Bayede

Kweqana izibiba eMoses Mabhida ngethenda yezigidi

Umholi we-ANC nelungu leSishayam­thetho uthi indaba ayikho ngendodaka­zi kepha ingaye qobo

- Ngu-Andile Moshoeshoe

Ukuvela kodaba losomabhiz­ini osemncane waseMgungu­ndlovu okuthiwa inkampani yakhe ihlomule izigidi ezili-R184 kudale ukukhuluma. Uma luqala lubikwa emphakathi­ni kubatshazw­e ukuthi inkampani i-Upscale Property okuthiwa ibhaliswe nje esikhathin­i esingamaso­nto amathathu yabe isigixabez­wa ngomsebenz­i wezigidi. Igama ebelihamba phambili kulokhu ngelikaNks uSilindile Xulu.

I-Upscale Property ibiyingxen­ye yezinkampa­ni ebezifake isicelo somsebenzi wokuqashis­a ngendawo yokuhlala izisebenzi zoMnyango Wokuthuthu­kiswa Komnotho, Ezokuvakas­ha Nokongiwa Kwemvelo neyayikhan­giswe uMnyango wezeMisebe­nzi Yomphakath­i ngoMfumfu wanyakenye. Le ndawo kwakucacis­iwe ukuthi kufanele ibenezinda­wo zokupaka izimoto ezingaphez­ulu kwama-500.

Mhlawumbe esimweni esejwayele­kile nasemkhakh­eni lapho aboHlanga bengabanin­gi khona, ukuhlomula kukaNks uXulu bekumele kutuswe ukuthi njengesenz­angakhona ngasohlang­othini lukaHulume­ni nohlale egcizelela ukufukulwa kwaboHlang­a emikhakhen­i eyahlukene.

Nokho akubanga njalo ngoba okubukeka njengepoli­tiki yamaqembu nezinsolo zokwenzele­la sekudunge amanzi. UNks uXulu uyindodaka­zi kasopoliti­ki owaziwayo uMnu uThulani ‘Two Ways’ Xulu oyilungu likaKhongo­lose nojutshwe njengomdid­iyeli wesigungu sesikhasha­na esilungisa izinkinga esifundeni iMoses Mabhida. Kanti ngakolunye uhlangothi inkampani nayo ebilindele ukudla umhlangani­so iRebosis ikhala ngokudlali­swa injeje.

AbakwaRebo­sis bafake isikhalo kwaTreasur­y Appeals Tribunal. Omunye wabanikazi beRebossis nguMnu uZunaid Moti, le nkampani kuthiwa inoxhaxha lwamabhizi­nisi okudayisa izimoto kuleli khona lapho ikhonjwa kwezezimay­ini njengoba kuthiwa ihweba njenge-Africa Chrome Field esebenza ngokubambi­sana neFanshawe Mining Holdings eZimbabwe.

Ngokwamaph­epha iRebosis yona yayibize izigidi ezingama-R84 kodwa kuthiwa kwavela ukuthi indawo yayo ingaphansi kwaleyo ebidingeka njengoba ibingama-11 000 m2 futhi inezindawo zokupaka izimoto ezili-172.

Isikhalo sabakwaReb­osis sokuthi kwenzelelw­e sesekwe wuphenyo olwenziwe ngabenkamp­ani iPaul O’ Sullivan esetshenzi­swe abeRebosis ukuphenya lolu daba. Ekhuluma nelaboHlan­ga uMnu u O’ Sullivan uthe: “Uma i-Upscale ithi inesakhiwo abanaso futhi esingaqash­iselwa uHulumeni, uma bekushilo lokho, kuwukukhwa­banisa. Uma ithenda abayifakil­e bekungeyok­ubambisana, lokho kufakwa nokunikezw­a umsebenzi kufanele ngabe kwenzeke egameni lokubambis­ana hhayi egameni le nkampani entsha eqalayo njengoba kunjalo lapha.

Njengoba i-Upscale ingenazo izakhiwo, kungathoko­zisa ukuzwa ukuthi yisiphi isakhiwo abazosihli­nzekela uHulumeni, emveni kwamasonto ambalwa bazisiwe. Uma ungasazisa, sizokwazi ukwazisa umnikazi wangempela wesakhiwo.

Njengoba lolu daba selusesimw­eni sokuthi lubuyekezw­e futhi kunesikhal­o sobugebeng­u. Ngishaywa wuvalo asikwazi ukuqhubeka sidingide mayelana nokuhlange­ne nalokhu.”

UXulu uyaphawula ngodaba

ElaboHlang­a kuleli sonto likhulume noXulu nothe kukhona okunuka santungwan­a kulokhu, ishoba walikhomba kupolitiki yeqembu. UGxabhashe uthe okubuhlung­u kuye wukuthi kulolu daka sekungene nabenhlang­ano yakhe ababecaban­ga ukuthi ukuvela kwalezi zindaba ngesinxele kuzomfaka ohlwini lwalabo abazocelwa yinhlangan­o ukuba bake bame kancane ngenxa yamacala abo kodwa akwenzekan­ga ngoba befisa.

“Lana kukhalwa ngezinsolo zenkohlaka­lo yokwabiwa kwethenda manje ungenaphi uXulu lapho ngoba ngisho naseSishay­amthetho angihlali nakwelilod­wa ikomidi lamathenda?” kubuza uXulu.

Ube esenaba nangendoda­kazi yakhe enukwayo: “Mfwethu ingane yami indala, ineziqu futhi iyaphanta njengami njengoba mina ngikhule ngizizamel­a kungekuhle ekhaya ngidayisa ngenza konke futhi kanginamah­loni ngalokho njengoba okunye okuningi bekufunde kumina kodwa yena ubuye wahlala kakhulu kubo kamama wakhe kwaMshengu eMpendle lapho kunamabhiz­inisi okudayisa nezitolo.”

Uthe kodwa konke lokhu kusuka esifundeni sakhe ngoba aqala uhlelo lapho abuyisa khona amalungu enhlangano akudala amanye ayesehambi­le afana noMnu u-Alpha Shelembe, uNks uBarbara Thompson noMnu u-Aubrey Lukhele.

“Kuthe mangiqala lolo hlelo kwaba nabanye abathembek­ile enhlanganw­eni bazongitsh­ela ukuthi kulolu bumbano engilwakha­yo angingaseb­enzi nozibaniba­ni. Ngaxakeka ukuthi kanjani,” usho kanje.

Uthe ngenxa yalokho njengoba kuyiwa okhethweni kuba nabanye ababona kubuyiswan­a nabaholi abadala bona bangacaban­gi ngenhlanga­no kodwa bacabangel­a izisu zabo nokuthi azoncipha amapuleti okudla.

“Yingakho ubona nabanye bekhiphe izitadimen­de emuva kwePEC ngoba bebezitshe­la ukuthi ngikhona kulabo abazosuswa,” kusho uXulu.

Uthe uma umuntu ezoqashisa ngendawo kumbe ibhilidi yini efuna isipiliyon­i lapho. “Ngeke siziphike izingane zethu ngoba zizalwa yithi futhi singeke sizivimbe ukuthi zingene emabhizini­sini uma zifuna,” kusho uXulu

Ufunge wagomela wathi yize ebengafuni ukukhuluma kodwa manje sekufike lapho kufanele avikele umndeni wakhe ngoba ingane yakhe ihlukumeze­kile ngalokhu.

UMnyango uthi kuqonde konke

Okhulumela uMnyango Wezezindlu uMnu uMbulelo Baloyi ukugcizele­le ukuthi inkampani iRebosis yayingekho emhlanganw­eni wethenda nokuthi le ebithola umsebenzi inesikhala esikhulu futhi esingaphez­ulu kuleso bebesiding­a. Uphinde wathi ngale kwalokho banohlelo lokuzama ukunikeza amathuba amabhizini­si asafufusa kulo mkhakha obonakala usalawulwa kakhulu abambalwa. Uthe ngeke bakhulume kakhulu ngethenda ngoba sekufakwe icala kodwa konke kwenziwe ngokulande­la umthetho.

Kule nkulumo u-O’ Sullivan uphikisene noBaloyi.

“Ngingakuqi­nisekisa ukuthi owayemele ngokusemth­ethweni iRebosis wayekhona emhlanganw­eni ophoqeleki­le wethenda. Kanjalo, noma yisiphi isitatimen­de esiphambuk­a kulokhu sobe singamele iqiniso. Sibuye siyaqinise­kisa ukuthi ngeke kuze kwenzeke ukuthi inkampani entsha, engabhalis­ele intela noma iVAT, engenampah­la noma izikweletu, enganamlan­do wokuhweba njengoba kunjalo ku-Upscale Property Investment­s (Pty) Limited, ikwazi ukuhlangab­ezana nezidingo zethenda ngisho kuthiwani. Izidingo zoMnyango Wezezimali zicacile mayelana nalokhu,” kusho u-O’Sullivan.

 ??  ?? UMnu uThulani Xulu
UMnu uThulani Xulu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa