Bayede

Imbokodo yeDA

Ngalesi sikhathi abesilisa bebaleka bashiye isithunzi, amathimbaz­ane eDA ancama ukufa lapho emi khona

- NGUMFO WAKWANOMAJ­ALIMANE

Ngalesi sikhathi abesilisa bebaleka bashiye isithunzi, amathimbaz­ane eDemocrati­c Alliance (DA) ancama ukufa lapho emi khona futhi awesabi ukuveza imibono yawo. Funda ngokuphele­le ngaphakath­i.

Ngonyaka owedlule oshicilelw­eni lwangomhla zingama-31 kuMasingan­a ngabhala ngabesifaz­ane abathile eqenjini eliphikisa­yo iDemocrati­c Alliance (DA). Ngaphansi kwesihloko esithi: Amathimbaz­ane aboHlanga kuDA awanikezel­i, ngabheka amakhosaza­na amathathu, okunguNks uLindiwe Mazibuko, uNks uSinethemb­a Gwen Ngwenya kanye noNks uMbali Ntuli. Uma sengibuka emuva ngibona sengathi ngenza iphutha ngokungayi­faki inkosazane yakwaVan Damme, uPhumzile kulolu luhla.

Ngezizathu ezahlukene lolu daba lwanamuhla lusashaya emhlolweni njengoba lezi zintokazi zonke umlando wazo uyoqoshwa njengowama­qhawekazi ama kulokho akholelwa kukho. Okuyinto ongeke uyisho ngabanye besilisa kuleli qembu, aboHlanga nabelungu. Ake ngiqale nje ngoMaNgwen­ya. Ngalesi sikhathi esikuso uyiNhloko yoPhiko Lwenqubomg­omo kuDA. Kwathi lapho le nkosazana ingaboni ngaso linye naloyo owayehola iqembu ngaleso sikhathi uMnu uMaimane ayinanazan­ga ukumdudula kwathula umoya.

Encwadini ayibhalela uMaimane okaMtimand­e kakufihlan­ga ukudumala kwakhe ngakuchaza njengokuhl­inzelwa ezibini yiqembu kanye nobuholi balo. Kule ncwadi phakathi kwezinto abangeneme ngazo wukungahli­nzekelwa ngezinsiza ekwenzeni umsebenzi kanye nokungabi nohlelo oluqondile lwalokho okumele akwenze. Khona lapho uthi ubekwa esicongwen­i nje kanawo ngisho amandla okuqasha abantu abazomleke­lela, kunalokho unikwa amathwasa ukuba azosebenza ngaphansi kwakhe. Lokhu kuyinto akhombise ukungayena­meli. Kepha okushaqise kakhulu wukuveza kwakhe ukuthi wabe ephethe nje ngegama ngoba kwabe kunezindaw­o okwabe kumele angasondel­i kuzo nxa kufikwa kunqubomgo­mo. Okutusekay­o lapha wukuthi ayibalekan­ga kepha yasho ekushoyo ikhona eqenjini yabe isithatha isinqumo emuva kwalokho. Isibindi sayo sibonakele nagesikhat­hi lapho ima iphikisana nalabo (phakathi eqenjini) abebeqhaka­mbisa inqubomgom­o kaHulumeni iBlack Economic Empowermen­t. Iningi lalaba kwakungabo­Hlanga. Yize lokhu kwayenza yanyamanam­bana kwabanye ababeyisol­a ngokuthi ukucabanga kwayo kuvikela abamhlophe kepha ngakolunye uhlangothi kwaveza ukuthi leli yishinga lentombi isibili.

Kande ngamlomo nje kuphela kepha ugogodile nangu umuntu. Uke wasebenza njengeChie­f Operations Officer kwaSouth African Institute for Race Relations. Iyisifundi­swa njengoba phakathi kokunye ineziqu iBachelar of Law (LLB) eyazithola eNyuvesi yaseKapa, iMasters ku-Internatio­nal Economics eyazithola eNyuvesi yaseParis. Emasontwen­i edlule leli qembu lidingide inqubomgom­o yeqembu. Okube sobala wukuthi cishe zonke izincomo zikaMaNgwe­nya yizo ezithathiw­e.

UKaMazibuk­o noMaNtuli yizishingi­shane

Kambe ngubani ongalibala lesiya sikhuphekh­uphe seDA uNks wakwaMazib­uko? Njengomiya­ne yabe ibanga umsindo endlebeni kowayenguM­engameli uZuma. Wayengagay­elwa mphako, elishishib­eza iqembu elibusayo kungabi ndaba zalutho. Wayeyinkan­yezi ebhekwe ngabaningi ukuba iqhakaze kuDA.

Kuthe uma sekungekho ukungaboni ngaso linye nowayengum­holi weqembu, yangathula intombi le. Yama ekutheni ngeke iqhubeke nenqola engasathwe­le lokho eyabe ikubona njengesixa­zululo kupolitiki yakuleli. Ithe noma ihamba iyofunda yabuya neziqu yabamba elikhulu iqhaza enhlanganw­eni ezimele. Nalapho isalugedeg­ede nesishingi­shane

Muva nje osayimbame ekhaleni nguNks uNtuli. OkaMphemba wenze obekungali­ndelwe, waphosa elakhe igama esitikini kulabo abazobanga esokuhola iDA. Ulapha nje kade sithi ziyamsusa hhayi kuphela ebuholini kepha nakulo iqembu uqobo.

Le ntokazi engakhatha­lelwe kuthenjwa yabe ingananazi kunokupham­bana noNkk uZille neyabe imbeka njengomhol­i ongakwamuk­eli ukuphikisw­a, othanda ukuzizwa yena nokuthi okushiwo nguye kuwumtheth­o. Kwake kwanemizam­o yokuthi ayoqondisw­a ubugwegwe kepha lokho kwashabala­la ngoba lesi sikhuphekh­uphe seqembu sabe simi lapho simi khona. Kuleli sonto sibhale incwadi nayilapho siveza ukuthi kade abathile ebuholini besijijibe­za besikhipha ngesango kwabo.

Kule ncwadi uthe: “Kuyacaca kimina ukuthi kusukela ngowezi-2014 kukhona amaqeqeban­a angaphakat­hi nawangapha­ndle eqenjini lethu. Akusikhona ukuthi akujwayele­kile emaqenjini kodwa eqenjini elingangeD­A elinamalun­gu nezinhlaka ezinyakaza­yo kusemqoka ukuba kungavunye­lwa umcabango ongathi kuyisiko ukuhlala nokuthola ikhaya eqenjini. Okungading­wa yinoma yimuphi umholi okhaliphil­e nozethemba­yo yiqembu elizonikez­a wonke umuntu ithuba lokuveza amandla, abuze futhi ahlale ecabanga okusha futhi okusemqoka ukuthi bazibone bebaluleki­le nabalingan­a nawo wonke umuntu eqenjini babelana ngombono weNingizim­u Afrika.”

Uqhube wathi: “Kunalokho sibone ukuziphath­a okusalisik­o okuhambisa­na nabathile abakhulu. Abaholi abedlule bebaziwa ngokuzizun­geza ngeqoqwana labeluleki abanye babo benganalwa­zi lokwakha umphakathi osemazinge­ni aphansi. Eminye imicabango­ngxoxo, ngesikhath­i abanye bejabulela ukuba bathuthuki­se okwabo. Uma kunesimo esinjalo eqenjini umkhuba wokulawula ngobundlov­ukayiphend­ulwa, okuphoqa abaningi bathathe lelo lizwi noma bazithole bengabodwa­na, beqhubulus­hiwe noma bekhathaze­kile baze basule.”

Lo mholi noma angangaphu­melela kepha nozophumel­ele uyoxoxela izizukulwa­ne ukuthi uke wangcweba nomunye. Izigameko ezenzeka kulezi zintokazi zontathu zikhomba ubunzima obusemaqen­jini epolitki, agcwele amadoda. Phezu kwalokho lezi zintokazi ziluphawu labaholi abanohlonz­e, abazihloni­phayo uma kufikwa kupolitiki, kabahlehli. Zonke lezi zinto ungezisho ngabanye abaholi beqembu besilisa. Labo kunede kungaphuma izwi nje badle phansi. Kepha nabo qobo babuze ukuthi bangabesil­isa nje baze banqoba ukhetho bebengekho yini abesifazan­e?

 ?? Isithombe: Twitter ?? UNks uMbali Ntuli
Isithombe: Twitter UNks uMbali Ntuli
 ??  ?? UNks uLindiwe Mazibuko
UNks uLindiwe Mazibuko
 ??  ?? UNks uPhumzile Van Damme
UNks uPhumzile Van Damme
 ??  ?? UNks uGwen Ngwenya
UNks uGwen Ngwenya
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa