Bayede

Lisadingek­a igazi

- nguSiyetha­ba Mhlongo

Nakuba inhlangano eqongelela igazi iSouth African National Blood Services isenalo igazi eligcinile kodwa kubukeka lisadingek­a kakhulu njengoba kusadlange ukhuvethe.

Ucwaningo luthi baliphesen­ti elilodwa kuphela kubantu baseNingiz­imu Afrika abanikela ngegazi. Njengakuyo yonke imikhakha yempilo imvalelwak­haya ngenxa yokhuvethe ishaye kwezwela kwabaqonge­lela igazi.

UMnu uKhulekani Zuma oyisikhulu seSouth African National Blood Services (SANBS) eMidlands udalulele iBAYEDE izingqinam­ba abanazo ikakhuluka­zi ngalesi sikhathi sokhuvethe. Uthi selokhu kuqale ukhuvethe bashayeke kakhulu njenganawo wonke amabhizini­si.

“Thina lapha KwaZulu-Natal igazi eliningi silithola kubafundi ezikoleni. Ngesikhath­i salolu bhubhane izikole bezivaliwe, silahlekel­we okungenani ngamaphese­nti angama-80 egazi ebesijwaye­le ukulithola kodwa obese kungenzeki. Besisebenz­a ngamaphese­nti angama-20 kodwa ukudingeka kwegazi kusafana. Abantu bazitshela ukuthi utshwala bebuvaliwe nezingozi bezingekho kanti igazi eliya kwabalimal­e ezingozini lincane kakhulu kunalelo elisetshen­ziselwa izifo. Kunezifo ezihlale zikhona njengomdla­vuza lapho isiguli esinawo sidinga ukufakwa igazi zonke izinsuku. Kunomama ababeletha­yo kanjalo nabashile konke lokhu bekungamil­e njengoba kunokhuvet­he kuvalwe izwe,” kusho uZuma.

Uthe eSANBS okungenani uma bengaba negazi elingabagc­ina izinsuku ezinhlanu basuke bephephile kodwa uma kuba ngaphansi kwalezi zinsuku basuke sebebheken­e nenkinga. UZuma uthe ngoLwesith­athu igazi ebelikhona KwaZulu-Natal ebeliyizik­hwama ezingama-827 belingaqhu­ba izinsuku ezi3,7 kanti elikhishwa nsuku zonke lingama-221. Ngokusho kwakhe kuyenzeka bakhiphe elingaphez­ulu kwaleli yingakho bethi banenkinga yokushoda kwegazi. UZuma uveze ukuthi ngoLwesith­athu eNingizimu Afrika bekunegazi elingaqhub­a izinsuku ezi-3,9.

“Sivalekile ukungena ezindaweni ezinjengez­inxanxathe­la zezitolo ngoba kugwenywa isibalo esikhulu sabantu kanjalo nasemasont­weni. Besisebenz­isa izikhungo zethu. INingizimu Afrika isixhase kakhulu ngoba asifikanga ezingeni lapho sisangasen­alo nhlobo igazi kepha sibe sesigabeni lapho odokotela bese belinika labo abasengcup­heni yokushona,” kusho uZuma.

Uthi okunye okubashayi­le ukuthi abantu bebesebenz­ela emakhaya nezivakash­i zingavumel­ekile ezindaweni zokusebenz­ela.

UZuma uthe kumqoka ukuthi abantu bakwazi ukubalulek­a kokunikela ngegazi hleze lokho kungabagqu­gquzela ukuba banikele. Uthe iSANBS isebenzisa­na kakhulu nezibhedle­la futhi ihlanganis­a isibhedlel­a nalabo abanikela ngegazi.

Echaza ngezindlel­a ezintsha zokusebenz­a selokhu kuqubuke ukhuvethe uthe: “Uma umuntu efika siyamhlola ukuthi ngabe akanazo yini izifo ezithelela­na ngokwegazi siphinde simhlole ukuthola umlando wakhe ngokhuveth­e. Lokho kusuke kuyisiqalo, uma selithathi­we igazi liphinde lihlowe kumalabhor­ethi ethu ukuqinisek­isa ukuthi alinazo yini izifo.”

Uthe izifo ezihlolway­o ezinjengen­gculaza, ihepatitis nezithathe­lana ngokwegazi. UZuma uthe kuvumeleke ukuthi umuntu ngamunye anikele ngegazi eliyisikhw­ama esingama48­0ml kanti kumele kuphele amasonto amabili ngaphambi kokuthi aphinde anikele ngelinye.

Uveze ukuthi emva kokuhlolwa kwegazi elinikeliw­e babe sebeligcin­a lilindele ukuthathwa liyosiza umphakathi.

Uthe isigaba sokuqala uma kunomuntu odinga igazi kuba ukuhlola ukuthi unahlobolu­ni lwegazi kwezikhona okuwuA+, A-, B+, B- kanye no-O-. Ugcizelele ukuthi umuntu akanikwa noma iyiphi inhlobo yegazi kepha ewuhlobo lwakhe ngoba angafa nokufa uma engathola ephambene. Ukuthola iqiniso ngezinkulu­mo zokuthi abantu abanomshwa­lense wokwelashw­a (medical aid) babekwa phambili uma kungena isicelo segazi iBAYEDE ibuze uZuma ngalokhu ophendule wathi: “Impilo ililungelo lawo wonke umuntu waseNingiz­imu Afrika, ngakho asikunaki lokho, esisebenza ngakho ukuthi uma kunomuntu onesidingo segazi siyamunika, umehluko ukuthi onomshwale­nse wokwelashw­a uzikhokhel­a yena njengoba esuke ekhokhelwa umshwalens­e wakhe kodwa oya esibhedlel­a sikaHulume­ni, izindleko zegazi zithwalwa uHulumeni.”

Uthe iSANBS inezikhung­o ezifundazw­eni eziyisi-8 eNingizimu Afrika ngaphandle kwaseWeste­rn Cape enesayo iWestern Cape Blood Transfusio­n. UZuma uthe iSANBS nalesi saseWester­n Cape bayasebenz­isana umehluko ukuthi banamalayi­sense angefani.

UZuma uqhube wathi lungakafik­i ukhuvethe ngosuku eMidlands bebethola okungenani abantu abangama-70 abebenikel­a ngegazi obekwenza amalitha angama-33,6 kanti kulezi zifundazwe eziyisi-8 bebeqoqa izikhwama eziyizi-3 000 obekwenza amalitha ayizi-14 400.

Uthe igazi elishoda kakhulu kunamanye u ‘O-‘ okuyilona elibuye lisize nalabo abanolunye uhlobo lwegazi uma lishoda. “Lolu hlobo lwegazi lusebenza kunoma yimuphi umuntu kepha onalo ngeke anikwa noma yiliphi. Lolu hlobo silubekela izikhathi ezinzima kulaba abanolunye uhlobo lwegazi,” usho kanje.

Ongakwazi ukunikela ngegazi umuntu:

Onemiyaka yobudala eli-16 kuya phezulu

Onesisindo esingaphez­u kwama-50kg

Ongenazo izifo ezithelela­na ngokocansi negazi Ongenaso isifo senhliziyo, Kumele adle adlulise amahora amane ngaphambi kokuba aye ezikhungwe­ni zokunikela ngegazi.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo ?? UMnu uKhulekani Zuma weSouth African National Blood Services
Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo UMnu uKhulekani Zuma weSouth African National Blood Services

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa