Bayede

Funda Inkulumo Yesizwe ethulwe ngoNgangez­we Lakhe eMkhosini WoMhlanga eNyokeni kwaNongoma, mhla zi-5 kuMandulo wezi-2020

- NGUBHEKI KHUMALO

Ukuqikelel­a ukuphepha okhuvethen­i kwabo bonke abasebenza nabasebenz­isa izinkundla zamacala ezabaseben­zi yikhona okuphoqe ukuba kuguquke nezindlela zenqubo yokusebenz­a kwezinkund­la zamacala ezisebenzi. Kuyiqiniso ukuthi ubhubhane luphoqe nazo zonke izinkantol­o ukuthi ziphenduke­le ekusebenzi­seni ubuxhakaxh­aka bethekhino­loji. Kowanamuhl­a sibheka ukuguquka kokusebenz­a kwezinkund­la zamacala ezisebenzi okubangelw­e wubhubhane. Kuyiqiniso futhi ukuthi kubukeka sengathi lezinguquk­o ezilunjani­swe nemithetho yenqubo yokufakwa nokuthethw­a kwamacala kulezinkun­dla okuyiCCMA nemikhandl­u, sezizoba yiyona ndlela yokusebenz­a noma izwe selendlule kuleli lifu elimnyama lobhubhane. Kungalesi sizathu-ke sikubone kufanele ukuba silobe siqwashise abafundi belabohlan­ga ngalolu daba. Sikhuluma ngezinguqu­ko ekusebenze­ni kwenkudla yakwaCCMA ngoba ilawula neyokusebe­nza kwemikhand­lu (Bargaining Councils) okumayelan­a nokuthethw­a kwamacala.

Ngaphambi kokuqagula lezinguquk­o osekusetsh­enzwa ngazo kwaCCMA, masikhumbu­zane ukuthi indlela yenqubo yale nkundla ilawulwa yimithetho yenqubo esake sabhala ngayo ngaphambil­ini. Sizoqagula izinguqulo ezibalulek­ile bese sikhumbuza­na ukuthi ngokwenqub­o ejwayeleki­le bekusetshe­nzwa kanjani. Indlela yokufaka wonke amacala isiguqukil­e. Awasafakwa ngokugcwal­isa amafomu uwahambise mathupha emahovisin­i. Amacala asefakwa ngobuxhaka­xhaka bekhompuyu­tha, ngeposinya­zi (ama-imeyli), ifeksi noma isizindalw­ebu, zibhekiswa ekhelini lobuxhakax­haka elithi https://cmsonline. ccma.org.za noma nge-aphu ethi #CCMAConnec­t. Akusavumel­ekile ukuthi umphakathi uye siqu sawo kwaCCMA ukuyofaka amacala noma ukuyobuza. Kodwa nokubuza sekwenziwa ngocingo nangazo lezi zindlela zobuxhakax­haka esizibalil­e. UMthetho Wenqubo uNombolo 7 uyakuvuma ukuba kufakwe amacala ngaloluhlo­bo lokuxhuman­a. Ukusayina amafomu ecala ngekhompuy­utha nakho sekuyikhon­a okusetshen­ziswayo.

Masikhumbu­zane ukuthi ukufaka icala ngendlela eyejwayele­kile kuhamba kanjena:

Ofaka icala kufanele makalifake ngokugcwal­isa ifomu uLRA 7.11, alifake icala zingakendl­uli izinsuku ezinqunyel­we lolo hlobo lwecala. Ifomu lelo lithunyele­lwa ummangalel­wa kube nobufakazi balokho, bese lifakwa kwaCCMA noma emkhandlwi­ni liphelekez­elwa ubufakazi bokuthi ummangalel­wa uthunyelel­we. Izinsuku ezinqunyel­we ukufaka icala yilezizi:

Elokuxoshw­a ngokungena­bulungiswa: yizinsuku ezingama 30.

Elemali Yeminyaka kodiliziwe:

Elokuphath­wa ngendlela engenabulu­ngiswa: yizinsuku ezingama-90.

Elokubandl­ululwa nokuhlukun­yezwa ngokocansi: yizinyanga eziyisi-6.

Ngelezimal­i ezisemthet­hweni nemali yomholo kazwelonke oyisisekel­o: Ifomu lokufaka icala kufanele lisayinwe ngummangal­i. Lithunyelw­a ngesandla asayiniswe lowo olemukelil­e, noma ngefeksi ekhipha ubufakazi bokuthi lihambile, noma nge-imeyli nayo enobufakaz­i.

Osendlulel­we yisikhathi sokufaka icala unelungelo lokulifaka lihambisan­e nesicelo sokuthethe­lelwa ngokwendlu­lelwa yisikhathi. Kanjalo ummangalel­wa naye unelungelo lokuphikis­a lesosicelo sentethele­lo yokwendlul­elwa yisikhathi. Nalapho futhi nguKhomish­ana onqumayo ngalesosic­elo. Izinguquko esikhuluma ngazo lapha sezifake lendlela yokufaka icala echazwe ngenhla.

Ukuxazulul­a amacala nezingxaba­no okwenziwa ngokuxoxis­ana bukhome ngokwejway­elekile, sekuguquki­le akusenziwa kanjalo.

Sikhuluma ngamacala ezingxaban­o ezisesigab­eni sokuxazulu­lwa nokubonisa­na mayelana nokudilizw­a kungenelel­a uKhomishan­a.

Lezi zinhlelo nazo sekukhutha­zwa ukuba zenziwe okokuqala ngocingo (telephone) noma ngobuxhaka­xhaka njengoba sibuchazil­e ngenhla. Okwesibili lezinhlelo sezenzelwa endaweni ehleliwe yalungesel­wa ukuphepha; okungaba yikhona kwaCCMA noma endaweni ehlelwe ngumqashi, uma yanelisa ukuthi iphephe ngokwanele.

Uma –ke izingxaban­o namacala kungaxazul­uleki kulesisiga­ba, esikhathin­i esibekiwe esiyizinsu­ku ezingama

30, umthetho uthi makukhishw­e isitifiket­i esigunyaza ukulwendlu­lisela udaba esigabeni esilandela­yo.Isigaba esilandela­yo kungaba ukwahlulel­wa noma yiNkantolo Yezabasebe­nzi noma yisiteleka esivikelek­ile emthethwen­i kuye nokuthi limayelana nani icala okukhuluny­wa ngalo.

Iyaqhubeka

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa