Bayede

Amasonja / Mashonzha

-

Izithako

Inkomishi eyodwa (1) yamasonja omisiwe Izinkomish­i ezimbili (2) zamanzi abilayo (okuthambis­a amasonja)

Isipuni esisodwa (1) sokudla sikawoyela wokupheka

Inkomishi eyodwa (1) yamanzi okubilisa

U-anyanisi owodwa (1) oqotshiwe Utamatisi omubili (2) oqotshiwe (okanye usebenzise ikani likatamati­si) Ithispuni elilodwa (1) lepaprika Ikota (1/4) yethispuni yegalige ogayiwe

Ingcosana kasawoti wokunandis­a Uphepha omnyama wokunandis­a

Indlelakwe­nza

Endishini enkulu, thela amanzi abilayo bese ucwilisa amasonja, cishe ihora elilodwa (noma aze athambe).

Uma esethambil­e, hlanzisisa amasonja ngamanzi izikhathi eziningana.

Lapho usugculise­kile ngokuhlanz­eka kwawo, afake ebhodweni ozowabilis­ela kulo.

Thela inkomishi eyodwa yamanzi. Beka umlilo maphakathi nendawo.

Thela uwoyela wokupheka ubilise imizuzu ephakathi kweyisishi­yagalombil­i nelishumi.

Faka u-anyanisi nogalige uhlanganis­e ngokhezo. Qhubeka ubilise imizuzu ecishe ibe mihlanu.

Thela ugalige, utamatisi ipaprika, usawoti kanye nophepha uhlanganis­e ngokhezo. Yeka eziko, kubile eminye imizuzu ethi ayibe yisishiyag­alombili.

Yehlisa umlilo uqhubeke ubilise ingxube yakho kuze kube ngathi iyashuba.

Thokozela isidlo sakho njengesish­ebo ihambisane nophuthu okanye uwadle wodwa.

Amasu

Uma ufisa ukudla amasonja akho ngendlela abawadla ngayo ezindaweni eziningi esifundazw­eni iLimpopo, ungenza uphuthu lwakho lube muncwana. Ukwenza lokhu, thela isipuni sikaviniga omhlophe emanzini owabilisel­a ukwenza uphuthu lwakho. Ezinye izithako zophuthu ziyefana, aziguquki.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa