Emzini waseKudiceni: Ngumuzi kaNgxangayi kaShangane
UNxangayi wazala abafana ababili uManyaka noSomntsewu. USomntsewu wazala uNkondlo noMgqibeni, uMkhondlo wazala uMdlikitana owaga kwaNcube wazala uThithosi oganwe uMaMthiyane. Waphinde wazala uMkhonisiwe kwaMdluli. Kubafana wazala uMbhunca, owazala uBhekuyise waphinde wazala uMlombo oganwe kwaMabaso. UMgqibeni waganwa nguMsolisi. Wazala uThezuthango (Hilter) waganwa kwaMaNgema.
Wazala uSibusiso, uNkehli ogane kwaNgubane eNkandla, wazala uBongani, uKhayi, uManeli noZani uThezuthango. Wabuye waganwa uMaNzuza bazala uMuzi, uKhululiwe, uMakhosi, uSigidi, uMadida. uThezuthango waganwa uMaLembede, wazala uSihle, uSdu noXolani.
UMgqibeni wabuye waganwa nguMaDube, bazala uThembekile ogane kwaShobede owazala oNdoda nabanye. Baphinde bazala uKeniaz (MaHwitha) owaganwa nguMaDlamini. Bazala uThulakahle, uNqonqi, uWinnie uNkosingiphile, uMkende,uThelumusa noMkwiyi. Waphinde waganwa nguMaSithole wazala uSiyabonga. Wazala uVincent oganwe nguMaMdletshe ozala uCebi, uMusa, uMabongi nabanye. Bazala uNtombi owagana kwaMhlongo. Bazala u-Oupa (Alson) oganwe nguMaCebekhulu. Bazala uNomkhosi, uMdoto nabanye. UMgqibeni wabuye waganwa uPhawulina.
Bazala uDigeni ogane kwaMbokazi kwaDlangezwe. Baphinde bazala uSaba ozala uSiyabonga, uNjabulo, uNonto (Balungile) kuMaNzimela. Waphinde waganwa nguMaDangazela. Bazala uSugege oganwe nguMaButhelezi bazala uVela, uSiyabonga nabanye. Bagcina ngoHlaleleni.
UManyaka wasala kwaMfazi yena wazala uPharafini. Uzalo lwakhe luphesheya kweMbabe. UManyaka wabuye wazala uSikokwane ozala uGilbhethe. UManyaka wabuye wazala uSibongo ozala uBhekithemba noPetros. UManyaka waphinde wazala uNgisi ozala uMshaluzi. UManyaka waphinde wazala u-Aaron ozala uMlomo (Sihle). UManyaka waphinde wazala uPopiyana
(Sipho) uthishanhloko waseMbuso.
UManyaka waphinde wazala uMfokofela.
UMfokofela wazala uFonozi.
UManyaka waphinde wazala uNdodi.
UManyaka wabuye wazala uDumisani yena ozala uNkosinathi onguthisha eMpumelelweni, alanywe uBonginkosi onamatekisi eRichards Bay.
ENdulo (u-Elija, uSamuel) UMundi waphinde wazala uMakhonjwa (uMpunga) eNdulo. Usihlahla simaxholoxholo namaxolo aso ngingakaze ngisiboneishlahla esimaxholoxholonaso. UMakhonjwa waganwa nguMaMkhwanazi, nguMaShobede noMaphitha. Wazala abafana kuMaShobede uMbodloza, uSiqunga nomunye owaya eGoli wangaphinde wabuya ekhanda.
UMpunga waphinde wazala amantombazane amathathu kuMaMkhwanazi, u-Esita owagana kwaShobede eMpukunyoni. UVilathe owagana kwaNcanana noLosilina owagana kwaNcube eMpukunyoni.
UMpunga kuMaShobode wazala uNkumande (Ndluyakanjani), uMavalana, uMlungu obuvu nabanye. Amakhosikazi kaNkumande nguMaMsane, nguMaMkhwanazi (uSikhunyane) owazala uFiliphu, uLusi, uZanele, uLabheka, uBhestina noNothongwana. UMaMkhwanazi (uZulubhekene) owazala uTolo, uNtombiyenkosi, uSamweli, uNkumande eyingoduso wagcina esegcagce umfowabo uNtusi (uZilahle). USiquna igama likamfowabo kaNtusi. Nazi izibongo zakhe:
“USotshuziye njengemamba usikhephukhephu embuzi yakithi kwamazawula. Ngqangqangqikili impi iyolwa ngakusasa impi yakwamazawula usinemeneme impi iyolwa ngakusasa impi yakwamazawula. UMgoomiya nsizwa ingane kagogo uSijambe.” USamuel Madushu waganwa nguMaMjadu. Bazala uThandazile owagana kwaMkhwanazi. Owazala uSakhile, uLindani, uBoni nabanye. Baphinda bazala uFikile owazala uXolani, uNjabulo noSikhethelo.