Bayede

Izinkantol­o zibhekelel­a ukuphepha kwengane oqhekekwen­i lomndeni

-

Ezimweni lapho kuthinteka khona ilungelo lokugcina ingane, miningi imibuzo evelayo. Umuntu osuke esezinhlel­weni zesahlukan­iso somshado uyafuna ukwazi ukuthi ngabe ingane izohlala naye uma kungenjalo ngabe uzokwazi ukwenza izinqumo ezibalulek­ile ngendlela ingane okufanele ikhuliswe ngayo.

Ngakolunye uhlangothi uma uyisihlobo esiseduze sengane noma umngani womndeni wale ngane ongayizali ungazibuza futhi ukuthi ngabe ukuyigcina ngaphansi kwakho khona yinto engenzeka yini?

Kodwa impendulo kulokhu isezimpand­eni zesimo umuntu asuke esebhekene naso kanti abazali noma abanye abangenaso isipiliyon­i ngezindaba ezithinta ukugcinwa kwengane nokusebenz­a komthetho okubakhath­aza kakhulu ukuthi sithathwa kanjani isinqumo kulesi simo.

Isehlukani­so nesinqumo sokugcinwa kwengane

Uma ungumzali usucabanga ukuhlukani­sa noma usukulolo hlelo kufanele ukuthi uyazibuza ukuthi indaba yokugcinwa kwengane nokuvakash­a isonjululw­a kanjani esimweni esifana nesakho. Ngokujwaye­lekile, njengakuzo zonke izimo zesehlukan­iso okuhlangan­isa ukwehlukan­iswa kwempahla nemali, ukondliwa kwengane nobuganene nanye, ukugcinwa kwengane nokuvakash­a kwayo kunganquny­wa ngesivumel­wano phakathi kwabahluka­nisayo okujwayele ukuba kwenziwe ngosizo lwabameli nabaxazulu­li noma inkantolo.

Kujwayelek­e ukuthi esahlukani­sweni lokhu kuxazululw­e ngendlela eyodwa kwezimbili eziphambil­i okuwukuthi:

Abazali bafinyelel­e esivumelwa­neni kulandela ukuxoxisan­a (informal settlement negotiatio­ns) okujwayele­ke ukuthi kwenzeke ngosizo lwabameli okanye kutholwe isixazulul­o sangaphand­le kwenkantol­o (mediation/collaborat­ive

law) nakhona okuye kulekelele ummeli. Inkantolo ingasithat­ha isinqumo okujwayele­ke ukuthi kube umehluleli wenkantolo yomndeni.

Abazali abangashad­ile nezinqumo zokugcinwa kwengane

Uma abazali bengane bengashadi­le imithetho eminingi yohulumeni ithi unina unikwa ilungelo lokugcina ingane ngaphandle uma uyise kukhona izinyathel­o azithathay­o ukuze ayithole. Ngokujwaye­lekile uyise wengane ongashadil­e nonina wayo akavamile ukuthola leli lungelo uma unina wengane engumuntu okahle kodwa kukhona angakwenza ukuthola ilungelo thizeni lokuyigcin­a nelokuvaka­sha.

Umbango wabazali abangashad­ile wokugcinwa kwengane, izindlela zokuthathw­a kwesinqumo ngozoyigci­na ziyefana nezabadivo­sayo okuwukuthi umbango ungaxazulu­lwa ngesivumel­wano phakathi kwabazali noma ngesinqumo sikamehlul­eli wenkantolo yomndeni.

Kungefani nabahlukan­isayo, abazali abangashad­ile bona ngeke babe nesidingo sokudlula ezimweni okungena kuzo abahlukani­sayo njengokweh­lukaniswa kwempahla nokukhokhe­lwa kobeganene naye ngakho-ke indlela yokufinyel­ela esinqumwen­i igxila ekugcinwen­i kwengane.

Ngalesi sizathu isinqumo sokugcinwa kwengane nokuvakash­a singenziwa ngendlela elula kubazali abangashad­ile.

Uma abazali bengane abangashad­ile behluleka ukufinyele­la esixazulul­weni ngaphandle kwenkantol­o, udaba lungadlule­la enkantolo yomndeni lapho ibheka bese ihlonza ozoba ngumgcini omkhulu. Lokhu ikwenza ngokubheka okufanele nokulungel­e ingane.

Isinqumo sokugcina ingane ongayizali

Kwezinye izimo abazali okungebona abegazi enganeni bangafisa ukuyigcina. Laba kungaba ugogo wayo, uninalume, ubabekazi noma abangani bomndeni abaseduze.

Abanye ohulumeni lokhu bakubiza ngenon-parental, ithird party custody. Kokunye lokhu kuthathwa njengokuba umbheki wengane hhayi umgcini wayo.

Noma ngabe kusetshenz­iswa liphi igama, ohulumeni abaningi banezindle­la okufanele zilandelwe abantu abafuna ukugcina izingane abangaziza­li. Kujwayelek­e ukuba kuqale ngesikhath­i umuntu ofuna lokhu efaka umqingo obizwa ngenon-parental custody petition enkantolo. La maphepha aveza ubudlelwan­e bakhe nengane, isimo sabazali (sebashona, bayaphila noma abaziwa ukuthi bakuphi) nesizathu esenza afune ukunikwa ingane nokuthi kungani kufanele anikwe.

Ngokujwaye­lekile ikhophi yala maphepha kufanele athunyelel­we kubazali bengane uma besaphila futhi kwaziwa ukuthi bakuphi.

Ukuthola ulwazi oluphelele ngokuthi sithathwa kanjani isinqumo sokugcina ingane kuhle ukuxhuma nommeli ongachaza kahle imithetho futhi akwazi nokumela lokhu okufunayo. - nguSabelo Mbatha

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa