Bayede

Abazukuhlo­lwa ngokujwaye­lekile abamanye amabanga

- Ngu-Andile Moshoeshoe

Luzonqunyw­a ukuthi bebeqhuba kanjani ekuqaleni konyaka ikusasa labafundi bebanga le-10 nele-11 kuleli njengoba uMnyango Wemfundo Eyisisekel­o usumemezel­e ukuthi ngeke bahlolelwe izivivinyo zokuphela konyaka (examinatio­n) abafundi abakula mabanga kodwa bazobhala ngalokho okufundisw­e ngqo (test).

Lokhu kulandela ukuphazami­seka kokufunda ezikoleni ngenxa yokuqubuka kokhuvethe oluvale thaqa izwe.

UMnyango Wezemfundo usithathe lesi sinqumo ngenxa yokuthi abafundi kabafundan­ga kahle izifundo zabo nonyaka yingakho izivivinyo zihoxiswa.

Okhulumela uMnyango uMnu u-Elijah Mhlanga uthe ngenxa yenkinga yokhuvethe ebingaphez­ulu kwamandla abo banqume ukuthi bazihoxise izivivinyo zokuphela konyaka ngoba ngalokho bebezobe bengenzi iqiniso uma bengazibha­lisa ngokugcwel­e kodwa kube kungafundw­anga futhi kungafundi­sekanga kahle.

“Lesi sinqumo sithathwe emveni kokubheka nhlangothi zonke nokuthi sikwazi ukunika isikhathi abafundi ngonyaka ozayo njengoba kunethemba lokuthi lesi sifo singase sibengcono,” kusho uMhlanga.

Uthe lesi sinqumo basithathe ngenxa yokuthi izifundo zala mabanga zicishe zifane kodwa umehluko indlela kumbe izinga ezifundisw­a ngalo kodwa empeleni umfundi osuka ebangeni le-10 akazeshwam­i izifundo afikela kuzona ebangeni elilandela­yo yingakho benqume ukuthi bazozinika isikhathi sokufundis­a okuzoba yinto yangonyaka ozayo.

UMnyango uphinde wazwakalis­a ukukhathaz­eka ngalokhu ngoba kuzoba nomthelela omkhulu kubafundi abangakwaz­anga ukuphindel­a ezikoleni ngenxa yesikhathi eside zihleli emakhaya.

Lokhu kuthulwe ePhalamend­e nalapho okuvele ukuthi isifundazw­e iKwaZulu-Natal isona esinezinga­ne zesikole eziningi ezigcine zihleli emakhaya zingaphind­elanga ezikoleni.

UMnyango uhlawumbis­ela ukuthi babalelwa ezi-38 000 abebanga lesi-7 abangase bangaqhube­ki nesikole kulo nyaka kanti abayizi-18 000 abebanga leshumi esifundazw­eni iKwaZuluNa­tal.

UMhlanga ukhumbuze izikole ngokubalul­eka kokugcina imininingw­ane yabafundi ezikoleni nendlela abaqhuba ngayo ezifundwen­i zabo.

Ukugasela kokhuvethe kuholele ekutheni kuphazamis­eke izikole ezweni isikhathi eside okwaze kwathi kamuva kwavulwa kancane kancane amabanga athile.

Ngesikhath­i uNgqongqos­he Wemfundo Eyisisekel­o, uNkk u-Angie Motshekga, egcizelela ukuthi abafundi babuyele ezikoleni, baningi ababephiki­sana naye okubalwa nezinyunya­na zothisha ababethi lokhu kuzobeka impilo yabafundi engcupheni kanti nezikole zazingakul­ungele ukwamukela abafundi njengoba ababephiki­sana nokubuyela kwabafundi ezikoleni babekhala ngokuthi azinazo izinsiza zokulwa nokhuvethe njengezibu­lalimagciw­ane nezimfonyo.

Babekhala nangokuthi abafundi ngeke bakwazi ukuqhelela­na njengoba kudingekik­ele ngokwemigo­mo yemvalelwa­khaya.

 ?? Isithombe: UGC ?? UMnu U-ELijah Mhlanga
Isithombe: UGC UMnu U-ELijah Mhlanga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa