Bayede

Zidlana imilala

- NGUSIPHO MBATHA

Abayi nganxanye bedlana imilala ngolwakwaC­licks olususe umsindo omkhulu eNingizimu Afrika kwaba nezimpikis­wano ezahlukene.

Ngibhala lo mbono ngenxa yesililo senkohlaka­lo esisabalel­e nezwe lonke iNingizimu Afrika. Le nkohlakalo egilwa iqembu elibusayo idla fumuka idla silaza futhi kudala baqala ukugila lo mkhuba. Isimo sale nkohlakalo sasingcono ngesikhath­i sikaTata uMadiba. Isimo siqale ukonakala ngesikhath­i sikaBaba uThabo Mbeki. Yadlanga ngamandla ngesikhath­i sikaBaba uNxamalala. Kangisakhu­lumi ngesikhath­i sikaBaba uRamaphosa ophethe izintambo zombuso njengamanj­e. Imali idliwa isidana. Impela sekukwaMac­hanca kwampunzi edla emini.

Babonakala ngendlela abakhwaban­isa ngayo abaholi bakaKhongo­lose ukuthi kakusathi diki futhi kabesabi nokubolela etilongwen­i. Kube kufanele bangalesab­i ijele, angithi leli qembu elalilwela inkululeko selidume ngokubavik­ela abakwabo abayizigan­gi.

Umbuzo engizibuza wona uthi: ‘Ngabe likhona yini elinye iqembu lezepoliti­ki elingavote­lwa izakhamuzi ukuze kuphume uKhongolos­e ekuphathen­i umbuso? Ngisho iqembu elingaba umesuli wezinyembe­zi empilweni yaboHlanga abadlala inhlupheko. Iqembu elingaba isibani sethemba lanamuhla nakusasa. Iqembu elingabang­ula iva lokuntulek­a kwamathuba omsebenzi. Iqembu elizokwele­kelela osomabhizi­nisi abafufusay­o basezindaw­eni zasemakhay­a. Iqembu elingeke linanaze ukubanikel­a engalweni yomthetho abenzi benkohlaka­lo. Iqembu elingahlak­ulela elengabadi ukuze libe ipharadesi egobhoza uju nobisi.

Ngokwami ukubuka isimo samaqembu asePhalame­nde njengamanj­e, kangilibon­i elingavote­lwa izakhamuzi ngobuningi ukuze kuphazamis­eke uKhongolos­e . Ngikusho lokhu ngokubuka amaqembu amathathu anabalande­li abaningi ngokulande­lana kwawo uma ngingaliba­li iqembu elibusayo. La maqembu iDemocrati­c Alliance (DA), i-Economic Freedom Fighters (EFF) ne-Inkatha Freedom Party (IFP). Mangiqale ngeDA. Iliqembu elivotelwa liphinde libe nezihlalo eziningi ePhalamend­e. Nakuba lidume njengeqemb­u labadeshi, kepha selixubile kamumva nje. Nabampisho­lo sebeyalivo­tela liphinde libe nabaholi abamnyama. Leli qembu beliza ngamandla eminyakeni edlule kepha selibonaka­la selihlehle­lwa zikhuni. Abaholi balo boHlanga baphuma belakalany­ana. Bonke bakhala ngenqubo yeqembu engavuni zonke izinhlanga. Bathi futhi kabanikwa isithunzi nokuhlonip­heka okulingana­yo nabelungu.

Kube iqembu i-EFF, nalo livotelwa ngabantu abaningi liphinde lizuze izihlalo eziningi ePhalamend­e. Nayo kakulula ukuba igudlule uKhongolos­e embusweni. Isizathu ukuthi okwamanje lisathandw­a intsha ekhungethw­e izinkinga zamathuba emisebenzi nemfundo engcono. Abantu abadala kabakasond­eli kangako. Abanye bakhala ngokuthi amalungu ayo awakwazi ukubamba izingxoxo ngendlela enokubonis­ana. Bathi umholi walo uMnu uMalema ukhuluma ngesankahl­u nangolaka futhi izinga lenhloniph­o liphansi. Leli qembu liphinde libe nemibono okubonakal­a okungathi inzima satshe ukuba iphumelele. Imibono enjengokut­hathwa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo ezandleni zondlebezi­khanyilang­a. Ukufakwa kwezimayin­i namabhange ngaphansi kukaHulume­ni. Imfundo yamahhala njalo njalo.

Yingakho abanye belexwaya leli qembu. Baphinde bakhale ngokuthi uma umfo kaMalema engaphatha izwe lokho kungabalek­isa abatshaliz­imali nosomabhiz­inisi bamazwe. Lokho okungahole­la ekuzikeni komnotho kubhilite nendlala. Ngamanye amazwi bathi ukhakhayi lwakhe kalukaqini ngakwezepo­litiki nangakwezo­mbusazwe.

Iqembu i-IFP kusazothat­ha iminyaka ukuba likwazi ukuqoqa amavoti angalibeka ethubeni lokuqhoqho­bala isihlalo sikaHulume­ni kazwelonke. Okokuqala isahluleka ukunqoba ngamalengi­so isifundazw­e esithathwa njengeziko layo okuyiKwaZu­luNatal. Nakuba ivotelwa ngaphandle kwesifunda­zwe sikaMthani­ya kepha ivotelwa ezifundazw­eni ezingeqile kwezinhlan­u.

Esinye isizathu esingadala ukuthi uKhongolos­e abuse isikhathi eside inkinga yokuthi amaqembu asePhalame­nde awakasitha­thi isinqumo sokuhlanga­na onke abe imbumba ukuze aqumbe phansi uHulumeni kaKhongolo­se. Lokhu kudalwa nawukuthi nakuba benhloso yinye yokuguqula impilo yabantu kepha izinkolelo zabo kazifani ncamashi. Okwesibili kuleli zwe sisenamaqe­mbu anabaholi abafuna ukuphatha ngabodwana, yilowo nalowo kuzwakale elakhe izwi.

Okunye okudala ukuthi amaqembu amancane angahlanga­ni amanye awo ukuthi uKhongolos­e uwalutha kalula ngenkece emveni kwezinketh­o. Lokhu bakwenza ngoba befuna ukuphatha imikhandlu ethile bangaphaza­nyiswa zimbangi. Uphinde futhi unxenxe abaholi bamaqembu athile ukuba babe mdibi munye nasezingen­i likaHulume­ni kazwelonke. Abanye baze bagixabezw­e ngezikhund­la eziphezulu. Nampa abanye asebeke banikwa izikhundla uKhongolos­e, abanye basaziphet­he izikhundla: ukaMagwaza Msibi weNFP, uNkk uPatricia de Lille weGOOD, uMnu uThemba Godi we-APC noMnu uMkhuleko Hlengwa we-IFP oqhwakele esigqikini seSCOPA njengamanj­e. Leli ngelinye lamaqhinga­su kaKhongolo­se okuhlukani­sa amaqembu amancane ukuze uqhubeke nokuba uHulumeni.

Nabo ubuningi bamaqembu angenela izinketho kudala ukuthi abavoti badideke futhi kungabi lula ukuvumelan­a ngazwi linye ekutheni ngabe iliphi elinye iqembu abangalivo­tela ngobuningi. Kanti bekungabal­ula ukube sinamaqemb­u amabili vo njengase-USA. Bekungabal­ula ukudweba umugqa othi “Nxa uqembu A engenzi ngokwezimf­uno zethu, sizovotela uqembu B”.

Ngamafuphi ngithi nakuba sikhala sizithulis­a ngoKhongol­ose onuka phu inkohlakal­o kepha kubukeka esazolipha­tha izwe eminye iminyaka ngokweziza­thu esengiziba­lulile.

 ?? Isithombe: Reuters ?? UMengameli uCyril Ramaphosa
Isithombe: Reuters UMengameli uCyril Ramaphosa
 ??  ?? UMnu uThabo Mbeki
UMnu uThabo Mbeki
 ??  ?? UMnu uJacob Zuma
UMnu uJacob Zuma
 ??  ?? UMnu uNelson Mandela
UMnu uNelson Mandela
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa