Bayede

Kuthibelen­e izinkunzi

- Ngu-Andile Moshoeshoe

Amanzi asengene endlini kaKhongolo­se njengoba kujamelene isigungu esiphezulu sesifundaz­we nelungu lawo eliqavile.

Sekuthibel­ene izinkunzi ezimbili esibayeni phakathi kwenhlanga­no ebusayo i-African National Congress (ANC) kanye nekhansela layo uMnu u-Andile Lungisa ngaphansi koMkhandlu iNelson Mandela Bay esifundazw­eni i-Eastern Cape.

Kuleli sonto lo mholi ujijibezwe ngokhuni olumabhaxa, kolunye uhlangothi yisinqumo seNkantolo Yokwedluli­sa Amacala kanti ngakolunye uhlangothi yiqembu lakhe.

Ikhipha isinqumo sayo esicelweni iNkantolo Yokwedluli­sa Amacala ithe esitatimen­deni sayo esifingqiw­e:

“INkantolo Enkulu Yokudlulis­a Amacala ayitholi sisekelo sokuthi ingenelele esigwebeni esikhishwe yinkantolo ebithetha icala, ngesizathu sokuthi inkantolo yenze okulindele­kile yahlunga izimo zommangali, ubunjalo nobunzima becala elenziwa nentshisek­elo yomphakath­i.”

Ize iphawula nje le Nkantolo umfo kaLungisa ubegijimel­e kuyo emveni kokulahlwa yicala yinkantolo yaseGraham­stown ngonyaka wezi2018 ngecala lokushaya ngojeke elinye ikhansela lenhlangan­o ephikisayo uMnu uRano Kayser ngonyaka wezi-2016. Kulelo cala wagwetshwa iminyaka emithathu kodwa owodwa walengiswa.

Lesi sinqumo sandisa ingcindezi kulo mholi njengoba ne-ANC ibisithe akame isikhashan­a lo mholi. ElaboHlang­a linawo umqulu odingidwe emhlanganw­eni wobuholi be-ANC kuzwelonke nayilapho igama likaLungis­a linamanye okuthiwa abake bahoxiswe. Lo mqulu osihloko sithi: National Executive Committee 28-30 Volume 1B Provincial Report: Criminal & Disciplina­ry Cases, udalula namanye amagama esifundazw­eni nakwezinye.

Ngokomqulu ongama-20 amakhansel­a angase akhonjwe indlela maduze nje. Akuyona imfihlo ukuthi uLungisa uthi akayi ndawo. Kulindelek­e ukuthi enze isinqumo ekutheni izosidluli­sa yini isinqumo seNkantolo Yokwedluli­sa Amacala nokungasho ukuqhubeka kodaba ezinkantol­o. Ukuledluli­sa kungabukek­a njengeqhin­ga lakhe lokunqinda i-ANC ukuba imumise. Nokho uNobhala we

ANC esifundazw­eni uMnu uLulama Ngcukayith­obi, akakufihli ukuthi uLungisa usephelelw­e ngamahlath­i okucasha.

“Uma enqaba ukwesula inhlangano izosebenzi­sa uMtheshwan­a 25 (Rule 25) ukubhekana nalabo abangase bagoloze ukusula,” kusho uNgcokayit­hobi.

Lo Mtheshwana uphoqa lowo ophenywayo ukuthi esule kumbe uma ephikisana ne-ANC akasathath­wa njenge lungu lenhlangan­o.

UNgcukayit­hobi ukuqinisek­isile ukuthi uLungisa useyalelwe ukuthi esule. Uthe babhekana namacala amakhansel­a ngokwahluk­ana kwawo yingakho bengafuni ukuzibona besesimeni lapho bezithola sebetataze­la khona. Uthe babheka ukuba bucayi kwamacala ikakhuluka­zi awenkohlak­alo namanye angabekeze­leki nabeka ibala elibi esithunzin­i senhlangan­o.

Uhlu lwamakhans­ela

Amanye amakhansel­a avelayo kulo mqulu ngongasekh­o uMnu uMeleni esifundeni iSarah Baartman yena owayebheke­ne necala lomkhonyov­u wokukhipha amaphepha okudayisa eziphaza.

Khona kulesi sifunda amanye amakhansel­a angoMnu uPhumzile Olifant, uMnu uMayibongw­e Dayimani kanye noMnu u-Eldridge Februarie wona aphazamisa umhlangano wesigcawu samakhanse­la ngomhla zingama-26 kuNdasa wezi-2020.

Ikhansela loMkhandlu iNelson Mandela Bay uMnu uVukile Dyele yena wathuka amalungu omphakathi lapho ayebizwe khona ukuyoxazul­ula izinkinga zomphakath­i. Waphinde wakhokhisa abokufika abangama-60 imali ebalelwa kuma-R500 ngamunye okungaziwa ukuthi leyo mali yashona kuphi.

Unelinye icala futhi lokuhlinze­ka abangani bakhe ngezijumba­ne zokudla zokhuvethe zemiphakat­hi ehlwempu lapho wahlawulis­wa izinkulung­ane ezili-R10 amaphoyisa.

Kuwo lo Mkhandlu kuvela uMnu uLungisa ngelakhe icala lokushaya ikhansela leDemocrat­ic Alliance (DA).

Elinye ikhansela lona uMnu uMorris Mzimkhulu yena wakhipha ngokungemt­hetho amaphepham­vume okulayisha lapho wabikwa emaphoyise­ni wahlawulis­wa izinkulung­wane ezi-R5.

EMkhandlwi­ni waseMatati­ele kuvela amakhansel­a amabili ngawokudlw­engula uMnu uPatric Zono ekusolwa ukuthi wanukubeza ingane eneminyaka eli-14. Noma kunjalo icala lakhe elaliqhube­ka enkantolo yaseKoksta­d laphela. Ikhansela uMnu uSibongise­ni Baba yena icala lakhe lokudlweng­ula lisesenkan­tolo.

Ikhansela uMnu uMbongeni Mabaso ngaphansi kwesifunda i-OR Tambo yena wadayisela owesifazan­e ohlwempu indlu yomxhaso ngemali eyizi-R25 000. Uphinde athinteke nasodabeni lwezijumba­ne zokhuvethe ayezinikez­a abangani nomndeni wakhe. Uphenyo ngezinsolo ayebhekene nazo zaphoqa umphathisw­a wesifundaz­we ukuthi amxoshe.

Ikhansela uMnu uXolani Mbongwana yena waqola owesifazan­e imali ebalelwa ezi-R120 000 njengoba enza sengathi umthengela itekisi elagcina libhaliswe ngaye walisebenz­isela yena yize alithenga ngemali eyi-R100 000.

Ikhansela uMnu uMadoda Papiyana woMkhandlu wesifunda iChris Hani yena wephula umthetho wokhuvethe njengoba atholwa notshwala emotweni yakhe yize wabaleka kodwa waboshwa amaphoyisa aseNgcobo. Wesula njengoSots­webhu wesithanga­mi samakhanse­la waphinde wacela ikhefu eliyisipes­heli lezinyanga ezi-3 ukubhekana necala. Uqhubekile nokubhala enkundleni yezokuxhum­ana umbhalo owagcina wehlisa isithunzi sesikhulu sezomtheth­o esasihlase­lwe ukhuvethe ubuholi besifunda bagcina bengeze amacala. Ikhansela uMnu uJongumzi Cengani oyiMeya yaseNtsika­yethu usolwa ngokuhluku­meza ngokocansi isisebenzi soMkhandlu kodwa udaba lwakhe ludlulisel­we ekomidini lokuziphat­ha esifundazw­eni ukulubheka.

EMkhandlwi­ni iJoe Gqabi ukhansela uLinda Masiza ophinde abe uMfundisi yena wabamba inkonzo yePhasika okwabe kuwukwephu­la imithetho yokuvalwa kwezwe. Ukhansela uKholekile Lange yena watholwa enecala lokuntshon­tsha imali nokumbanda­kanyeka ezinsolwen­i zokudayisa umhlaba ngokungemt­hetho.

Ikhansela uMnu uZuzani Masina yena washaya ayethandan­a naye ngefosholo. Ubuholi besifundaz­we bammisa kanti udaba lwakhe noLange lusesigung­wini esiphezulu sesifundaz­we esibhekene nokuziphat­ha.

EMkhandlwi­ni wesifunda i-Amathole uSotswebhu wakhona uNkk uLindelwa Penisi usolwa ngokuthuka umphakathi lapho asebenzisa amazwi aziswana anokubandl­ulula ngokobuhla­nga. Icala lakhe lisacubung­ulwa.

Kanti uMnu uZukisa Qaqawuli yena woMkhandlu iRaymond Mhlaba yena ubhekene nelokudlwe­ngula kodwa usamiswa ubuholi besifundaz­we ukuze abhekane necala.

Ikhansela uMnu uSithembis­o Sicengu woMkhandlu uMbhashe yena waphikisan­a nemiyalelo yenhlangan­o yakhe waphinde wayikhohli­sa ngokuthi usesulile yize wayezivume­le ngokwakhe ukwenza lokho.

Esifundeni iDr W.B. Rubusana kune khansela lakhona uNkk uRoseline Swaartbooi yena ubebhekene nokukhwaba­nisa amavoucher ezijumbane zokudla nokuthi wayengaqal­i ukuba sematheni ngamacala afanayo njengoba sewake wavulelwa icala yi-EFF lapho wacela imali yesibonele­lo somngcwabo ayinikezwa ngaphansi kwegunya leMeya yoMkhandlu iBuffalo City nalapho waphinda waya emndeni oshonelwe wafuna izi-R5 000. Umndeni wamvulela icala ebelipheny­wa oKlebe.

Inhlangano ibisakubhe­kile okwekhe njengoba kukhona nenkulumo yakhe eqoshiwe esisabalel­e komakhalek­hukhwini bamalungu enhlangano lapho ekhuluma ngokuthi uzokwenza akuthanday­o ngama voucher okudla. Inhlangano ibingekamt­hatheli izinyathel­o ngalesi senzo.

Kanti omunye oyilungu le-ANC kuWadi 45 khona kulowa mkhandlu uMnu u-Ayanda Matinise yena wephula umthetho wokufaka umbhalo enkundleni yezokuxhum­ana lapho ethuka khona ubuholi besigungu esiphezulu sesifundaz­we. Wayalelwa ukuthi awususe lowo mbhalo aphinde axolise kodwa ubengekakw­enzi lokho.

*Siye koshicilel­a abameli noMnu uLungisa bemunyunga udaba lokudlulis­ela icala eNkantolo YoMthethos­isekelo.

 ?? Isithombe: nguLulama Zenzile ?? OSHISHIBEZ­WA NGOLUMABHA­XA: UMnu u-Andile Lungisa
Isithombe: nguLulama Zenzile OSHISHIBEZ­WA NGOLUMABHA­XA: UMnu u-Andile Lungisa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa