Bayede

Kwenyuswe eyoMalume

- NguSiyetha­ba Mhlongo

OMalume abazisoli ngokwenyus­a ngendlela exakile imali ekhokhelwa izimoto ezithutha abafundi osekuqubul­e ukukhonond­a okukhulu kubazali bezingane abasebenzi­sa lezi zimoto.

Uma ungena kusizindal­webu soMnyango Wemisebenz­i Yomphakath­i kuchazwa ngohlelo i-Expanded Public Works Programme (EPWP) kuthiwa kuhloswe ngalo ukuzama ukuqeda ububha kube khona imali engenayo emzini nomuzi okwesikhas­hana, kuthuthuki­swe amakhono. Ngokolwazi lwalo Mnyango lolu hlelo lusebenzis­ana neminye iminyango kaHulumeni kanti abasebenza beqashwe ngaphansi kwalo bahola amarandi ali-11 ngehora.

Kodwa izisebenzi ezingaphan­si kwalolu hlelo eMnyangwen­i Wezokuthut­ha oLundi ezixhumane neBAYEDE ngeledlule zacela ukuba amagama azo angadalulw­a, zithi zididekile azilazi usuku lwazo lokuhola.

Omunye walezi zisebenzi uthe: “Inkinga yethu asizazi sihola nini, lo osiphethe u…(emgagula ngengama) uma simbuza uhlezi esitshela ukuthi imali izongena. Uma isingenile kuba nenkinga ngoba asikwazi ukubona size sizwe ngabanye ukuthi isikhona.”

Uthe nawo amakhadi abahola ngawo bawanikwa umqashi abangazi noma nalokho kuwubugebe­ngu yini.

Lesi sisebenzi siqhube sathi banikezwa amakhadi ebhange i-ABSA nenombolo eyimfihlo okuthe uma leli phephandab­a lisibuza ukuthi lokhu okudalwang­a yini ukuthi babengenaw­o amabhange abawaseben­zisayo kwase kufika ozobabhali­sa ukuze bakwazi ukuhola ebhange sithe: “Cha umphathi wethu wafika wasiyalela ukuthi bazosenzel­a bona amakhadi okuhola ngoba abanye bethu abazokuba nemali, uma sithi siyanqaba wagcizela ukuthi bazosenzel­a futhi afika sawathola.”

Lezi zisebenzi zithe zihola izi-R2 000 ngenyanga futhi zisebenza izinsuku ezili-12 enyangeni. Leli phephandab­a lize lilandela lolu daba nje yingoba lezi zisebenzi bezikhonon­da ngokungaho­li emasontwen­i amabili edlule kodwa okuthe kamuva zagcina ziyitholil­e imiholo yazo.

Zithe inselelo ezibhekene nayo nokuzilima­za emalini ngenxa yalesi simo ukuthi uma zibheka emshinini ukuthi isifakiwe yini imiholo yazo, imadlana esuke ikhona ekhadini iyadleka kanti ngesinye isikhathi kusuke kungekho lutho okugcina kuzishiya sezikwelet­a ibhange. “Sigcina sesibheka ngokuthi singene esitolo ngaphakath­i senze sengathi sikhipha imali (cash back). Asifani nabantu abasebenza­yo, bangcono nabesibone­lelo sikaHulume­ni ngoba bayazi ukuthi imali yabo ingena nini thina lutho,” kusho omunye walaba abakhalayo.

Omunye ukhale ngokuthi kula makhadi noma ama-akhawunti abawavulel­wa abakwazi ukuthola izitatimen­de zasebhange. “Asikwazi nokuya ezitolo sihambise izitatimen­de zethu uma kukhona esifisa ukukutheng­a,” usho kanje.

Baqhube bathi bafuna ukusebenzi­sa amabhange abo abazikheth­ela wona.

Lezi zisebenzi zikuqinise­kisile ukuthi ngesikhath­i ingxenye enkulu yezwe ibikumvale­lwakhaya zona beziyithol­a iphelele imali yazo inkinga ukungabi nosuku oluqondile lokuhola.

“Inkinga ngale nto ukuthi awuzazi ukuthi ukudla kwasekhaya ukuthenga nini, asikwazi ngisho ukuhlela izinto zasekhaya ukuze nalo lihleleke, sizizwa sengathi uMnyango awusicaban­geli, sidinga usizo ukuthi nathi sizizwe siyizisebe­nzi,” kusho omunye walezi zisebenzi.

Okhulumela uMnyango KwaZulu-Natal, uMnu uKwanele Ncalane uthe: “Udaba sisazoluph­enya kodwa ngokwazi kwethu ezindaweni eziningi lolu hlelo luyimpumel­elo. Siqashe intsha engaphezu kwezi-4000 isifundazw­e sonke ukuze icijwe ngamakhono namathuba okwenza imsebenzi yokulungis­a imgwaqo.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa