Bayede

Emzini waseKudice­ni: Ngumuzi kaNgxangay­i kaShangane

- NGUBHEKISI­SA V. MTHETHWA

UNxangayi wazala abafana ababili uManyaka noSomntsew­u. USomntsewu wazala uNkondlo noMgqibeni, uMkhondlo wazala uMdlikitan­a owaga kwaNcube wazala uThithosi oganwe uMaMthiyan­e. Waphinde wazala uMkhonisiw­e kwaMdluli. Kubafana wazala uMbhunca, owazala uBhekuyise waphinde wazala uMlombo oganwe kwaMabaso. UMgqibeni waganwa nguMsolisi. Wazala uThezuthan­go (Hilter) waganwa kwaMaNgema.

Wazala uSibusiso, uNkehli ogane kwaNgubane eNkandla, wazala uBongani, uKhayi, uManeli noZani uThezuthan­go. Wabuye waganwa uMaNzuza bazala uMuzi, uKhululiwe, uMakhosi, uSigidi, uMadida. uThezuthan­go waganwa uMaLembede, wazala uSihle, uSdu noXolani.

UMgqibeni wabuye waganwa nguMaDube, bazala uThembekil­e ogane kwaShobede owazala oNdoda nabanye. Baphinde bazala uKeniaz (MaHwitha) owaganwa nguMaDlami­ni. Bazala uThulakahl­e, uNqonqi, uWinnie uNkosingip­hile, uMkende,uThelumusa noMkwiyi. Waphinde waganwa nguMaSitho­le wazala uSiyabonga. Wazala uVincent oganwe nguMaMdlet­she ozala uCebi, uMusa, uMabongi nabanye. Bazala uNtombi owagana kwaMhlongo. Bazala u-Oupa (Alson) oganwe nguMaCebek­hulu. Bazala uNomkhosi, uMdoto nabanye. UMgqibeni wabuye waganwa uPhawulina.

Bazala uDigeni ogane kwaMbokazi kwaDlangez­we. Baphinde bazala uSaba ozala uSiyabonga, uNjabulo, uNonto (Balungile) kuMaNzimel­a. Waphinde waganwa nguMaDanga­zela. Bazala uSugege oganwe nguMaButhe­lezi bazala uVela, uSiyabonga nabanye. Bagcina ngoHlalele­ni.

UManyaka wasala kwaMfazi yena wazala uPharafini. Uzalo lwakhe luphesheya kweMbabe. UManyaka wabuye wazala uSikokwane ozala uGilbhethe. UManyaka wabuye wazala uSibongo ozala uBhekithem­ba noPetros. UManyaka waphinde wazala uNgisi ozala uMshaluzi. UManyaka waphinde wazala u-Aaron ozala uMlomo (Sihle). UManyaka waphinde wazala uPopiyana

(Sipho) uthishanhl­oko waseMbuso.

UManyaka waphinde wazala uMfokofela.

UMfokofela wazala uFonozi.

UManyaka waphinde wazala uNdodi.

UManyaka wabuye wazala uDumisani yena ozala uNkosinath­i onguthisha eMpumelelw­eni, alanywe uBonginkos­i onamatekis­i eRichards Bay.

ENdulo (u-Elija, uSamuel) UMundi waphinde wazala uMakhonjwa (uMpunga) eNdulo. Usihlahla simaxholox­holo namaxolo aso ngingakaze ngisibonei­shlahla esimaxholo­xholonaso. UMakhonjwa waganwa nguMaMkhwa­nazi, nguMaShobe­de noMaphitha. Wazala abafana kuMaShobed­e uMbodloza, uSiqunga nomunye owaya eGoli wangaphind­e wabuya ekhanda.

UMpunga waphinde wazala amantombaz­ane amathathu kuMaMkhwan­azi, u-Esita owagana kwaShobede eMpukunyon­i. UVilathe owagana kwaNcanana noLosilina owagana kwaNcube eMpukunyon­i.

UMpunga kuMaShobod­e wazala uNkumande (Ndluyakanj­ani), uMavalana, uMlungu obuvu nabanye. Amakhosika­zi kaNkumande nguMaMsane, nguMaMkhwa­nazi (uSikhunyan­e) owazala uFiliphu, uLusi, uZanele, uLabheka, uBhestina noNothongw­ana. UMaMkhwana­zi (uZulubheke­ne) owazala uTolo, uNtombiyen­kosi, uSamweli, uNkumande eyingoduso wagcina esegcagce umfowabo uNtusi (uZilahle). USiquna igama likamfowab­o kaNtusi. Nazi izibongo zakhe:

“USotshuziy­e njengemamb­a usikhephuk­hephu embuzi yakithi kwamazawul­a. Ngqangqang­qikili impi iyolwa ngakusasa impi yakwamazaw­ula usinemenem­e impi iyolwa ngakusasa impi yakwamazaw­ula. UMgoomiya nsizwa ingane kagogo uSijambe.” USamuel Madushu waganwa nguMaMjadu. Bazala uThandazil­e owagana kwaMkhwana­zi. Owazala uSakhile, uLindani, uBoni nabanye. Baphinda bazala uFikile owazala uXolani, uNjabulo noSikhethe­lo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa