Funda Inkulumo Yesizwe ethulwe ngoNgangezwe Lakhe eMkhosini WoMhlanga eNyokeni kwaNongoma, mhla zi-5 kuMandulo wezi-2020
Ukuqikelela ukuphepha okhuvetheni kwabo bonke abasebenza nabasebenzisa izinkundla zamacala ezabasebenzi yikhona okuphoqe ukuba kuguquke nezindlela zenqubo yokusebenza kwezinkundla zamacala ezisebenzi. Kuyiqiniso ukuthi ubhubhane luphoqe nazo zonke izinkantolo ukuthi ziphendukele ekusebenziseni ubuxhakaxhaka bethekhinoloji. Kowanamuhla sibheka ukuguquka kokusebenza kwezinkundla zamacala ezisebenzi okubangelwe wubhubhane. Kuyiqiniso futhi ukuthi kubukeka sengathi lezinguquko ezilunjaniswe nemithetho yenqubo yokufakwa nokuthethwa kwamacala kulezinkundla okuyiCCMA nemikhandlu, sezizoba yiyona ndlela yokusebenza noma izwe selendlule kuleli lifu elimnyama lobhubhane. Kungalesi sizathu-ke sikubone kufanele ukuba silobe siqwashise abafundi belabohlanga ngalolu daba. Sikhuluma ngezinguquko ekusebenzeni kwenkudla yakwaCCMA ngoba ilawula neyokusebenza kwemikhandlu (Bargaining Councils) okumayelana nokuthethwa kwamacala.
Ngaphambi kokuqagula lezinguquko osekusetshenzwa ngazo kwaCCMA, masikhumbuzane ukuthi indlela yenqubo yale nkundla ilawulwa yimithetho yenqubo esake sabhala ngayo ngaphambilini. Sizoqagula izinguqulo ezibalulekile bese sikhumbuzana ukuthi ngokwenqubo ejwayelekile bekusetshenzwa kanjani. Indlela yokufaka wonke amacala isiguqukile. Awasafakwa ngokugcwalisa amafomu uwahambise mathupha emahovisini. Amacala asefakwa ngobuxhakaxhaka bekhompuyutha, ngeposinyazi (ama-imeyli), ifeksi noma isizindalwebu, zibhekiswa ekhelini lobuxhakaxhaka elithi https://cmsonline. ccma.org.za noma nge-aphu ethi #CCMAConnect. Akusavumelekile ukuthi umphakathi uye siqu sawo kwaCCMA ukuyofaka amacala noma ukuyobuza. Kodwa nokubuza sekwenziwa ngocingo nangazo lezi zindlela zobuxhakaxhaka esizibalile. UMthetho Wenqubo uNombolo 7 uyakuvuma ukuba kufakwe amacala ngaloluhlobo lokuxhumana. Ukusayina amafomu ecala ngekhompuyutha nakho sekuyikhona okusetshenziswayo.
Masikhumbuzane ukuthi ukufaka icala ngendlela eyejwayelekile kuhamba kanjena:
Ofaka icala kufanele makalifake ngokugcwalisa ifomu uLRA 7.11, alifake icala zingakendluli izinsuku ezinqunyelwe lolo hlobo lwecala. Ifomu lelo lithunyelelwa ummangalelwa kube nobufakazi balokho, bese lifakwa kwaCCMA noma emkhandlwini liphelekezelwa ubufakazi bokuthi ummangalelwa uthunyelelwe. Izinsuku ezinqunyelwe ukufaka icala yilezizi:
Elokuxoshwa ngokungenabulungiswa: yizinsuku ezingama 30.
Elemali Yeminyaka kodiliziwe:
Elokuphathwa ngendlela engenabulungiswa: yizinsuku ezingama-90.
Elokubandlululwa nokuhlukunyezwa ngokocansi: yizinyanga eziyisi-6.
Ngelezimali ezisemthethweni nemali yomholo kazwelonke oyisisekelo: Ifomu lokufaka icala kufanele lisayinwe ngummangali. Lithunyelwa ngesandla asayiniswe lowo olemukelile, noma ngefeksi ekhipha ubufakazi bokuthi lihambile, noma nge-imeyli nayo enobufakazi.
Osendlulelwe yisikhathi sokufaka icala unelungelo lokulifaka lihambisane nesicelo sokuthethelelwa ngokwendlulelwa yisikhathi. Kanjalo ummangalelwa naye unelungelo lokuphikisa lesosicelo sentethelelo yokwendlulelwa yisikhathi. Nalapho futhi nguKhomishana onqumayo ngalesosicelo. Izinguquko esikhuluma ngazo lapha sezifake lendlela yokufaka icala echazwe ngenhla.
Ukuxazulula amacala nezingxabano okwenziwa ngokuxoxisana bukhome ngokwejwayelekile, sekuguqukile akusenziwa kanjalo.
Sikhuluma ngamacala ezingxabano ezisesigabeni sokuxazululwa nokubonisana mayelana nokudilizwa kungenelela uKhomishana.
Lezi zinhlelo nazo sekukhuthazwa ukuba zenziwe okokuqala ngocingo (telephone) noma ngobuxhakaxhaka njengoba sibuchazile ngenhla. Okwesibili lezinhlelo sezenzelwa endaweni ehleliwe yalungeselwa ukuphepha; okungaba yikhona kwaCCMA noma endaweni ehlelwe ngumqashi, uma yanelisa ukuthi iphephe ngokwanele.
Uma –ke izingxabano namacala kungaxazululeki kulesisigaba, esikhathini esibekiwe esiyizinsuku ezingama
30, umthetho uthi makukhishwe isitifiketi esigunyaza ukulwendlulisela udaba esigabeni esilandelayo.Isigaba esilandelayo kungaba ukwahlulelwa noma yiNkantolo Yezabasebenzi noma yisiteleka esivikelekile emthethweni kuye nokuthi limayelana nani icala okukhulunywa ngalo.
Iyaqhubeka