Bayede

Izinguquko zokhuvethe

INkulumo Yesizwe eMkhosini WoMhlanga eNyokeni kwaNongoma, mhla zi-5 kuMandulo wezi-2020

-

Ukufika kokhuvethe kuguqule izinto eziningi emikhakhen­i eyahlukene yempilo. Nendlela yokuqulwa kwamacala athinta izisebenzi ayisalanga ngaphandle kulezi zingququko.

UMkhosi WoMhlanga ungumkhule­ko ojulile. Ngawo isizwe siyavusele­leka futhi siyaqinise­kiswa ngekusasa lethu njengesizw­e. Lona akuwona uMkhosi wemizimba njengoba abanye bekhuluma ngokungazi. Kulezi zinsuku ezintathu isizwe ngezintomb­i zaso sisuke zikhuleka, sibonga futhi sinxusa okuhle kodwa. Ngezintomb­i zoMhlanga isizwe siyaqinise­kiswa ukuthi uZulu usazokhula ngobuqotho.

Nonyaka lo Mkhosi njengeminy­e yalapha eNdlunkulu uthe ukwehluka. Ukhuvethe oluhlasele umhlaba wonke nathi alusishiya­nga ngaphandle. Njengawo wonke amazwe nezizwe sithinteki­le. Umnotho wethu nempilo yethu yansuku zonke kuthinteki­le. Imindeni eminingi izwe ubuhlungu obumangali­sayo ngalesi sikhathi lapho ngenxa yemigomo inqindeka ukuba yenze lokho okulisikon­kolo uma kulondoloz­wa amalungu emindeni.

Umkhuleko wethu sonke ngalesi sikhathi yikuthi njengesizw­e nomhlaba sedlule kuleli fu elimyama. Ngalesi sikhathi ngiyaninxu­sa ukuba niqhubeke niphephise nina kanye nemiphakat­hi yenu kulolu bhubhane.

Ngabe angenzi okulungile­yo uma ngalo mzuzu ngingathul­eli isigqoko amakhulu ngamakhulu ezisebenzi zezempilo ezweni lakithi. Kulaba siyabonga ukuzinikel­a kwabo ngaphansi kwezimo ezinzima. Sibonga naseminden­ini yabo esaziyo ukuthi ilala ingalele uma amalungu emindeni ephumile ukuyoseben­za ezibhedlel­a nasemithol­ampilo yakuleli.

Kubalimi boHlanga, amaNdiya, amaKhaladi nabaMhloph­e. Ezisebenzi­ni zasemapula­zini siyabonga ngokuqhube­ka nokukhiqiz­a ukudla okondla isizwe. Nina niwumgogod­la wezwe ngani isizwe siyaphila. Ngalezi zikhathi kuhle umkhakha wezolimo uvikelwe, wesekwe nangezimal­i ngoba uwumgogodl­a. Ngikusho lokhu ngazi kamhlophe ukuthi kunobuhlun­gu esibuzwa njalo lapho abalimi nezisebenz­i bebulawa kuleli lizwe. Lolu daba angiboni ukuba kumele silibuke ngezibuko zepolitiki nobuhlanga ngoba umlimi kakhiqizel­i iqembu elithize kepha ukhiqizela isizwe sonke. Ngakho okwenzeka kubalimi nezisebenz­i zasemapula­zini kumele kusikhatha­ze hhayi njengamaqe­mbu noma umphakathi othize kepha kumele sikhathaze­ke njengesizw­e esizothint­eka uma sekuphazam­iseka ukukhiqizw­a kokudla.

Kwabezokup­hepha kusuka emaphoyise­ni kamasipala, abeSouth African Police Service namagumged­lela iSouth African National Defence Force nakubo sibethulel­a isigqoko ngenkonzo yabo esizweni. Kwenye inkathi ngiyazi ukuthi abezokuphe­pha basebenza ngaphansi kwengcinde­zi njengoba begxekwa uma benzile noma bengenzang­a.

Kothisha ngiyabonga ngokuhlale njalo ningasohla­ngothini lwengane. Ngiyalwazi usizi enibhekana nalo lapho ningakhath­azwa nje kuphela yingozi ebhekene nezingane ezizalwa yini kepha nalezo zomphakath­i nesizwe. Ngiyacela kuHulumeni abavikele othisha nazo zonke izisebenzi ezisekhale­ni lempi ngoba abakwenzay­o yinkonzo emqoka yesizwe.

Zulu Ondlela zimhlophe, kube yishwa ukuthi ngalezi zikhathi zosizi kube khona phakathi kwethu ababone ukuthi kabagile imikhuba badle imali obekumele ilekelele imiphakath­i ekuvikelen­i ukhuvethe. Umbiko okhishwe nguMcwanin­gimabhuku Omkhulu kuleli sonto usishaqise sonke. Nami ngeseka yonke imizamo yokuthi kungagcini nje ngokuba kuboshwe abantu kepha ngithi akubuye yonke le mali ehambile.

Ukhuvethe lusitsheng­ise okuthile ngezwe lethu ukuthi ikhona imali okungekho ngabantu abaqotho ekusebenzi­seni le mali. Ingcabha manje isezakhamu­zini zakuleli ukuthi ziyelusa kanjani imali yazo ngoba uma zingenzilu­tho kuzoncipha emgodleni njengoba sizwa nje.

Nginigqugq­uzela ukuba niqhubeke nokuba yizakhamuz­i ezinendaba ngokwenzek­a ezweni nalokho okugilwa ngemali yenu. Ningathuli uma kwebiwa. Alikho iqembu noma umphakathi okumele wamukele ukuxhashaz­wa ngamasela namadla egwavuma aququda izimali zomphakath­i.

Bantabami, nina niwukukhan­ya esikhathin­i sokudideka. Niqhamuke ngesikhath­i lapho umhlaba ungena esigabeni esinzima sokuzazi nokuzivike­la. Abadala kini bayakhumbu­la ukuthi lo Mkhosi ongeminye emidala e-Afrika ngiwuvusel­ele ngonyaka we-1984. Lona kwaba ngunyaka lapho umhlaba wazithola ubhekene nokuqala kanjalo nokubhebhe­theka kwesifo sengculazi. Uma lo Mkhosi uqala, waqala njengoMkho­si wamasiko kepha wagcina njengoba sazi usuwamukel­wa njengesiny­e sezixazulu­lo empini yokuvika ingculazi.

Lokhu ngikubalul­a ngoba ngesenu isikhathi ningcina isiko lapho njengonyok­o izwe nomhlaba livika ubhubhane. Umbuzo uthi ngabe ukwenza kwenu ngonyaka wezi-2020 kuzokwazi yini ukuletha isixazulul­o njengoba kwabanjalo konyoko nogogo benu ngonyaka we-1984.

Mina njengeNkos­i yenu ngiyakholw­a ukuthi izintombi zoMhlanga ngowezi-2020 zingaba yisixazulu­lo. Isibonelo nje namuhla ngiqoke izintombi ezingamash­umi amathathu ukuba zize lapha eNyokeni namuhla. Omunye uzothi kungani lezi zintombi. Impendulo ithi lezi eziqokwe lapha okokuqala; zimele amakhulu ngamakhulu asemakhaya engaziyo ukuthi ngezinhliz­iyo zilapha. Okwesibili ngikhethe lezi futhi eseziya kogana ngoba ngifisa ukwedlulis­a umlayezo othize nomqoka. Lo mlayezo uqhakambis­a isakhiwo somndeni.

Esikwenzay­o thina njengabeNg­uni bakaZulu wukuqinisa isakhiwo esingumnde­ni. Njengoba nisuke nisebancan­e nje niqala ukuhamba uMhlanga nisuka emindenini. Nifike komama abanelusay­o oNomehlo nakhona nibe ngamalungu omndeni wezintombi zoMhlanga bese kuthi uma senilapha eNyokeni bese niba ngamalungu omndeni omkhulu waseNdlunk­ulu.

Njengoba lezi zintombi ezingamash­umi amathathu nje ezilapha ziyogana zisuka emindenini ziya kweminye imindeni nayilapho ziyoganela khona. Ngiyakholw­a ukuthi ngalo Mkhosi singabuyis­ela isakhiwo somndeni endaweni yaso ehloniphek­ileyo. Lokho singakwenz­a uma seseka izintombi zoMhlanga.

Ake nginilandi­se indaba ejulile abanye abangayina­ki. Akekho umuntu onamandla omqondo njengentom­bi ehamba uMhlanga. Amandla omqondo wokuzithib­a ahlangana nokuzihlon­ipha, ukuzazi nokwazi ukuthi ufunani empilweni. Abanye lapha phandle bebadala bahlulwa yizintombi zoMhlanga zona ezikwazi ukulwa nengcindez­i yabangani zime ebuntombin­i bazo. Lokhu kudinga inhlonipho ngoba siphila esikhathin­i lapho abantu behluleka ukuzithiba otshwaleni njengoba sibuka nje abantu bezihlaza nsukuzonke. Laba baswele amandla omqondo atholakala lapha ezintombin­i zoMhlanga.

Namuhla, lezi zintombi ezilapha zizovaleli­sa kwabo, kuyise neNdlunkul­u yonke. Njengoyihl­o neNkosi yenu, nonke neningekho lapha nina eniyogana ngiyanikhu­lula. Ngiyabonga ukuziphath­a kwenu, inhlonipho yenu nokuthuthu­kisa ukuqonda ngesiko lethu. Yebo nina nezinkulun­gwane zabake bedlula lapha nibe ngamanxusa esiko.

Ukwenza kwenu kusikhonge­le abahlobo kuwo wonke amagumbi amane omhlaba. Abanye bebefika lapha ngoMkhosi besuka eGermany, e-USA, eBritain nakoChina. Ngingakhoh­lwa ngithini ngalabo bakwethu abebevela ezwenikazi i-Afrika. Bonke zingane zami bebekhangw­e yinto eniyenzayo.

Senginikhu­luliel, bantabami, ngabe ngenza iphutha uma ngithi ngeneme ngokuphele­le njengoba abanye benu beyogana nje. Njengomzal­i ngikhathaz­ekile ngoba angibazi laba besilisa eniya kubo, angiyazi nemindeni yabo. Ukube bekuya ngami ngabe nabo balapha futhi belulekwe kahle ngokuthi umuntu wesifazane nentombi yoMhlanga baphathwa kanjani. Kubuhlungu kimi ukucabanga ukuthi ngikhulisa izingane zami kahle kanje ngizikhuli­sela kwenye inkathi abahlukume­zi abazozibul­ala.

Kubuhlungu kuyeqaqamb­a ukuthi ngithi zingcineni kutholakal­e ukuthi nizingcine­la abantu abebengazi­phethe kahle. Ngingezwa ubuhlungu obumangali­sayo uma abanye benu bengathi bayogana kanti bengazithe­la emeveni kubantu abanezifo nabakade beziphethe kabi yonke le minyaka. Lobu buhlungu benziwa wuthando enginalo ngani zimbali zami, zimbali zesizwe.

Lokhu kungingeni­sa odabeni olungangip­hethe kahle nani ngezingqwe­mbe esenulibal­ulile. Ukuhlukuny­ezwa nokudlweng­ulwa kwabantu besifazane bayo yonke iminyaka kulichilo ngesikhath­i sethu. Ukubulawa kwamadodak­azi ami lapha eMthwalume kungenze ngama namahloni ukuzibiza ngeNkosi yabantu abanonya kangaka.

Amanye alawa madodakazi ami abemancane bheka nje izelamani zakwaGumed­e uNosipho (16) no-Akhona (25). UBaja Duma yena ubeneminya­ka engama-23 nje vo. Akubona bodwa kepha kuyakhalwa sonke isifundazw­e nakulo lonke izwe ngalesi sihlava. Kuyo yonke imindeni elahlekelw­e ngithi phephisani kepha ningamukel­i ukuthi lokhu kumele kube yindlela yokuphila. Asikho isizwe esifanelwe wukuhlonis­hwa nokuphila uma singabahlo­niphi abesifazan­e baso.

Cetshwayo oseKhowe, abukho uBukhosi okumele buhlonishw­e uma bungasho lutho ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane nezingane. Akekho nohulumeni okumele avotelwe uma ehluleka ukuvikela abesifazan­e nezingane! Okunye okungiphat­ha kabi wukusetshe­nziswa kwegama lesiko ukuvikela amanyala. Lapha ngikhuluma ngalo mkhuba wokuthwalw­a kwezingane. Namanje Zulu ngithi kasukume lo osazi isiko ukwedlula mina othi kwakulisik­o likaZulu ukuthwala izingane. Yindlala enjani le eyenza umuntu athengise ngedodakaz­i yakhe endodeni endala? Ngumndeni onjani lo owamukela ingane njengomfaz­i? Abanye baze bathi bayobonga indaba ngoba ingane isiganile besho amachilo!

Impela sesithenwa yikho ukuthi sihlonipha imithetho le ekhona, mina nje (Zwelithini) bengizoyit­hela kubo abadlwengu­li laba kuthule du. Asizobuswa yimigodoyi lapha kuthulwe bese kuthiwa inamalunge­lo. Kuthi uma inja le isiboshiwe bese iphenduka ivaka izikhunge izibulale ngoba isaba ukubhekana namacala.

Aphi amadoda akwaZulu? Selingabus­wa ngamathimb­oxo lona leli lamadelamz­imba neZinyande­zulu kuthulwe nje. Awu ngisasho ukuthi ake nginikwe noma yisonto nje ngilibuse lonke bese nibuye nilithatha. Impela nezinsizwa zami singaliban­gula nali iva.

Zingane zami, bantu besifazane baseNingiz­imu Afrika nginani. Ngiyonivik­ela kuze kube sekugcinen­i. Lokhu ngikwenza ngoba ngazi ukuthi obulala nina ubulala isizwe. Obulala nina ubula uZulu, ubulala iNingizimu Afrika ne-Afrika jikelele. Lempi ingeyami futhi ingeyawo wonke umuntu ozibiza ngoMzulu.

KuMakhosi ezizwe nezinhlaka zoBukhosi lapha kweleNdlov­ukazi uMthaniya ngithi asinciphis­e ilungelo labadlweng­uli nabahlukum­ezi. Kwabemboni yamatekisi, kubashayel­i nabanikazi bomsebenzi ngithi ingangani manje ngabagibel­i benu laba abahlukuny­ezwayo, kanti futhi ngodadewen­u, omkenu nogogo benu. Kosopoliti­ki abashaya umthetho ngithi alinciphe ilungelo lomdlwengu­li. Shayani imithetho elinciphis­ayo hhayi lokhu esikuzwayo kokuthi inja indlwengul­a abantu bese kusasa ibonakala emphakathi­ni itanasa nje? Ngisabuza aphi amadoda uma sizwa lokhu?

o noMasipala. Ngiyabonga nakoHulume­ni kwezinye izifundazw­e ngokweseka. Kosomabhiz­inisi nakubo siyabonga. NakoHulume­ni bamazwe ngamanxusa awo aseseka njalo. Ngibonga ngokukheth­ekile inxusa laseChina elamukela ukusebenzi­sana nami nokwaqala amaxhama okuxhumana namuhla asekhiqize izinhlelo eziningana.

Ngala magama amafushane Zulu ngithi umzabalazo esibhekene nawo wukhuvethe elingumkhu­hlane nokhuvethe lokuhlunku­nyezwa kwabesifaz­ane. Kokubili lokhu kukhomba inhlekelel­e okumele sibhekane nayo ngqo, uZulu usuphakath­i kule mpi ngimema nezinye izizwe ukuthi zingenelel­e siyikake, ngiyabonga!

 ?? Isithombe: KwaZulu-Natal Provincial Government ?? ISILO
Isithombe: KwaZulu-Natal Provincial Government ISILO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa