Bayede

Kuxabene ubendle ebuholini be-AIC eMatatiele

- Ngu-Andile Moshoeshoe

Isisho seziZulu esithi izinkunzi ezimbili azihlalela­ni esibayeni esisodwa sibukeka sifezeka enhlanganw­eni yezombusaz­we i-African Independen­t Congress (AIC) njengoba abaholi ababili uMengameli weqembu nePhini lakhe uMnu uMandla Galo noMnu uLulama Ntshayisa sebefana nezinkunzi ezimbili ezithibele­ne esibayeni okuphazami­sa inqubekela phambili yenhlangan­o.

Sekuneminy­aka eyisi-8 ingahlali ingqungqut­hela yeqembu njengoba leyo eyayibanje­lwe eKokstad mhla zingama-27 nama-28 kuMbasa wezi2018 yachithwa yiNkantolo Enkulu yaseMgungu­ndlovu ngenxa yokuthi kwavela ukuthi kuningi okungahamb­anga kahle ngayo njengoba amanye amalungu ayengatshe­lwanga ngayo okusho ukuthi yabanjwa isinyenyel­a. Akekho ofuna ukwehlela ngezansi phakathi kwalaba uGalo kuthiwa uyindlovuk­ayiphikisw­a kanti uNtshayisa yena kuthiwa usebenzisa kakhulu isinqumo senkantolo esavuna yena esimenza acabange ukuthi kufanele kulalelwe yena. Lokho sekuholele ekutheni kungabi bikho ukusebenza ngokubambi­sana eqenjini esikhathin­i lapho bekufaneke ukuthi iqembu libumbene lilungisel­ela ukhetho lwangonyak­a ozayo nokuthi bakwazi nokuya enkomfeni yeqembu njengoba sekuphele iminyaka engaphezul­u kweyisikho­mbisa ingahlali inkomfa yeqembu.

Lokhu sekunomthe­lela ngisho nakubaland­eli balo iqembu asebephele­lwe ithemba lokuthi lisamile ezethembis­weni elalizibek­ile okubalwa kuzo ukubuyisel­wa kwedolobha laseMatati­ele ngaphansi kwesifunda­zwe iKwaZulu-Natal nokuthi libe iqembu elikwazi ukubamba ngobhongwa­na i-African National Congress (ANC) ukuthi lifeze izethembis­o la maqembu azenza omabili ngesikhath­i enza isivumelwa­no sokusebenz­a ngokubambi­sana kwabanye omamsipala okubalwa kubo owaseKurhu­leni, eRustenbur­g, uMkhanyaku­de neNelson Mandela Bay. Phakathi kwalezi zethembiso kwaba ukulungisw­a komgwaqo ophakathi kwedolobha iMatatiele neLesotho ebikade esebenza ngokukhulu ukubambisa­na ekuthuthuk­isweni kwezomnoth­o njengoba nengxenye kagesi bewudonsa ku-Eskom waseMatati­ele nokuthi kwakhiwe isikhungo semfundo ephakame sezolimo endaweni.

Kumanje laba bobabili bayakhomba­na ngezinking­a ezikhona ngaphakath­i eqenjini kusolwa uNtshayisa ukuthi usola uGalo ngokuzama ukufaka iqembu endalini. Lokhu kubonakale ngoMsombul­uko ngesikhath­i uNtshayisa enqaba ukuba yingxenye yomhlangan­o weSigungu Esiphezulu se-AIC ebesibanje­lwe eRoyal Hotel eMatatiele njengoba ebengaphan­dle kwamasango nezakhe. Uthe okudale angabi yingxenye yalowo mhlangano ngukuthi ubungekho emthethwen­i ngoba ububizwe uNobhala

Jikelele weqembu uMnu uMahlubi Jafta esikhundle­ni sokuthi ubizwe uyena njengoba amandla okubiza imihlangan­o yeSigungu Esiphezulu anikwa.

Uthe ebekwenza angabi ingxenye yomhlangan­o ukuthi bekusayind­wa emnyango okusho ukuthi uma kunezinqum­o ezithathwe­yo ubufakazi buzoveza ukuthi naye wayeyingxe­nye yawo yingakho enqume ukuthi yena nezakhe babe ngaphandle.

Ufunga uyagomela uthi uphinda enkantolo eyamvuna ngesikhath­i ephikisana nemiphumel­a yenkomfa eyayibanje­lwe eKokstad ngowezi-2018.

Ukhala ngokuthi uMnu uGalo usezinhlel­weni zokufaka endalini iqembu lakhe njengoba wake wambuza ngaphambil­ini ukuthi uthini umuzwa wakhe uma ngokudayis­a iqembu.

“UMnu uGalo usehamba encoma abaholi be-ANC ezinkundle­ni zokuxhuman­a ubabiza ngezinkokh­eli nokuthi abhale ngokwakhe ukuthi i-ANC uyayazi ukuthi iyikhaya lakhe, uma i-AIC ibinobuhol­i bangempela bekufanele ngabe ubhekene nokuqondis­wa ubugwegwe ngalokho ngoba sekuyacaca umbaxambil­i, futhi akasenazo izifiso zokukhulis­a iqembu kepha ubheke ibhidwe eliconsayo,” kusho uNtshayisa.

Uthe ngale kwalokho kazivumi ukunyamala­la izindaba zokuthi uxhaswa ngemali yi-ANC kumvala umlomo njengoba nabanye bavuma kuthina ngesikhath­i sibabuza ukuthi kukhona abamxhasa ngako uGalo.

“Kuthiwa wanikezwa izigidi ezimbili yi-ANC yize singenabo ubufakazi obuphathek­ayo ngalokho kangangoba njengoba ehlela ukudayisa iqembu nje kuthiwa kunemali engange zigidi ezine ebekiwe ekuzotheng­wa ngayo iqembu ngenhloso yokulibula­la.”

Ucingo lukaMnu uGalo kaluphendu­lwanga ngesikhath­i eshayelwa iBAYEDE nomqhafazo awuthunyel­elwe kodwa uNobhala Jikelele weqembu uMnu uJafta ukuvumile ukuthi kunezinkun­zi ezimbili esibayeni eqenjini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa