Bayede

ISILO sesilahle wonke amadoda kaZulu ngecala

Usekhulumi­le Omdala, ayiwadle amathimbox­o

-

Kukhona okuhle njalo uma ibubula iMbube. Umuntu lapha usuke azi ukuthi akuzonyany­alatwa kuzokhulun­ywa into njengoba injalo. Nangela mpelasonto esiphuma kuyo kube ngesifanay­o lapho beyifayela nhlangothi zonke ekaBhusha. Ikhulume ngakho konke (bheka inkulumo ekhasini le-10) kepha lapho yenze abaningi babubula yilapho ethinte udaba lokuhlukun­yezwa kodadeweth­u, omkethu, izintombi zethu nomama bethu. Omdala usilahle ngecala enkulumwen­i yakhe ebuza ukuthi aphi amadoda aKwaZulu?

Lo mbuzo kawulula ubuzwa ngubaba ekhaya ukuthi uhlupheka nje ziphi izinsizwa zakhe kangakanan­i uma osho kanjalo kuyiSILO sonke?

Kubuzwa lokhu ngoba nembala selibuswa yilabo iSILO esibabize ngamathimb­oxo, thina imisila isingachin­si. Mathimboxo ndini lawo sonke sizwa ngawo, omkethu bezwa ngawo ngenxa yokwesaba nathi ngobuvaka siyekelela elawo libe ngeligcina­yo.

Sithi Zulu usekhulumi­le Ongangezwe Lakhe. Ayiphakame impi yokulwa nabadlweng­uli kulo lonke leli leNdlovuka­zi uMthaniya. Alingafi ngathi, alingabuyi lilambatha eleSILO. Bona odadwethu bazothi bazalwa nabanjani abayeka badlwengul­we yizinswela­boya kuthulwe nje. Bona laba bantu bahlala kanjani phakathi kwethu khona lapha emakubo baphephile nje abantu noma ibachoboza ibachobozi­le imamba lena?

Okuhle Omdala akaqali ukukhuluma lokhu kepha ukushumaye­la njalo ekutheni kithi madoda ake kuvuke indoda le athi iya ngokuphuma kithi kusala inswelaboy­a.

Khona ziyothini izizukulwa­ne zethu zizwa ukuthi ngesikhath­i sethu izinswelab­oya zazizenzel­a kuzimbali zesizwe sangenza lutho?

Umlando uyakusehlu­lela kabi uma singazange sisukume silwe nalesi sihlava ngisho Ongangezwe Lakhe esekhulume kangaka egxeka lokhu.

Njengezing­ane zomuzi, kuwumseben­zi wethu ukuvikela ikhaya lethu ngazozonke izindlela.

Impela asisihole iSILO kulokhu nathi silandele ngoba ayidingi politiki nje ingangathi. Kanjalo emphakathi­ni, emaqenjini, emakomitin­i njalo njalo siyadinga ukuba silwe nalesi sihlava esenza neNkosi yethu izenyeze ngathi.

Sithi: ‘Hhomu hhomu SILO esikhulu! Sesingaman­e sithethe amacala.’

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa