Izinsolo zetulo lokusoconga inxusa laseMelika
Kuleli sonto kubikwe izindaba ezithi uHulumeni wase-Iran uhlela ukusoconga inxusa lase-United States of America (USA) eNingizimu Afrika uNkk uLana Marks.
Ezobunhloli zase-USA zikholwa ukuthi amanxusa e-Iran asePretoria ayathinteka kuleli tulo okusolwa ukuthi likhona.
Kuvele imibiko ethi izikhulu zaseUSA zazazi ngezinsongo zokusoconga ezazibhekiswe kuNkk uMarks kusukela ezinyangeni ezedlule eNingizimu Afrika kodwa ezobunhloli ezixhumene nalesi sithunywa zikubeke kwacaca ukuthi lezi zinsongo ziqhamuka kuphi.
Umbiko wezobunhloli uthi uNkk uMarks ngesinye sezikhulu okusolwa ukuthi uHulumeni wase-Iran ungakhetha ukusihlasela ngendlela yokuziphindiselela ngokubulawa kwaloyo owayengumlawuli wezezimpi kuleliya lizwe uMnu u-Qassem Soleimani ngenyanga uMasingana.
Kuvele nokuthi izikhulu zase-USA zase zimazisile uNkk uMarks ngombiko wezobunhloli, kwaphinde kwavela ukuthi ubungani obuphakathi kwaleli nxusa noMengameli uDonald Trump kungase kube yibo obuholele ekutheni uHulumeni wase-Iran uhlela ukumsoconga.
USoleimani, owayeneminyaka yobudala engama-62 futhi engumkhuzi wamasotsha ama-Quds ase-Iran, wabulawa ngamabhomu endiza yaseUSA eBaghdad. Ukubulawa kwakhe okwakuyalelwe nguMengameli uDonald Trump kwakhulisa ukungezwani phakathi kwe-USA ne-Iran kwathi izikhulu zaseIran zathembisa ukuziphindiselela.
USoleimani ukubulawa kwakhe kwaba nesililo esikhulu e-Iran okwagcina kuholela ekuvuselelweni kwezinsongo zaleli lizwe zokuxosha amasosha ase-USA e-Iraq, lapho la mazwe womabili (i-USA ne-Iran) benombango. Ukubulawa kukaSoleimani kwacishe kwasondeza ifu elimnyama emhlabeni jikelele ngenxa yokuthi kwaba nezinkulumo ezazithi i-Iran yayikulungele ukusebenzisa izikhali zayo zenuzi ukuziphindiselela kwaphinde kwavela nemibiko yokuthi kunohlelo lokusoconga uMengameli uTrump kodwa kwagcina ngokuthi i-Iran imubeke icala uTrump okuthiwa limisiwe aze ashiye isikhundla sakhe sobumengameli.