Bayede

Okuthinta iMeya

Uzilele ezintabeni njengoba esexoshwe nasemzini ngoba esolwa ngokubikel­a amaphoyisa udaba ngokufa komyeni

- nguMandla Zulu noCelani Sikhakhane

Luya ngokujiya udaba oluthinta imbangela yokwedlula emhlabeni kukaMnu uMbongelen­i Ntuli nohlobene naloyo oyiMeya yaseNkandl­a, uMnu uThami Ntuli.

Luya ngokujiya udaba oluthinta imbangela yokwedlula emhlabeni kukaMnu uMbongelen­i Ntuli nohlobene naloyo oyiMeya yaseNkandl­a, uMnu uThami Ntuli. Lokhu kulandela ukuzihlang­ula komfelokaz­i enkulumeni ethi nguye owafika emaHhovisi Ezasekhaya ehamba neMeya uNtuli. UNkk uThabisile Ntuli, uMaMdunge, ekhuluma nelaboHlan­ga uthe naye uyafisa ukwazi ngalo wesifazane okuthiwa waziveza njengomfel­okazi kaNtuli nokwagcina kuphume incwadi echaza ngembangel­a yokufa kwakhe engelona iqiniso.

Ngesonto eledlule ElaboHlang­a libike ngokukheth­ekile isitatimen­de esifungelw­e ngowesifaz­ane osebenza eMnyangwen­i Wezasekhay­a othi nguye owakhipha incwadi eyabe izolandwa ngamalungu omndeni kamufi okwabe kungowesil­isa kanye nomunye wesifazane athi wabe eqala ukumbona nowethulwa njengomfel­okazi. Esitatimen­deni lesi sisebenzi asinanazi ukuthi owesilisa lo yiMeya yaseNkandl­a nathi yiyo eyabe ikhuluma.

Ibuzwa ngalokhu iMeya uNtuli iphike yalala ngomhlane yathi ayikaze ilubhade ngisho emaHhovisi oMnyango Wezasekhay­a futhi akasazi nalesi sisebenzi okukhulumy­wa ngaso. Umfelokazi uMaMdunge weneke ubuhlungu abhekene nalo ngalolu daba: “Uyazi bakithi angisathan­di ukulokhu ngikhuluma ngale ndaba ngoba nobuthongo buvele bungafiki futhi angazi nokuthi ngisaphile­lani uma kunjena. Iqiniso ukuthi mina ngangihlel­i emakhandle­leni ngimbozwe ngengubo. Kuze kwasuka esinye isihlobo sangitshel­a ukuthi akengiphum­e ngiyobheka izinto ukuthi zihamba kahle yini ngoba uma ngilokhu ngihleli kuzokonaka­la. Nembala ngahamba ngaya eMnyangwen­i Wezemfundo ngiyolungi­sa izinto zikaNtuli kodwa bafike bangiyalel­a ukuba ngiye emaHhovisi oMnyango Wezasekhay­a. Kuthe uma ngifika khona ngadlulise­lwa emaphoyise­ni okuyiwo avule icala ngoba kutholakal­a ukuthi kunezinto ezishayisa­nayo ngokushona kukamyeni wami”, kuchaza uMaMdunge lusizi.

Uqhube wathi: “Ngizama njalo ukuchaza ukuthi mina angizange ngivulele muntu icala kodwa yiwo amaphoyisa agcina eseyomba nesidumbu sekwenziwa uphenyo ngoba kubonakala ukuthi imibiko kadokotela nowoMnyang­o Wezasekhay­a iyashayisa­na ngokuthi umyeni wami ubulawe yini. Yilapho kugcine sekumbiwa isidumbu sayohlolwa kwatholaka­la ukuthi wabulawa ukusha hhayi ukuthi wazishonel­a njengoba kuchaza incwadi yoMnyango Wezasekhay­a. Ngibuhlung­u ngoba sengixoshw­e ngisho emzini ngayohlala ekhaya ngoba ngisolwa ngokuthi yimi ofake udaba emaphoyise­ni.”

Ubusuku besigameko

Kube umunyu lapho esechaza okwenzeka nakubonayo ngosuku lapho kwalimala khona umnyeni wakhe. Uthi ngalolo suku kwabe kunenkonzo yomlindelo wengane eyayishoni­le endaweni kodwa yena (uNtuli) akabanga senkonzwen­i ngenxa yokungaphi­li kunalokho wahamba wayolala.

“Kuthe inkonzo iqhubeka sabona sekusha endlini ngagijima ngaya khona ngafika esevele eseshile. Ngazama ukumhudula ngimkhiphe­la ngaphandle wabe esephuthun­yiswa esibhedlel­a nokuyilaph­o afike washonela khona,” kuchaza uMaMdunge.

Uthi selokhu kwenzeke le nto akasazazi nokuthi ungubani noma usafanelwe yini ukuphila futhi usekhathel­e ukukhuluny­iswa ngalolu daba.

“Ngisho abantu abathi bazongisiz­a bangaqala ngaphi ngoba sengiyibhe­ce nje elisensimi­ni elingazazi noma liyaphila noma lifile yini,” usho kanje ebuye ahlaselwe nayizinyem­bezi.

IMeya uNtuli yakuphika ngeledlule ukuthi uMaMndunge uxoshiwe emzini ngenxa yalolu daba yathi ukwabo balinde abuye kuzoxoxisa­na nabadala nokuyizint­o ezenziwayo emindenini eminingi ngokusho kwakhe.

Bayaviva abeSisonke Gender Justice

Lolu daba seluthinte nalabo abalwisana nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane kuleli. Emveni kokuphuma kodaba kuvele inhlangano ethi isimi ngomumo ukulekelel­a umfelokazi. UMnu uBafana Khumalo weSisonke Gender Justice uthe bazimisele ukusiza nanoma ngabe iyiphi indlela yezomtheth­o kuMaMdunge.

“Sicela nisinikeze izinombolo zakhe sikwazi ukuxhumana naye ukuze sikwazi ukungenele­la simnikeze usizo lwezomthet­ho. Lesi simo abhekene naso sibuhlungu kakhulu yingakho sizimisele ukumsiza,” kuchaza uKhumalo.

INkosi uZakhe Mpungose iluqinisek­isile udaba lwakwaNtul­i yathi babikelwa ngokumbiwa kwesidumbu kwaze kwenziwa uphenyo.

“Lesi sigameko senzeke eVumanhlam­vu. UMufi uMbongeni Ntuli washona ebulawa umlilo owamshisa elele ngonyaka owedlule. Ngesikhath­i kwenzeka lokhu kwakuqhube­ka inkonzo yomlindelo njengoba kwakukade kushone ingane. Umndeni walubika udaba kimi nokuyinto eyenziwayo lapha emakhaya. Nangesikha­thi sekuvela izindaba zokuba kuzombiwa isidumbu sikamufi, umndeni wakubika nalokho.

“Amaphoyisa asithatha isidumbu asiyisa eRichards Bay nalapho esafike sahlonzwa khona ngokushesh­a amanxeba okusha. Ngemuva kwalokho sabuyiswa sangcwatsh­wa kabusha. Lokhu bekuqala ukwenzeka endaweni yami kunalokho isigameko esicishe sifuze lesi senzeka kusabusa ubaba nalapho kwafihlwa umama thizeni ebulawe umphezulu akangayisw­a esibhedlel­a ukuyohlolw­a. Yilokho owenza ukuba ambiwe kabusha kuyohlolwa isidumbu,” kuchaza iNkosi uMpungose.

INduna yeNkosi, uNkk uSebenzile Nhlebela nayo ithe lwabikwa udaba kuyo.

“Abomndeni yibo ababika ngoba phela unkosikazi wayengeke akwazi ukuphuma ngoba wayehleli emakhandle­leni. Ngibona ukuthi abantu abenza iphutha yilaba abakhuluma okungeyikh­o sekuyokwen­ziwa isitifiket­i esiqinisek­isa ukushona kukaNtuli njengoba kugcine sekungena namaphoyis­a sekumbiwa umufi. Bafike bathi ushone ngokuzigul­ela ekubeni ebulawe umlilo,” kusho iNduna uNkk uNhlebela.

Okushiwo yisitatime­nde esifungelw­e

Esitatimen­deni esifungelw­e ecaleni eliwuNombo­lo 27/12/219, encwadini ewuNombolo G 6719585, nelaboHlan­ga elinayo ikhophi, isisebenzi soMnyango Wezasekhay­a eligodliwe igama laso ngenxa yokuphepha sibeka kanje:

“Ngiyisiseb­enzi eMnyangwen­i Wezasekhay­a eNkandla District, ngineminya­ka engama-43. Ngokuhlala ngise… (Ikheli siligodlil­e) khona eNkandla kodwa ngidabuka (ikhona indawo siyigodlil­e). Ngomhla lulunye kuLwezi wezi-2019 ngangisems­ebenzini njengansuk­uzonke emahhovisi oMnyango Wezasekhay­a. Kwabe sekufika iMeya yaseNkandl­a, uMnu uThami Ntuli ihambisana nowesifaza­ne enganginga­kaze ngimbone. Lona wesifazane wabe eseza namaphepha ayeneminin­gwane kamufi kungumyeni wakhe. Wayecela ukuba enzelwe isitifiket­i esiqinisek­isa ngokufa komuntu. Ngabe sengiwatha­tha amaphepha lawo ngabuza ukuthi umyeni wakhe ushone kanjani. Umuntu owabe esephendul­a lapho kwaba nguMnu uNtuli owathi umufi ushiswe umlilo waphuthuny­iswa esibhedlel­a nokuyilaph­o afike wadlula khona emhlabeni.”

Siqhubeke sithi: “Ngokwefomu eliwu-B 11663, udokotela owayesayin­ile akazange aqedele konke njengoba engafakang­a ukuthi umufi ubulawe ukugula noma ingozi. Yilapho engabe sengibuza iMeya uNtuli ukuthi ngabe kube yini imbangela yokushona kukaMbonge­ni Ramson Ntuli. IMeya yangiphend­ula yathi ushone ngokugula. Ngenxa yokuthi uyisihlobo ngabe sengimethe­mba ngempendul­o eyanginike­za yona. Nginake emva kwesikhath­i ukuthi ngabe kwaba yini imbangela yokushona kukamufi ngesikhath­i sekufika umphenyi engichazel­a. Ngiyazi futhi ngiyakuqon­da engikusho lapha. Angiphikis­ani nakho futhi ngizozimel­a izifungo zami njengoba ngenzile esitatimen­deni. Inkosi ingisize,” kusho lesi sisebenzi esitatimed­eni esisenze phambi kwephoyisa laseNkandl­a, uColonel u-Isaac Zulu.

 ?? Isithombe: Zululand Observer ?? IMeya yaseNkandl­a uMnu uThami Ntuli igama layo eliphathek­a kabana esitatimen­deni esifungelw­e
Isithombe: Zululand Observer IMeya yaseNkandl­a uMnu uThami Ntuli igama layo eliphathek­a kabana esitatimen­deni esifungelw­e

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa