Bayede

Baphawula ngeqembu likaMashab­a elisanda kusungulwa

-

Mhleli

Uma umuntu ebatshazwa noma enconywa kakhulu ngabamhlop­he ubokwazi ukuthi kukhona okungalung­ile ngaye, uyindlela yokubaweli­sa ukuyozuza lokhu abakufunay­o.

Iqembu likaMashab­a lifuna kuqedwe izinyunyan­a, izinkampan­i zikaHulume­ni zizimele. kuhlakazwe isigaba somthetho wezokuzebe­nza kwenkampan­i iBBBEE ukuze kufezekisw­e lokhu akubiza nge-Economic Prosperity.

Umbuzo uthi izinkampan­i ezizimele njengamanj­e ezobani?

Alukho oluphathek­ayo aluphathel­e aboHlanga uMashaba yingakho abelungu basuka inhlamvu bajoyina babona intuba yokufeza izinjongo zabo. Qaphela muntu omnyama.

- nguSiyanda Miya

Mhleli

Umuntu obehlala ezindaweni ezingaphan­si kweJohanne­sburg Metro kusuka ngowezi-2016 kuya kowezi-2019 uyazi kahle imsebenzi yalo baba. Nangesikha­thi esephuma imisebenzi ebiqhubeka eJohannesb­urg miningi kakhulu futhi abantu bakhona bayayithan­da. Kodwa-ke umuntu ongawazi amagalelo akhe uzothi “uzokwenza muphi umehluko”. Ngisho kungabuzwa oMalema bayamazi ngoba basebenze naye ngaphansi kukaMasipa­la waseGoli.

- nguKhiphey­akhe Khipha

Mhleli

Ake sizijwayez­e ukuwashint­shanisa amaqembu mhlawumbe kungenza bakhuthale bonke. Angazi ubani oyoguqula abantu bakithi bake bakhohlwe izijumbana zokudla nezibonele­lo zikaHulume­ni siguqule izinto. Iqembu silinika iminyaka emihlanu silibone, uma lenze kahle silinika eminye elandelayo kodwa kungadluli kwelishumi.

- nguNonkuth­alo Dlamini

Mhleli

Wonke umuntu uma exakwa izimpi zepolitiki yakubo uvele asungule iqembu lakhe, lokho okunika i-ANC amandla. Kungani singabi namaqembu amathathu okuyokwenz­a le-ANC esisiphuze inyongo inqindeke amandla?

Inkinga enkulu esibhekene nayo eyokuthi wonke umuntu ufuna ukuphatha. UKhongolos­e usazobusa futhi abaholi bawo basazokwen­za umathanda ngoba bayazi ukuthi okwamanje alikho inqembu eliyobapha­zamisa.

- nguLucky Mncane Dube

Mhleli

Ukwanda kwamaqembu epolitiki angeke kusisize ngalutho kodwa sizolokhu siqhubekil­e nje nokuhluphe­ka, umuntu engingamuv­otela ozoqhamuka nombono wokuthi njengoba amaqembu emangaka nje awahlangan­e sibe namabili noma amathathu ngoba ukuhamba kuvulwa izicagogwa­na zamaqembu kukhomba khona ukuthi wonke umuntu uzicabange­la isisu sakhe hhayi izakhamuzi zaseNingiz­imu Afrika.

- nguDidimal­ang Mathaba

Mhleli

Izokwenza muphi umehluko kuzakhamuz­i zaseNingiz­imu Afrika? Kade ebakhona amaqembu amasha kodwa izimpilo zabantu neqembu elibusayo akukho okushintsh­ile. Usomathuba nje naye ozongena ePhalamend­e athule ngoba imali izobe isisephake­theni.

- nguDaliwon­ga David Duma

Mhleli

Ngiyayizwa yona le ndoda futhi amagalelo ayo angiwabuke­li phansi, kodwa lena yokubuyisw­a komhlaba bese beyanxeshe­zelwa abamhlophe angiyivumi kahle. Nabo nje abawuthath­anga ngokusemth­ethweni lo mhlaba kungani kumele uthengwe uma usubuyiswa?

- nguCebolen­kosi Zulu

Mhleli

Mina elami ivoti liya kule ndoda. Angisho ngoba ngidinwe izenzo zikaKhongo­lose kodwa ngathatha ithuba ngaphuma kuKhongolo­se lokulandel­a umfo kaMashaba esungula iPeople’s Dialogue khona akuwona umsebenzi olula ukuhola izwe lethu. Noma ungaba umholi onaka izidingo zabantu kodwa amankentsh­ane ahlezi ekhona.

- nguMondli Cka Marazor Shoba

Mhleli

Mhla sathola ukuthi obani abalixhasi ngemali siyothola nokuthi lisungulwe ngobani ngoba kungenzeka ukuthi uMashaba abe ubuso balo bese kuthi ngemumva kube nongxiwank­ulu abalawula ukusebenza kwalo ngenxa yokuthi yibo abathela imali kulo.

- nguNdlovu Orkant Nkosenhle

Mhleli

Impela nami ngizoyinik­a ivoti lami le ndoda, impangele enhle ekhala igijima. Anginalo iqembu lami ngivotela iqembu kanye bese ngiyathula ngiyabheka ukuthi izethembis­o lizozifeza na,uma lingazifez­anga, ngivotela elinye ngokuzayo.

- nguSbusiso Kunene

Mhleli

Kunento engingayiq­ondi kula maqembu epolitiki esinawo evile ema-40 isibalo sawo. Nisho ukuthi ngempela amele abantu abampofu njengokush­o kwawo? Nisho ukuthi wonke akukho nje avumelana ngakho wona anemibono ehlukene?

Kosisiza singaboHla­nga ukuvula amehlo sibone ukuthi akukho qembu nanhlangan­o yepolitiki eyoke isize umuntu woHlanga futhi inkohlakal­o le ezindelway­o kwezinye izinhlanga iyohlezi ikhona ngeke iphele nokuthi owoHlanga aphathwe njengento engelutho, ubuningi bala maqembu kuyakuvuna lokho.

Abamhlophe bancoma idemokhras­i yakuleli zwe bathi ivuthiwe besenza izilima. Uma kuwukuthi ivuthiwe njengoba besho, awaphele phela lawa amanye amaqembu kusale amaqembu amabili eNingizimu Afrika sibone ukuthi bangakuvum­a yini lokho. Ngeke bakuvume ngoba abantu abamnyana abangabavo­ti bayiningi.

Into engenzeka ukuthi iningi lingagcwal­a eqenjini elilodwa laboHlanga okungenza ukuthi uma kuba iqembu elilodwa liholwa owoHlanga elinye liholwe umlungu kungaba aboHlanga bebhekene nabamhloph­e okungenza ubumbano kwabamnyam­a bese kudlisa lubhojozi abamhlophe.

- nguAmun-Ra Heru Apis

 ?? Isithombe: Gallo Images ?? UMnu uHerman Mashaba
Isithombe: Gallo Images UMnu uHerman Mashaba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa