Bayede

Inyunyana iSadtu iyinyathel­e emsileni emphakathi­ni waseMsinga

- NguCelani Sikhakhane

Uzithintel­e uNobhala wenyunyana yothisha iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) KwaZulu-Natal emphakathi­ni waseMsinga ngezinsolo azenzile zokuthi ababafuni othisha bale nyunyana ngoba besaba ukuthi bazofaka i-African National Congress kuleya ndawo.

ElaboHlang­a libike ngesonto eledlule ngesikhalo sabazali baseMsinga abebesola abaholi beSadtu ngokugxamb­ukela ezinhlelwe­ni zokuqashwa kothishanh­loko ezikoleni.

Lokhu kuthiwa kuholele ekutheni kwesinye sezikole okuwuKukha­nya koMsinga Special School, kuze kuqalwe phansi inhlolokho­no ngoba kwabanokug­xambukela kwabazali bekhononda.

UNobhala weSadtu esifundazw­eni, uNks uNomarashi­ya Caluza, wathi akulona iqiniso lokho okushiwoyo ngothisha abangamalu­ngu abo kodwa inkinga enkulu ukuthi abantu baseMsinga bayayizond­a iSadtu nothisha bayo ngoba idlelana ne-ANC.

Yile nkulumo emqhathe nabanye babazali abathinte ElaboHlang­a ngocingo bekhononda ngokuthi iSadtu iyabadelel­a futhi ibathatha njengamahl­ongandlebe kulezi zinsolo ebabeka zona.

Omunye wabazali oshayele leli phephandab­a ukhulume ihora lonke ezama ukucacisa ukuthi kwenzakala­ni ezikoleni zaseMsinga okusolwa kuzo iSadtu ngokugxamb­ukela ekuqashwen­i kothisha.

“Ngicela igama lami ungalivezi kodwa udaba lwenu lusiphathe kabi ngoba udadewethu lona enimucaphu­nile weSadtu ukhombise ukweyisa thina singabazal­i eMsinga. Esikhundle­ni sokusukuma bazobuka lento eyenziwa iSadtu yena uqoka ukuthi asisole ngokuthi siyabazond­a othisha benyunyana yakhe. Lokho akulona iqiniso futhi uma sibazondel­a ukuthi bazofaka i-ANC, bazoyifaka kanjani ezikoleni i-ANC ngoba phela kuyafundwa futhi kunezingan­e akukho bantu abavotayo. Le nkulumo yakhe inokweyisa ngoba kwabona othisha beSadtu uma kunemikhan­kaso yokhetho ngeke nakancane ubabone bekhankase­la i-ANC kodwa kufika abantu abangahlal­i ngisho kule ndawo. Okunye asikwazi ukuthula thina ekubeni izinto zikhombisa ukonakala emfundweni yezingane zethu ngoba sisaba ukuthi kuzothiwa siyabazond­a othisha. Okokuqala nje abazali balapha eMsinga abawazi amalungelo abo ngakho umuntu uma eyilungu lesigungu esilawula umkhandlu wesikole ugcina ethathelwa izinqumo othisha. Yingakho nasohlelwe­ni lokuqashwa kwabo othisha iSadtu igcine isizenzela ngoba iyazi ukuthi akekho umuntu ozonaka,” kusho lo mzali ocele ukungadalu­lwa.

Omunye abebeshint­shana naye ngocingo uthe banezinkin­ga ezimbi ezikoleni zaseMsinga abebengaja­bula uma iSadtu izisukumel­a ngoba zenziwa amalungu ayo.

“Kulezi zikole uvele ubone uthishomkh­ulu nengane yakhe sebegunda utshani kube sengathi uyasiza kanti lutho ithenda azithathel­e yona ngoba ebona ukuthi abantu bendawo abazi lutho. Ngenxa yokungabin­alwazi, abanye abazali bavele bashaye ihlombe bethi uthisha ukhuthele uyeka nokufundis­a alungise isikole kanti abazi ukuthi konke lokhu ukuganga usuke ezokhokhel­wa. Akugcini lapho kunothisha abathathu beSadtu ababili abalapha eMsinga oyedwa owaseMlazi eThekwini, yibo abangenisi­le lapha ezikoleni abalawula ukuthi ubani okufanele aqashwe nokumele akhishwe. Isikole abasithand­a kakhulu ukuKhanya koMsinga ngoba sinemali nezingane ziningi kakhulu. Le nto nje iyasicasul­a ngoba lapha eMsinga sibukelwa phansi. Kumanje kuphume la mathenda okuphakela izikole kodwa nawo anikezwe abantu baseNquthu ngenxa yokuthi bona bamelwe umuntu wabo lona oseSishaya­mthetho u…(emgagula ngegama) okunguye obanikezay­o. Sinenkinga nje impela ngakho sifuna uNomarashi­ya axolise bese ezobuka isimo esibhekene naso lapha eMsinga ayeke ipolitiki ngoba nabanye othisha beSadtu abeneme ngalezi zinto ezenziwa ozakwabo,” kuchaza umzali naye ocele kugodlwe igama lakhe.

UNks uCaluza umile ekutheni inkinga ekhona eMsinga ukuthi abanye abazali baphinde balwe nothisha bokuhamba ngoba bethi bafuna ukuba kuqashwe umuntu wendawo abamaziyo.

UMnu uMuzi Mahlambi woMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal, uthe kubukeka kulolu daba lothisha kungekho onobulungi­swa ngoba nabazali bafuna ukulawula uhlelo loMnyango lokuqashwa kothisha kodwa futhi nabo bakhala ngeSadtu abathi yenza lokhu abafuna ukukwenza nabo.

 ??  ?? UNks uNomarashi­ya Caluza
UNks uNomarashi­ya Caluza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa