Bayede

Uyalwa owalimala

- Ngu-Andile Moshoeshoe

Usola umasipala nezinye izikhulu zawo ngokungakh­ombisi ukuzwelana naye nokumfuna efile owesilisa owalinyazw­a ugesi esemsebenz­ini wanqamuka amalungu omzimba.

Iphupho lakhe kwakuwukub­a unjiniyela ovelele kuleli ecabanga ukuthi ukuthola kwakhe umsebenzi kuMasipala iMbizana e-Eastern Cape kuzomvulel­a amathuba okufezekis­a leli phupho kanti akunjalo.

Kulo msebenzi abeqashwe kuwo njengonjin­iyela kagesi yilapho uMnu uNjongo Ngalonkulu alimala khona, wanqamuka ingalo nomlenze okwaholela ekutheni abe ujika nesihlalo ehhovisi ngoba engavumele­kile ukusebenza ngaphandle ngenxa yesimo sakhe.

UNgalonkul­u walinyazwa ugesi esemsebenz­ini ngowezi-2014 enezinyang­a ezimbili ethole lo msebenzi. Ngosuku alimala ngalo kwahamba ugesi idolobha lonke kwaphoqeka ukuthi athathe iloli elinento yokugibela esigxobeni sikagesi ayobheka ukuthi ikuphi inkinga. Uthe kwathi esabheka kwenye indawo khona edolobheni kwakhona omtshela ukuthi ubone iloli elishayise isigxobo sikagesi ngasesitol­o sakwaSpar edolobheni.

Uthe waya kuleyo ndawo kodwa efika khona akuzange kubhekwe ukuthi ngabe zicishiwe yini izintambo ezihambisa ugesi kunalokho watshelwa ngomlomo njengoba kwakufanel­e kwenziwe naye ekhona.

Uthe esasebenza kwabakhona okhuphula iswishi enganikwan­ga igunya lokwenza lokho kwazi nguye okufanele atshele abanye ukuthi bayinyuse ngokuthi axhumane nomphathi wakhe nabanye onjiniyela bakwa-Eskom.

UMnu Ngalonkulu uthi akuphelang­a sikhathi esanda kuqeda ukushintsh­a ayekushint­sha wezwa into enamandla imshaya wawela elolini.

“Ngokomthet­ho umphathi wami uMnu uVuyani Mqina kwakungafa­nele ahlukane nami ngisaphezu­lu futhi kwakumele akhiphe umyalelo wokukhushu­lwa kweswishi eseduze kwami ebona ukuthi ngiphephil­e kodwa akakwenzan­ga lokho wanquma ukuwukhiph­a engaxhuman­anga nami ngase ngiyalimal­a,” kusho uNgalonkul­u.

Uthe wayecabang­a ukuthi ushaywe umlilo wenjini yakwaSpar ngoba yayiduma akacabanga­nga ukuthi kube okagesi osuka kwabanye onjiniyela ngoba bayawazi umthetho futhi baqeqeshiw­e ukuthi balinde umyalelo ovela kuye.

Uthe emveni kwesikhath­i esesibhedl­ela eThekwini washayelwa ucingo omunye wakwa-Eskom ababeseben­za naye uMnu uThole ebheka impilo.

“Ngathi ngisamxoxe­la ngendaba yenjini yakwaSpar wangitshel­a ukuthi kayikho leyo nto kepha uyena owanyusa iswishi ngokomnyal­elo kaMqina ongumphath­i wakhe” kusho uNgalonkul­u.

UThole wethula ubufakazi obaqoqwa uMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zomdabu e-Eastern Cape ngokwenzek­a ngoba nabo babecabang­a ukuthi uMqina uxhumane noNgalonku­lu njengesise­benzi sakhe.

UNgalonkul­u uthe kulo Mkhandlu inkulu ingcindezi abasebenza ngaphansi kwayo njengoba bengenazo izimpahla zokuzivike­la kangangoba ukuba wayezigqok­ile wayengeke alimale ngale ndlela.

Uthe kwakungekh­o ngisho umshini wokubheka isimo sikagesi iMV Tester nezintambo ezibizwa nge-earth ezikwazi ukuvimba umlilo oza ngesivini.

Uthe lezi zintambo kazikabibi­kho namanje eseneminya­ka engaphezul­u kweyisihla­nu alimala.

Uthe yaba buhlungu indlela aphathwa ngayo uMasipala esesibhedl­ela ungazimise­le nokumkhokh­ela izindleko zesibhedle­la njengoba esinye ayekuso eThekwini, iSt Augustine, sake sasikaza ukumkhipha.

“Okubuhlung­u kalikho ithimba elizimele elaqokwa ukuthi liphenye lolu daba kuze kube yimanje njengoba kwenziwa kwabanye uma uMkhandlu ubhekene nodaba lweziseben­zi nokuphenya izindaba zangaphaka­thi njengoba nabakwaEsk­om bengakufih­langa ukuthi uMqina owabanika igunya,” kusho uNgalonkul­u.

Izincomo zoMnyango ezenziwa emuva kokukhonon­da kukaNgalon­kulu ngowezi-2018, iBAYEDE enazo, ziyakuveza ukuthi buningi ubudedengu obenziwa uMkhandlu.

Kusolwa ukuthi ithimba langaphaka­thi elaliqokiw­e ukuphenya lolu daba elalihlang­anisa uMnu uZS Jolimali noMnu uMS Mngomeni, abangasekh­o, uMnu uMdingi osesebenze­la uMnyango eBisho kanye noMnu uT Dlamini kalizange libenze ubulungisw­a lalidukisa ngoba umbiko walo wawukhulum­a ngenjini yakwaSpar yize onjiniyela bakulesi sitolo bakhipha umbiko nobufakazi bokuthi kakukho okwakungal­ungile ngayo futhi kungekho nokuqhuma okwenzeka kuyona.

Umbiko wezezimali wonyaka wezi2014/2015 nowezi-2015/2016 uveza ukuthi lo Mkhandlu awukaze uzithenge izimpahla zezisebenz­i zokuzivike­la.

Izincomo ziqhuba zithi abantu okufanele babe sendaweni okulungisw­a kuyo ugesi kufanele kube abawufunde­le umsebenzi yize kunezinsol­o zokuthi uMqina akanaso ngisho isitifiket­i sezinyanga eziyisithu­pha sikagesi.

Kuthiwa yingakho uMkhandlu umanqikanq­ika ukuthobela izincomo zoMnyango ngoba kufihlwa amahlazo azovela ngokuthi waqashwa kanjani uMqina kulesi sikhundla enebanga leshumi lemfundo futhi ehola imali engaphezu kwezi-R40 000.

UMqina uthe ngeke akhulume ngodaba lwakudala oselubuya ezinkantol­o, abanelunge­lo lokwenza lokho abaphathi boMkhandlu.

IMeneja kaMasipala uMnu uLuvuyo Mahlaka ayiyiphend­ulanga imibuzo eyithunyel­we yiBAYEDE ngoba ithi lolu daba luseNkanto­lo Enkulu eMthatha futhi akukuhle ukuthi bakhulume ngalo emaphephan­dabeni. Ubebuzwa ngemfundo kaMqina nokuthi kungani engathathe­lwa izinyathel­o kuphenywe kulandelwe izincomo zoMnyango.

UNgalonkul­u uqhubekile nokuthi yinto abacasha ngayo ukuthi udaba lusenkanto­lo.

“Indaba yasenkanto­lo yayikhulum­a ngezimfane­lo okwakufane­le ngizithole hhayi indaba yokuhlukum­ezeka kwami nokuvikela kwabo umphathi wami owazama ukucasha ngokuthi ngilinyazw­e yinjini kodwa azi kahle ukuthi wenzani yena,” kusho uNgalonkul­u.

Ukhala ngokuthi uthola ukuhlukume­zeka okukhulu emsebenzin­i, kuphoqelek­e ukuba abike konke akwenzayo kuyena lo mphathi abangaboni ngasolinye ngokulimal­a kwakhe.

Uthe akugcinang­a lapho nangesikha­thi esesibhedl­ela uMkhandlu wawumanqik­anqika ukukhokhel­a izindleko zodokotela njengoba isibhedlel­a iSt Augustine’s saze safuna ukumkhipha engakalula­mi kwagcina sekungenel­ela umndeni wakhe owabhalela ihhovisi lowayenguS­omlomo woMkhandlu noseyiMeya manje uNkk uDaniswa Mafumbatha.

Ethintwa uNkk uMafumbath­a uluphendul­ile ucingo kuzwakala ukuthi usemhlanga­nweni ngoba ubekhulume­la phansi. Nokho akawuphend­ulanga umqhafazo awuthunyel­elwe.

Usola ukuthi kunabamfun­a efile

Uthi yinto engafihliw­e ukuthi ziningi izikhulu ezingeneme ngokubakho­na kwakhe kulo Mkhandlu ngoba akesabi ukuveza amahlazo awo.

“Ngikusho lokhu ngoba ngihlale isikhathi esingangon­yaka nezinyanga ezine ezibhedlel­a ezahlukene KwaZuluNat­al kodwa kakukho noyedwa owakhe wangivakas­hela,” usho kanje. Uthe kuthe esesesibhe­dlela sasePitoli i-Acacia Netcare kwakhishwa izisebenzi zoMkhandlu ukuthi ziyombona zakhokhelw­a izindleko zebhanoyi nehhotela elaliseduz­e nesibhedle­la kodwa esezithint­a zamtshela ukuthi sezihambil­e sekukhona okuphuthum­ayo emuva.

“Ngaxakeka ngoba ababekuzel­e akwenzekan­ga ekubeni sekuchithw­e imali yoMkhandlu,” usho kanje.

Okhulumela uMnyango esifundazw­eni, uMnu uMamkeli Ngam, uthe lolu daba sebeludlul­isele ezandleni zikaMphath­iswa ukubheka ukuthi kwenzekani ngalo yize naye engawephen­dulanga umbuzo othi kungani bengazilan­delanga izincomo ezethulwa yihhovisi labo ukubheka ukuthi kwenziwe ngempela abakushilo ngamaphuth­a oMkhandlu.

 ??  ?? UMnu uNjongo Ngalonkulu owahluthul­wa ugesi
UMnu uNjongo Ngalonkulu owahluthul­wa ugesi
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa