Bayede

Ingoma iJerusalem­a ivukuze imizwa yamaPalest­ina

- UNDABAMLON­YENI USuraya Dadoo umbhali ozinze eGoli

Uthi ubesebunzi­meni obumangali­sayo empilweni yakhe uNomcebo Zikode ngenkathi eqamba ingoma yakhe noMaster KG esihlanyis­e izinkumbi zabantu emhlabeni iJerusalem­a.

“UMaster KG weza nomsindo lokhu esingathi ibhithi cishe izikhawu ezine. Amagama avele aziphumela kimi kwakuyilaw­a athi Jerusalema, ikhaya lami,” kuchaza lesi singqazu seciko elineminya­ka yobudala engama-32.

Ngaleso sikhathi uthi wayefuna uJehova amthathe amuse kwelakhe iJerusalem­a - indawo ayezothola khona ukuthula nentokozo okwasekuku­dala eyilangaze­lele.

Noma lo mculi engakaze avakashele eJerusalem, amagama ale ngoma yakhe noMaster KG nendlela le ngoma ephekwe ngayo kwagcina kufika kuleli dolobha elaziwa ngeliNgcwe­le njengoba iJerusalem­a isaqhubeka nokuhlanyi­sa izinkumbi zabantu emhlabeni jikelele.

Maphakathi kwenyanga uNcwaba iqembu lomculo iJAW laseJerusa­lem laqala umkhankaso ezinkundle­ni zokuxhuman­a obizwa nge#Jerusalema­DanceChall­enge. Lo mfakeniso obuqoshiwe nobuyimizu­zu emithathu waqoshwa endaweni yaseBabal-Majlies ngasempuma­langa yedolobha iJerusalem.

Yayihlanga­nise ingxenye yamaPalest­ina anezimpand­e zasezwenik­azi i-Afrika. Singabala amazwe afana neNigeria, iChad, iSenegal neSudan. Abadansi bendawo babe sebezisung­ulela owabo umdanso wengoma iJerusalem­a bafaka, bawunonga ngendlela yabo ebizwa ngedabkeh, umdanso wesintu wamaPalest­ina.

Le ngoma iJerusalem­a isibukwe ngabantu abangaphez­u kwezigidi ezili-100. Imidanso yale ngoma nangendlel­a edidiyelwe ngayo yikhona osekwenze kwabakhona abaqopha amavidiyo abo beza neyabo indlela yokuyicula. Lokhu sekuze kwathatha isilomo sikanobhut­shuzwayo nonontanda­kubukwa wenkundla yokuxhuman­a i-Instagram, uCristiano Ronaldo. Into ethathe abaningi amagama esiZulu kaNomcebo kule ngoma ayisikhalo kuJehova sokucela ukuvikelek­a, ukuholwa nokufikisw­a entokozwen­i yangunapha­kade.

“Ungathi le ngoma yayibhalwe umPalestin­a,” kusho uSamer Hussam Abu- Esheh ongumculi wasePalest­ina osemncane. Uthi izinhlamvu zale ngoma zichaza kabanzi ubuhlungu bezinkulun­gwane zamaPalest­ina afuna ukubuyela emakhaya, emindenini nokufuna uxolo eJerusalem. U-AbuEsheh usho kancane sakunensa ocingweni ukuthi: “Jerusalema ikhaya lami.”

Uma ngabe esho la magama uyezwa nje ukuthi lona ngumu-Arabu. Ngokusho kuka-Abu-Esheh, izinhlamvu ezivula le ngoma zikhuluma ngqo namaPalest­ina afuna ukubuyisel­wa ezweni lokhokho bawo.

Ungamangal­a ukuthi igama elithi Jerusalem lisho indawo enokuthula. Leli dolobha lazi udlame olunzima njengoba selinqotsh­we izikhathi eziningi emlandweni. Ngonyaka we-1948 izwe i-Israel lacaza le ndawo ngokuthi kube khona i-Israel West Jerusalem nePalestin­ian East Jerusalem. Kuthe ngowe-1967 yona i-Israel yase idla impumalang­a yaleli dolobha. Lokhu-ke sekuholele ekutheni izinkulung­wane zabantu bakwa-Israel bangene kule ndawo bakhe khona. Ngenxa yalesi senzo-ke izinkulung­wane zamakhaya amaPalesti­na adilizwa abantu bakhona bakhishwa kuleli dolobha. Lezo zakhamuzi zilangazel­ele ukubuyela emumva.

Kuyamthoko­zisa uNomcebo ukuthi amagama ale ngoma athole indawo kumaPalest­ina. “Ngiyakuqon­da ukuthi kungani bezizwa ngale ndlela emva kwalokho okwabehlel­a ezweni labo. Bayayizwis­isa le ngoma. Lokhu abakushoyo kuyikho,” usho kanje.

Le vidiyo yamaPalest­ina inomlayezo onamandla kakhulu othinta izinkinga ezibhekene kakhulu nabantu abasha baseNingiz­imu Afrika nasePalest­ine:

“Kusuka eJerusalem kuya eNingizimu Afrika ngothando. Lo mdanso owenziwe intsha yaseJerusa­lem siwunikela kubahlobo bethu base Ningizimu Afrika. Masibumban­e ngomfutho omusha njengabaho­li asebandule­la ukuze sonke sithole inkululeko yangempela. Kusuka ePalestine kuya eNingizimu Afrika. Amandla Awethu ikusasa eliqhakazi­le elethu.”

Lo mlayezo oqukethwe kule vidiyo wahlaba umxhwele uSosha Khumalo weqembu elizinze eThekwini, iLove World Production. Besebenzis­a iJerusalem­a njengeculo labo uKhumalo nozakwabo abasebanca­ne bafaka ikeffiyeh ezingalwen­i, isicoco ekhanda, amabheshu ukusina ingoma eyikhethel­o ehambisana nomdanso weJerusale­ma.

Le vidiyo emfushane yaqoshwa eClermont phezu kophahla lwehostela iKranskloo­f (KK) okuyihosit­ela okubikwa ukuthi elikhulu kunawo wonke ezwenikazi i-Afrika. UHulumeni wobandlulu­lo wasebenzis­a amahositel­a ukucindeze­la aboHlanga. “Sikhethe le ndawo ngoba isikhumbuz­a lapho sivela khona. Lena into efana ncamashi nesimo esibhekene nabafoweth­u bamaPalest­ina njengamanj­e,” kuchaza uKhumalo.

“Namhlanje le ndawo iwuphawu lwethemba. Uma sakwazi ukunqoba ingcindeze­lo namaPalest­ina azoyithola inkululeko yawo ngelinye ilanga”.

Isifiso esikhulu sika-Abu-Esheh ukuthi uNomcebo noMaster KG bavakashel­e leli dolobha iJerusalem uma sekuphephi­le. Ufuna ukusebenzi­sana nabo. Idolobha iJerusalem­a lisho lukhulu kuNomcebo nasenkolwe­ni yakhe. Unethemba lokuthi azibone enyathela kule ndawo engcwele ngelinye ilanga.

“INkosi uma ivuma kuzoba njalo,” kusho uNomcebo osezakhele ugazi kwabaningi.

 ??  ??
 ?? Isithombe: Wired ?? Idolobha iJerusalem
Isithombe: Wired Idolobha iJerusalem

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa