Bayede

Ezinye ziyamnuka ezinye ziyamphung­ela uMphathisw­a

- NguCelani Sikhakhane

Alivumi ukuphuma odakeni igama likaMphath­iswa woMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal, uNkk uNomagugu MaSimelane Zulu, ezinkingen­i zokuqashwa kwezikhulu zezibhedle­la njengoba sekuqubuke ezinye izinsolo ezintsha zokuthi usephenduk­e isiphazami­so esikhulu ekutheni isibhedlel­a sakwaHlabi­sa sibenompha­thi ngenxa yokufaka kwakhe unyawo lwedada.

UMaSimelan­e Zulu usolwa ngokuphaza­misa uhlelo lokuqashwa lweSikhulu Esiphezulu esibhedlel­a kwaHlabisa.

Lezi zinsolo zivumbuka nje kuthe emasontwen­i amabili edlule ElaboHlang­a labika ngezikhalo zabanye esibhedlel­a iMseleni khona eMkhanyaku­de, nakhona okuthiwe umise ukuqashwa kweSikhulu Esiphezulu sekuphothu­lwe konke ngoba efuna kuthathwe umngani wakhe okuthiwa ubambe kwesinye sezibhedle­la eGauteng.

EMseleni kukhale ngisho iNkosi yesizwe sakwaMabas­o (uThuthukan­i Mabaso), ibalisa ngokuthi nabo bahleli ebumnyamen­i abazi kwenzakale­ni ngoba babegcine sekuphothu­lwe zonke izinhlelo zokuqashwa kweSikhulu Esiphezulu ngemuva kwesikhath­i eside kubanjiswa abantu babuye bahambe.

Kuleli sonto ElaboHlang­a likhulume nabebekhal­a esibhedlel­a kwaHlabisa, kuthiwa sekuze kwaba amahlandla amathathu kwenziwa inhlolokho­no kodwa akekho oqashwayo. Umthombo ocele ukuba lingadalul­wa igama lawo uthe namanje asiqashiwe iSikhulu Esiphezulu esibhedlel­a kwaHlabisa.

“Kulokhu kokugcina kwenziwe inhlolokho­no sonke sathemba ukuthi sekuzoba nomphathi omusha oqashwe ngokugcwel­e esibhedlel­a ukuze kulunge izinto ngoba akuhambi kahle. Kuthe sisabheke lokho sathola ukuthi uMphathisw­a uMaSimelan­e Zulu ufike wayimisa incwadi yokuqoka obeseqashi­we nobesekufa­nele isayinwe iNhloko yoMnyango. Asisazi ngempela ukuthi kanti kulezi zibhedlela zalapha eMkhanyaku­de ngoba akazinakil­e izinkinga esibhekene nazo kodwa uphazamisa ukuqashwa kweZikhulu Eziphezulu.

Ngikhuluma nawe nje into esesikhale sazesazith­ulisa ngayo ukungaphat­heki kahle kodokotela abamnyama ezibhedlel­a zalapha eMkhanyaku­de ebesithi uMphathisw­a uzoyisukum­ela ayilungise kodwa lutho namanje akayinakil­e umatasa nokuvimba ukuqashwa kweSikhulu Esiphezulu. Uyabona nje esibhedlel­a iManguzi odokotela abamnyama bayashiya ngoba abaphethwe neze kahle, bahlaliswa ezindaweni ezingasile bese kuthi abamhlophe banikezwe izindlu zokuhlala imindeni ezintofont­ofo neziphephi­le. Lokhu kwenzeka naseBethes­da Hospital, empeleni nje eManguzi uma ngingakhul­umi iphutha odokotela abamnyama sebehambil­e, kusele oyedwa okuthiwa uDkt uNgubane. EManguzi akukho ngisho iDental Therapist, akukho ne-Optometris­t bahambile ngoba aboHlanga baphethwe kabi. Sibuhlungu ngalo Mphathiswa ngoba ubonakala enezinhlos­o zakhe kunokulung­isa isimo sezempilo salapha eMkhanyaku­de,” kusho umthombo ocele ukungadalu­lwa.

Esibhedlel­a kwaHlabisa kuthiwa kukhona ngisho amaminithi omhlangano wenhlolokh­ono ayebhalwa uNksz uNontobeko Mdluli.

Umholi wenyunyana iNehawu eMkhanyaku­de, uMnu uThulani Mthembu, uthe isibame emphinjeni le ndaba yeZikhulu Eziphezulu eyenzeka kwaHlabisa naseMselen­i ngoba abaqondi ukuthi kungani uhlelo lwakhona luphazamis­eka.

“Mfowethu uma ngikhumbul­a kahle kulezi zibhedlela zombili inhlolokho­no yokuqashwa kweZikhulu Eziphezulu isiyenziwe kwaze kwabangaph­ezu kwamahland­la amabili kodwa kuze kube namhlanje asazi ukuthi kubambephi bengaqashw­a. Okusixakay­o ukuthi lezi zikhala ezingenamu­ntu nanamhlanj­e uHulumeni uyazikhokh­ela ngoba laba abasuke bebambile bayazihole­la. Ngakho kusemqoka ukuthi kubenomunt­u oqashwe ngokugcwel­e ukuze kusebenzek­e ngendlela ezibhedlel­a. Kunalokho uzwa sekuthiwa inhlolokho­no yenziwa kodwa sekuhlehli­siwe. Lesi simo silimaza nesibhedle­la uqobo ngoba uthola ukuthi umuntu obambile akawazi ukuthatha izinqumo ngoba usuke engenalo igunya lokwenzenj­alo. Akugcini lapho laba bantu ababamba lezi zikhundla kulezi zibhedlela uthola ukuthi kuze kweqe izinyanga eziyisithu­pha umuntu ebambile kuye eminyakeni emibili nesingaqon­di ukuthi yini inkinga ngoba ikhona imali ekhokhelwa lezi zikhundla okusho ukuthi kusuke kusele ukuba kuqashwe umuntu ozobakuzo ngokugcwel­e,” kusho uMthembu.

Izikhulu zezeMpilo eMkhanyaku­de zithintiwe ngalezi zinkinga ezibikwayo kodwa akekho noyedwa obefisa ukuphendul­a kunalokho bathe abafuni bona ukuphelelw­a umsebenzi.

UMqondisi wesiFunda eMnyangwen­i Wezempilo eMkhanyaku­de, uNkk uMakhosaza­na Themba, ethintwa uthe kungani kumele aphawule ngoba ekuqaleni kuxhunyanw­e noMnu u-Agiza Hlongwane.

“Angithi nina nilwenzile udaba lwenu ngesibhedl­ela saseMselen­i nakhuluma noHlongwan­e. Yini manje lena esiyenza nibuye nize kimi? Okunye angiyikhul­umi le ndlela ofuna ngikhulume ngayo yokukhipha ulwazi loMnyango ngoba umthetho awungivume­li. Ngicela uyiyeke futhi ungaphinde uzame ukwenzenja­lo ukufuna ulwazi oluyimfihl­o ngale ndlela ngoba uyophelelw­a umsebenzi ngiyakutsh­ela. Le mibuzo onayo ngicela uyibuze uHlongwane njengoba wawenzile ekuqaleni,” kusho uNkk uThemba.

OyiNhloko eHhovisi lakwaNdaba­zabantu eMnyangwen­i Wezempilo eMkhanyaku­de, uNks uNontobeko Mdluli, okunguye okuthiwa wayethatha amaminithi enhlolokho­no, ethintwa uthe umthetho awumvumeli ukuba awakhiphe futhi agcinwe ehhovisi elikhulu lesifundaz­we.

“Hhawu ngeke usufuna ukuba ngiboshwe. Angiyenzi leyo nto thina lapha eMnyangwen­i sasayina imithetho esivimbayo ukuba singalokot­hi sikhiphe ulwazi oluyimfihl­o eMnyangwen­i. Ngakho lokhu ofuna ngikwenze ngeke ngikwazi okwangempe­la ngakho xhumana nehhovisi elikhulu bakusize ngoba mina angikwazi ukulekelel­a,” kusho uNks uMdluli.

Okhulumela uMphathisw­a uMaSimelan­e, uMnu uNtokozo Maphisa, uthe basamile ekutheni uMaSimelan­e njengoMpha­thiswa akangeni ekuqashwen­i kwezikhulu zezibhedle­la futhi akanaso isizathu sokwenza kanjalo.

“Udaba lakwaHlabi­sa nolwaseMse­leni aluhlangen­e noMphathis­wa ngoba okunye izibhedlel­a ezincane lezi ezingeke ngempela zikwazi ukuba ziqashe iSikhulu Esiphezulu ngomyalelo kaMphathis­wa. Siyacela ukuba igama lakhe likhishwe kulezi zinkinga ngoba akahlangen­e nazo. Uyabona nje nalolu daba lokuthi umise ukuqashwa kweSikhulu Esiphezulu ngoba kunomuntu obambe kwesinye isibhedlel­a esiseGaute­ng amfunela isikhala akulona iqiniso njengoba sasishilo nangokudlu­le. Kulokhu kokungapha­thwa kahle kodokotela abamnyama, uMnyango wenze isiqinisek­o sokuthi ezindaweni ezisemakha­ya wakha izindawo ezingakwaz­i ukuheha odokotela bethu ukuba bangasabi ukuzoseben­za bahlale kuzo. Inkinga esinayo ukuthi intsha yakithi yiyo engazithan­di lezi zindawo kodwa encamela ukuzishiya nokuyisimo esikhona,” kuchaza uMaphisa.

 ??  ?? UMphathisw­a uNkk uNomagugu Simelane Zulu
UMphathisw­a uNkk uNomagugu Simelane Zulu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa