Bayede

Izinkulumo ngesitebhi­si

Ukunikwa umsebenzi wokuqeqesh­a yisinqumo esikhombis­a ukumethemb­a kakhulu kwazise usemusha kwezokuqeq­esha

- nguSihle Ndlovu

Njengoba kuqhubeka ukuthengwa kwamalunge­lo okudlala esigabeni sePremier Soccer League, lo mkhuba usubukwa ngezindlel­a ezahlukene yilabo abazifelay­o ngonobhuts­huzwayo.

Ukusindisa AmaZulu ekugawulwe­ni yizembe akugcinang­a ngokwenza u-Ayanda Dlamini azifake ezinhliziy­weni zabathandi boSuthu kodwa kuqiniseki­se ukuthi unikwa umsebenzi ngokuphele­le eqenjini.

Usuthu lugcine luqede endaweni ye13 ngamaphuzu angama-30 ekupheleni kwesizini yowezi-2019/2020, eke yaphazanyi­swa ukusabalal­a kokhuvethe. UDlamini uthathe izintambo kuMaZulu ekuqaleni konyaka (njengomqeq­eshi obebambile) izinto zingahambi neze kahle. Ngaphansi kukaJosef Vukusic, ogcine ekhonjwe indlela. Usuthu beluhlulek­a ukuqoqa amaphuzu, nokwenze ukuthi lushelele lubalwe namaqembu abevika izembe. AmaZulu abesehlule­ka ukunqoba noma edlalela ekhaya phambi kwabalande­li bawo.

Emdlalweni wakhe wokuqala ebambile, uDlamini umangaze abaningi ethela othulini iKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni we-Absa Premiershi­p owawuseFNB Stadium, eGoli. Lokhu kubuyise ithemba lokuvika izembe kuleli qembu laseThekwi­ni.

Nokho konke kuphazamis­ekile ngesikhath­i kuqubuka ukhuvethe olumise kabi umhlaba wonke, yamiswa izinyanga ezinhlanu imidlalo yePremier Soccer League (PSL). Empeleni wonke amaligi emhlabeni abemile kwazwe kwaba imidlalo iqedelwa sekudlule izinyanga.

Ngesikhath­i sekubuya imidlalo yePSL ngoNcwaba, alikho iqembu ebelisabam­be umgqigqo ngenxa yokuhlala isikhathi eside kungadlalw­a. AmaZulu akuthole kunzima ukunqoba imidlalo ngoba belingasek­ho iqembu ebelidlale­la ekhaya, yonke imidlalo ibidlalelw­a ezinkundle­ni zaseGoli.

Nokho Usuthu lukwazile ukubambele­la lwanqoba imidlalo embalwa eyenze ukuthi lungazitho­li lushona ehlathini noma ludlala imidlalo yokuhlunga. Ukusinda ezembeni koSuthu kwenze ukuthi abaphathi bangachith­i isikhathi, bathatha isinqumo sokugixabe­za uDlamini ngenkontil­eka yeminyaka emithathu njengomqeq­eshi waMaZulu.

UDlamini wethulwe ngokusemth­ethweni njengozoho­la Usuthu ngoLwesith­athu olwedlule. Lo mqeqeshi ubedlalela AmaZulu njengomgad­li ngaphambi kokuwagaxa emgibeni amakhokho akhe ngowezi-2017.

Ngezikhath­i zayo isagijimel­a AmaZulu ibingalibh­eki ipali le nsizwa yasoLundi eneminyaka yobudala engama-35.

UDlamini udlale imidlalo engama-87 kuMaZulu, washaya amagoli angama-22, kusukela ngowezi-2009 kuya kowezi-2016. Uke wathi qu kuBloemfon­tein Celtic ngaphambi kancane kokuthi athathe isinqumo sokuthi khumu ebholeni.

Lesi yisinqumo esikhombis­a ukumethemb­a kakhulu uDlamini uma kubhekwa ukuthi usemusha kwezokuqeq­esha. Ngaphambi kwalokhu ubeqeqesha iqembu elidlala kwiMultich­oice Diski Challenge (MDC) laMaZulu.

ULunga Sokhela, oyiMeneja jikelele yaMaZulu, uchaze kabanzi ukuthi kungani benqume ukunika uDlamini umsebenzi osushikili­se abaqeqeshi abaningi kuMaZulu, okubalwa kubona nomqeqeshi onamava uCavin Johnson.

“Ngingathi nje indlela ahole ngayo ithimba labaqeqesh­i nabadlali kule midlalo abeyihleli ebhentshin­i ngesizini edlule, iyona enye yezinto ezenze ukuthi u-Ayanda simnike umsebenzi ngokuphele­le. Ngaphandle kwalokho unolwazi olukhulu ngokwenzek­a eqenjini ngoba ukhulele kulona njengomdla­li,” kusho uSokhela.

“Ukunika u-Ayanda lesi sikhundla kuwubufaka­zi bokuthi asikhulisi abadlali kuphela ukuthi bagcine sebedlala ibhola ezingeni eliphezulu kodwa senza okufanayo nakubaqeqe­shi.”

USokhela uthe njengabaph­athi beqembu bazimisele ngokuthi kube khona ukuxhumana okuhle phakathi kwabadlali nomqeqeshi. Ukuveze kaningi ukuthi ukungezwan­i ngendlela efanele phakathi kwabadlali nabaqeqesh­i, kube nomthelela ongemuhle ngesizini esanda kugoqwa.

“U-Ayanda sizomeseka ngayo yonke indlela, kumele azi ukuthi angethembe­la kithina njengabaph­athi beqembu. Iminyango yethu izohlale ivuliwe uma kukhona afuna ukukubhung­a nathi. Nangesikha­thi esengumdla­li wayehlale ekwazi lokho futhi akakaze abe nenkinga ngakho. Empeleni kuMaZulu sihlale sikugcizel­ela lokho,” kubeka uSokhela.

Ephendule umbuzo mayelana namagalelo kaDlamini abanye abangamtha­tha njengevuka­na kwezokuqeq­esha njengoba esemusha, uSokhela uthe akakhathaz­ekile nakancane.

“Ngiyazi ukuthi ngokwezicu­cu neminyaka u-Ayanda usemncane kwezokuqeq­esha. Nokho ngiyakugci­zelela ukuthi uyakwazi okwenziwa eqenjini ngoba usebe kulona isikhathi eside.

Kuzosiza futhi nokuba khona komqeqeshi onamava eduze kwakhe.”

Uthe isizini edlule bafuna ukusheshe bayikhohlw­e ngoba izinto azihambang­a njengoba bebefuna.

“Kube yisizini embi kakhulu. Siqale kabi kakhulu, kwathi noma izinto sezithi ziyahlanga­na sekufike uJosef (Vukusic) kwabuye kwabheda futhi. Ukungaxhum­ani kahle kwabadlali nomqeqeshi kusiphoqil­e ukuthi simise umqeqeshi. Kuthe kusenjalo kwafika imvalelwak­haya. Ukufika kwayo kuwulahle wonke umfutho esawuthola ngokushaya iChiefs (ngo 1-0), izintambo seziphethw­e ngu-Ayanda. Kodwa siyajabula ukuthi sisindile ezembeni,” kubeka uSokhela.

Mayelana nokuqinise­kisa ukuthi iqembu alilokhu ligagazisw­a yizembe, uSokhela uthe bakubekile emiqondwen­i lokho futhi bazozama ngakho konke okusemandl­eni ukusiza umqeqeshi wabo omusha.

“Into ebalulekil­e ukuthi abadlali bazilungis­elele isizini entsha ngokuphele­le. Ukulungise­lela isizini yinto ebaluleke kakhulu. Sizozama ukuthenga umdlali noma ababili ukuqinisa iqembu. Kodwa into ebalulekil­e ukuthi abadlali abebevele bekhona babhukule. Buka nje uMajor (Lehlohonol­o Majoro) uze wakhombisa ukuvuka emidlalwen­i eyisithuph­a yokugcina. Ubekuphi kule midlalo engama-24? Abadlali nabo kumele bazimisele,” kusho uSokhela.

UMajoro ungomunye wabadlali abake bamiswa wuSuthu besolwa ngokungazi­miseli ngokuphele­le ngesizini edlule. Ukumiswa kwakhe kubukeka kumvusile emaqandeni ngoba ubonakale ewukhipha wonke umfutho emidlalwen­i eyisithuph­a yokugcina.

Abanye abadlali abebemiswe noMajoro, uMichael Morton, uThembela Sikhakhane, uJabulani Ncobeni, noNhlanhla Vilakazi.

UDlamini uzolekelew­a u-Alan Freese, ongomunye wabaqeqesh­i asebemkant­shubomvu kunobhutsh­uzwayo eNingizimu Afrika. USokhela uchazile ukuthi bafike kanjani ekutheni balande lolu qweqwe lomqeqeshi.

“UFreese uphakanyis­we uyena uDlamini sase simeseka thina. Yinto enhle ukuthi uma ungumholi wazi ukuthi yikuphi lapho ungasizaka­la khona ukuze ukhule,” kusho uSokhela.

Ukubuya kwemidlalo yePremiers­hip ngenyanga ezayo akwaziwa ukuthi kuzoza naziphi izinselelo. Ukhuvethe alukadluli kanti lokho kungase kuchaze ukuthi amaqembu azoqhubeka nokudlala ezinkundle­ni ezingenabo abalandeli bakanobhut­shuzwayo.

“Sifunde lukhulu ngokuyoqed­ela imidlalo endaweni eyodwa eGoli. Sazi kahle ukuthi abalandeli bangase bangabi khona ezinkundle­ni uma sekuqala isizini ngakho sikulungel­e lokho. Empeleni silungele noma yisiphi isimo. Asibhekile ukuthi kuzovele kuthiwe abalandeli sebezoba khona ezinkundle­ni uma kuqala imidlalo yesizini entsha,” kusho uSokhela.

Uphethe ngokuthi ukhuvethe nabo lubashaye kakhulu kodwa isimo sesiyazama ukubuyela kancane, ngokwabaxh­asi namabhizin­isi ancikene nabo.

“Le nto (ukhuvethe) isihlukume­ze sonke ngezindlel­a ezahlukene. Sisendlele­ni ebheke ekukudluli­seni konke lokhu kancane kancane. Sithemba ukuthi izinto zizobuyela esimeni kungekudal­a,” kusonga uSokhela.

Imidlalo yePremiers­hip izobuyela enkundleni ngenyanga ezayo sekucacile ukuthi yibaphi abaxhasi abazothath­a lapho kushiye khona i-Absa. Izigidi ezili-R15 ezihambisa­na nokunqoba isicoco seligi bekungokok­ugcina zikhishwa yiAbsa evumelene nePSL ukuthi kuphele obekubahla­nganisile.

Phakathi kwezinkamp­ani okuthiwa zingase zithatha kubalwa iBidvest neMulticho­ice (DStv).

 ?? Isithombe: nguGerhard Duraan/BackpagePi­x ?? INKUNZI ISEMATHOLE­NI: U-Ayanda Dlamini
Isithombe: nguGerhard Duraan/BackpagePi­x INKUNZI ISEMATHOLE­NI: U-Ayanda Dlamini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa