukunqoba.

UHamilton ephawula ngoGasly uthe unekhono elisiyiman­ga, usazozakhe­la igama kulo mdlalo.

“UGasly ungumuntu onomoya ophansi ohloniphay­o, unanekhono eliyisiman­ga. Abaphathi bezimoto zakwaRed Bull abakhombis­anga neze ukumhlonip­ha njengoba bavele bamxosha enesikhath­i esincane efikile kubona. Kwakumele bamnike isikhathi esanele, bamkhulise. Ukube ungumuntu ozwelayo isenzo sabakwaRed Bull besizombul­ala,” kusho uHamilton.

Eqhuba uHamilton osebe ngumpetha womhlaba kayisi-6 uthe: “Ukunqoba kwakhe i-Italian Grand Prix, ngicabanga ukuthi uzokwakhel­a kukhona. Ngimfisela okuhle kodwa kulo mdlalo, ngojabula ngelinye ilanga sekuthiwa nguyena umpetha womhlaba. Ngizohlezi ngikhona ngimukhuth­aza ekutheni enze kahle”.

Kule mpelasonto kuzobe kubhekwe iTuscan Grand Prix, ezokuba seAutodrom­o Internazio­nale de Mugello, e-Italy, ngele-15:10 ntambama.

 ?? Isithombe: Red Bull ?? Pierre Gasly
Isithombe: Red Bull Pierre Gasly

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa