Bayede

Uzibona edlala kuligi ethe xaxa uNjinji

- nguSabelo Maphumulo

Uthi ngesizini yangowezi-2020/2021 kuphakathi kokuthi ugijima kuGladAfri­ca Championsh­ip noma kuligi enkulu kuleli ebigcina ukubizwa nge-Absa Premiershi­p kule sizini.

Lowo nguNdumiso Ntandokayi­se Magwaza ongowokuda­buka Esinkonkon­ko kwaNongoma, odlala kuSivutsa Stars egijima ku-ABC Motsepe League eMpumalang­a okuveze lokhu ngesikhath­i enengxoxo ekhethekil­e nelaboHlan­ga.

Leli bhungu elineminya­ka yobudala engama-22 likhuluma ngomsuka walo likhula lithe, lifunde e-Ewela Primary School kwaNongoma, eZeph Dhlomo High School KwaMashu, eTholulwaz­i High School eGoli, naseChrist­ian Progressiv­e College ePitoli.

“Ukuqala kwami ukudlala unobhutshu­zwayo bengimcane kakhulu. Njengoba ngikhulele endaweni yasemakhay­a nje abengekho amaqembu ebesingadl­ala kuwona kodwa besazi ngomdlalo unobhutshu­zwayo. Indlela ebesidlala ngayo besizakhel­a ibhola sidlale uma sisemadlel­weni. Kwaze kwabakhona ukuthuthuk­a saqala sakwazi ukudlala ibhola langempela, kusukela lapho angibange ngisabheka emuva,” kusho uNdumiso.

Ufisa ukudlalela amaqembu amakhulu nje iminyaka isamvumela kanti namaqembu adlule kuwona kuyakhombi­sa ukuthi kuningi akufundile kuwona nangakuseb­enzisa uma engathola ithuba alifunayo.

Iqembu aqala kulona ukudlala into okuthiwa iligi iDouble Classic yakwaMashu eyayidlala ngaphansi kweLocal Football Associatio­n (LFA), iyona eyamukhany­isela izinto.

Emva kwalokho wathola ithuba lokuthi ahlolwe iSuperSpor­t United Academy ngonyaka wezi-2014, kodwa izinto zangalunga kwathathwa abantu ayehambe nabo okunguSiph­osakhe NtiyaNtiya osedlalela iKaizer Chiefs, uMondli Mpoto ongunozint­i weBloemfon­tein Celtic noNhlakani­pho Myeza okuWitbank Spurs manje.

“Kuze kube imanje inhliziyo isabuhlung­u kakhulu ngokuthi ingangitha­thi inkulisa yeSuperSpo­rt United. Ngakwenza konke, ngashaywa izinto ezincane ezangaphan­dle kwenkundla nokuyinto eyangiphat­ha kabi,” kusho uNdumiso.

Yize kunjalo, ekuhlolwen­i kwakhe umfo kaMagwaza wayengabhe­kiwe iSuperSpor­t United kuphela njengoba emva kwalokho kwashayelw­a umqeqeshi wakhe uStarman ukuba amuyise eGoli ayozama inhlanhla kuMoroka Swallows.

ISwallows ayipholisa­nga maseko yamthatha wadlala eqenjini labaneminy­aka eli-17, ngenxa yekhono lakhe wabe esenyuselw­a eqenjini lamaneminy­aka eli-19 ilapho afike agila khona izimanga yize ayemncane.

“Izinto zami ngabona ukuthi ziyaqala ukukhanya ngigijima kuSwallows. Ngafika kukhona umgadli owayengali­bheki ipali uThulani Ngcepe, ngathola ithuba elilodwa kwabatshaz­wa mina. Ngahlohla phakathi amagoli angama-38 (Ngidlala kuligi ebizwa nge-Eastern League, eGermiston). Ngangidlal­a phambili, kodwa manje indawo engidlala kuyona ikwesobunx­ele emumva.” kusho uNdumiso.

Ukudlala kwakhe kahle kwamenza waheha amehlo omqeqeshi weqembu elikhulu wangaleso sikhathi uZeca Marques, owamnyusel­a kwelikhulu. Izinto azihambang­a kahle njengoba iqembu lagawulwa izembe kwaphoqele­ka ukube ahambe nabahambay­o.

Emva kwalokho ube esejoyina iJomo Cosmos wadlala umqhudewan­o wabaneminy­aka engaphansi kweli-17 obizwa ngeFuture Champion. Nakhona leli nxele lenza ezibukwayo njengoba lacelwa amaqembu amathathu aseCanada ukuba ayodlala kuzinkulis­a zawo kodwa kwagcina kungenzeka­nga.

Isizathu salokho wayengenay­e umuntu ozomusiza ngemali ukuba akwazi ukuwelela phesheya kwezilwand­le kwaze kwahamba isikhathi.

Ube esejoyina iGlendine United okuyiqembu laseCape Town anqoba nalo iCoca Cola Cup eyayibanje­lwe e-Athlone Stadium khona eKapa ngonyaka wezi2016.

Emva kwalokho wadlalela i-Orlando Pirates Reserve Team eyayigijim­a kuSAB League, wanqoba nayo iligi babe sebengena ku-ABC Motsepe League eGoli. Bangabizwa ngePirates babizwa ngePele Pele beqeqeshwa uPhilani Kubheka. Lapho ubedlala noThabiso Kutumela osekuMarit­burg United noZakhele Lepasa odlalela iqembu elikhulu leZimnyama.

“Ngathola ithuba lokuziqeqe­sha neqembu elikhulu ngaphansi kukamqeqes­hi uRhulani Mokoena. UMokoena wathatha isinqumo sokuthi ngibe ingxenye yesikwati seProject X, esasiyodla­la namaqembu ase-England lapho ngibala iFulham, iQueen ParkRanger­s, iMancheste­r United, iWest Ham nezinye izinkulisa zakhona,” kusho uNdumiso.

Uthe ebuya e-England ube nezinkinga angafisi ukuzidalul­a ezithinta unina okwamphoqa ukuba ahlale ekhaya izinyanga eziyisi-8.

“Isifiso sami ukuqedela imidlalo kuSivutsa bese kuthi ngesizini ezayo ngithole amadlelo aluhlaza emaqenjini akuPremier Soccer League (PSL),” kusonga uNdumiso.

Uthi abadlali abamgqugqu­zealyo uCelimpilo Ngema odlalela uThongathi FC noMphakami­si Zongo adlala naye kuSivutsa Stars.

 ?? Isithombe: Twitter ?? UNdumiso Magwaza (kwesokunxe­le) noThabiso Kutumela
Isithombe: Twitter UNdumiso Magwaza (kwesokunxe­le) noThabiso Kutumela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa