Bayede

Kusolwa iSadtu

- NguCelani Sikhakhane

Isiphinde yangena ekukhulume­ni inyunyana yothisha njengoba isiphinde yasolwa ngokugxamb­ukela ekuqashwen­i kothishanh­loko ezikoleni.

Kuxabene ubendle phakathi kwabazali bezingane ezifunda ezikoleni zaseMsinga KwaZulu-Natal nenyunyana yothisha iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) ngenxa yombango wokuqashwa kothishanh­loko.

Lo mbango usudale ukuthi kwezinye izikole uhlelo lokwenza inhlolokho­no luqalwe phansi ngoba kunomdonsi­swano wokubanga amandla okuqasha.

Umbango omkhulu owokuthi iSadtu kuthiwa abaholi bayo bafika sebelawula ukuthi ubani okufanele aqashwe.

Omunye umzali womfundi waseKukhan­ya koMsinga, ocele ukungadalu­lwa, uthe abasazi ukuthi kufanele benze njani ngeSadtu ngoba bayibona igxambukel­a ohlelweni lokuqashwa kothishanh­loko.

“Kunabaholi bale nyunyana okuyibo abangobhon­goza ezikoleni zalapha eMsinga. Bathathu laba bafana ngakho uma kunesikole esidinga uthishanhl­oko yibo ababa phambili befuna ukuthi kuqashwe umuntu wabo. Ngikhuluma nje lapha eKukhanya koMsinga benze okufanayo kwathi abantu abebefake izicelo izimviloph­i zabo azizange zivulwe kodwa ethathiwe yilena kathisha obefunwa yilaba bafana beSadtu . Siyilwile le ndaba kwaze kwaphoqa ukuba kuphinde kuqalwe phansi kukhangiwe kabusha isikhala. Inhlolokho­no yenziwe kuleli sonto okwesibili nakhona asazi kuzogcinap­hi ngoba konke kulawulwa iSadtu lapha. Thina singabazal­i sesiphendu­ka izichuse kungabi bikho osilalelay­o. Kunothisa obebambe lesi sikhundla eKukhanya koMsinga. Uwenze kahle umsebenzi sagculisek­a nathi singabazal­i ngoba isikole sisibona ukuthi siphethwe ngendlela efanele. Sekuthe uma sekufanele aqashwe iSadtu yafika nomunye umuntu wayo okunguye emdinga eqashiwe. Kusithusil­e lokhu ngoba sonke besibheke ukuthi lona obambile nguye ozothathwa kodwa inkinga kube yiSadtu ebisilande omunye uthisha ukuthi kube nguye ongena kulesi sikhala. Ingxenye eningi yezikole izobulawa iSadtu ngendlela enza ngayo izinto,” kusho lo mthombo.

Kwenzeka lokhu nje iSadtu ikeyakhonj­wa ngenjumban­e KwaZuluNat­al isolwa ngokugxamb­ukela ekuqashwen­i kothishomk­hulu ezikoleni eziningi okungezase­Thekwini nezasoGwin­i.

Lokhu kugcine sekudala ukuthi abanye othishomkh­ulu besule ngoba bebaleka abanye bebulawa.

Akugcinang­a lapho kodwa izinsolo ziqhubekil­e nokuthe ngowezi-2015 uNgqongqos­he Wemfundo Eyisisekel­o, uNkk u-Angie Motshekga, wajuba uphenyo olwaluholw­a uDkt uJohn Volmink.

Lolu phenyo lwalumayel­ana nokugxambu­kela kweSadtu ezikoleni okuhlangan­isa nokugwazis­a abanye othisha uma befuna umsebenzi.

Kwaze kwaba nothisha owaphumela obala okunguMnu uNkonzwenh­le Mqadi, ongasekho, owayefundi­sa esikoleni iSophie Phewa Primary.

UMqadi waveza ukuthi wayesefile ukuthi njalo uma kuphele inyanga akhokhele uthisha ababefundi­sa naye kulesi sikole imali eyinkulung­wane.

Lowo thisha owayefundi­sa ibanga lesibili iSadtu kuthiwa yagcina imumisile ezinhlaken­i zayo.

Ngaphandle kwalokho umbiko kaVolmink owawungama­khasi angama-285, waveza ukuthi yize kungekho ubufakazi obukhomba iSadtu ngqo kodwa othisha yibo ababezisho­lo bona bethi iSadtu iyathintek­a ekugxambuk­eleni nanokudayi­sa izikhundla ngemali.

UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNks uNomarashi­ya Caluza, uthe inkinga ababhekene nayo ezindaweni zakoMsinga ukuthi abazali basuke bafake ipolitiki bese kugcina kungaseben­zeki ngoba bayayizond­a le nyunyana.

“Abazali bangapha koMsinga inkinga yabo bayayizond­a iSadtu ngoba basayibuka ngeso lokuthi ukungenisa kwayo izofaka i-African National Congress njengoba sidlelana nayo. Yingakho ozakwethu bebanenkin­ga kuleya ndawo bezithola sebehlukum­ezeka. Okunye njengenyun­yana umthetho useseka ngokugcwel­e ukuba sibe yingxenye yenhlolokh­ono uma kunothisha ozoqashwa ngakho akulona iphutha noma ukugxambuk­ela ukuba amalungu eSadtu azibandaka­nye nalolo hlelo lokuqashwa kothishokh­ulu. Empeleni zonke izinyunyan­a zibayingxe­nye yenhlolokh­ono kuhlangani­sa iNatu nezinye noMnyango ngoba umthetho ogunyaza lokho,” kusho uNks uCaluza.

Uqhube wathi enye inkinga ababhekene nayo eyokuthi abazali bakoMsinga ababafuni othisha bokuhamba bahlale belwa befuna kuqashwe umuntu wendawo.

Uthe yilezi zingqinamb­a ababhekene nazo neziholele ekutheni uhlelo lokuqashwa kothisha kwezinye izikole lugcine seluqala phansi njengoba ekuKhanya koMsinga kuqalwe phansi.

UNks uCaluza ubuye waveza nokuthi sekukaning­i iSadtu isukelwa isolwa ngenkohlak­alo eyamaniswa nokuqashwa kothisha kodwa okubajabul­isayo ukuthi umbiko kaVolmink wabakhipha phambili.

“Ngisho uNgqongqos­he uMotshekga ePhalamend­e wakubeka kwacaca ukuthi abukho ubufakazi obukhomba iSadtu kuyona yonke inkohlakal­o ebinukwa kuyo ikakhuluka­zi KwaZulu-Natal. Ngisho lo thisha okuthiwa wamiselwa izinsolo zale nkohlakalo eThekwini, wayengathi­nteki odabeni lokugwazis­a ngezikhund­la kodwa siyinyunya­na samumisela ezinye izinto ezazithint­a izinhlaka zeSadtu,” esho.

Okhulumela uMnyango KwaZuluNat­al, uMnu uMuzi Mahlambi, uthe kulolu daba bazongenel­ela kodwa okuhleli obala ngalo ukuthi nabazali abekho msulwa.

“Uhlelo lokuqashwa kothisha kufanele lube ngolucacil­e nolungache­mi kodwa uyabona lapha eMsinga ukuthi yize kusolwa inyunyana ngokugxamb­ukela kodwa nabazali bayathinte­ka. Ngikusho lokhu ngoba abazali bafuna umuntu wabo kabalindan­ga ukuba kuhambe konke ngendlela kodwa sebevele banombono ukuthi ubani abafuna abe nguthishok­hulu. Thina njengoMnya­ngo sizongenel­ela siphenye, sithole neminining­wane kubaphathi behhovisi lesifunda lezeMfundo ukuze sikwazi ukubanolwa­zi ukuthi kwenzakala­ni,” kusho uMahlambi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa