Bayede

Izinkulung­wane zabahola impesheni nezibonele­lo bazothinte­ka

- LUSUKA EKHASINI - 1

Amabhange abuye ahambisane nabomshwal­ense ngokuseben­zisa izinkapani zawo.

“Imboni yomshwalen­se ngokwayo iqhoqhobel­e izinkampan­i ezinhlanu ezinama-74% wemakethe yomshwalen­se wesikhathi eside. Kunjalo nje izimeneja eziyisikho­mbisa zezimali ezinkulu zilawula ama-60% otshalomal­i lwama-Unit Trust aphethwe.”

Lesi sithombe siveza umqansa uHulumeni oholwa wuKhongolo­se ozobhekana nawo ekuguqulen­i amandla omnotho kuleli.

Ukushweba kwePosi kusho okwamanje ukugeja umgodi kukaHulume­ni njengoba kusho ukuthi lezi zikhondlak­hondla kuzoqhubek­a kube yizo ezihlomula­yo. Khona lapho ubufakazi buningi obuthi abantu abaningi abazothint­eka ngaboHlang­a abazoqhube­ka nokondla amabhange angaphethw­e yibo.

Okunye lapho aboHlanga abangahle bathinteke khona kusezinhla­wulweni ezibanjway­o uma bekhipha imali. Okungenzek­a wukuthi aqale kancane kepha iqiniso lithi uhulumeni ngeke abe namandla okulawula manxa ibhange thizeni likhuphula imali leyo.

Ngamafuphi, izikhondla­khondla zamabhange zizosenga kabili, kuHulumeni ozobe efaka imali kuwo ukuze bakhokhe. Babuye basenge kulabo abazokhiph­a imali yabo yempheshen­i nezibonele­lo.

Umbuzo uthi ngabe sisazoba khona yini isikhala sebhange lombuso noma seliyofika selikhothu­luza ingoloyi?

Ngesonto eledlule ElaboHlang­a libike ngezinkulu­mo zokuvalwa kwesinye sezikhungo i-Thala Developmen­t Finance Corporatio­n (i-Ithala) obekulinde­leke ukuthi zingahle zibe yimpendulo embuzweni kaHulumeni wokwakhiwa kwebhange lombuso.

Lesi sikhungo esigxile kweleNdlov­ukazi uMthaniya, nonyaka sigubha iminyaka engama-60 sasungulwa ngenhloso yokuthuthu­kisa aboHlanga emalokishi­ni nasemakhay­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa