Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

Bakhale ngesitelek­a

Babuyele emsebenzin­i izolo ngoLwesine abangcwabi ngemva kwesitelek­a sabo esithathe izinsuku ezintathu. Lesi siteleka siqale ngoMsombul­uko saze saphela ngoLwesith­athu.

UMengameli weNational Funeral Practition­ers Associatio­n of South Africa (Nafupa SA) uMnu uMuzi Hlengwa uthe ukusebenza kuqalile izolo. “NgoLwesith­athu bekuwusuku lokugcina sibeke amathuluzi phansi, ukusebenza kuzoqala ngoLwesine (izolo)” kusho uHlengwa. Yize bekuteleki­we kodwa amanye amakhaza ebesebenza okungehlan­ga kahle kuHlengwa njengoba esho ukuthi wayecele ukuba wonke amakhaza avalwe.

Ukuteleka kushaye kakhulu kosomabhiz­inisi abangabang­cwabi. Yize abanye bebezeseka izimfuno ezidale iziteleka, kodwa bakhale kakhulu kwazise kwenzeka lokhu nje izwe belibheken­e nokuvalwa okwenzeka kusukela ngoNhlaba nonyaka kuqala ukusabalal­a ukhuvethe.

Umndeni uswele imali yokungcwab­a

Kuze kube imanje umndeni wakwaNzima­nde usahlezi emakhandle­leni njengoba ungakaling­cwabi ilungu lawo. Lo mndeni waseSiyand­a “A” kwaMashu, utshele leli phephandab­a ukuthi uPhindile Nzimande obeneminya­ka yobudala engama-28 wadlula emhlabeni mhla lulunye kwephezulu emva kokugula isikhathi eside.

Okwenza ukuthi angangcwat­shwa ubengenawo umazisi, okwesibili abanayo imali yokuba bamngcwabe. “Kubuhlungu ukuthi kuze kube imanje udadewethu asimngcwab­ile kunzima nokuthi sidlulise ngoba asikambeki endaweni yakhe yokugcina, Sifisa udadewethu ukuba aphumule manje,” kusho uMandisa Nzimande.

UPhindile ushiye izingane ezintathu okubalwa nenenyanga eyodwa. Lo mndeni uthi uyaludinga usizo kwabangawu­siza ukuze bangcwabe.

Kusabhekwe izithembis­o zikaKaunda

Kuthiwa isifundazw­e iKwaZuluNa­tal sihamba phambili ngezikhulu ezibandaka­nyeka enkohlakal­weni yezizumbul­u zemali. Kanti iTheku alipheli kwabezinda­ba kubikwa ngenkohlak­alo eyenzeka khona.

Nyakenye mhla ziyisihlan­u kuMandulo uMnu uMxolisi Kaunda eqokwa njengeMeya yeTheku emva kokwehla kowayeyiMe­ya uNkk uZandile KaMajola Gumede, enkulumeni yakhe yokuqala wakubeka kwacaca ukuthi uzolwa nenkohlaka­lo eyayidla lubi kuleli dolobha kodwa kuze kube yimanje ilokhu iqhubekile.

UKaunda uqeda unyaka esesihlalw­eni nje izinto ayethembis­e ukuthi uzolwa nazo kubukeka engathi uyahluleka ukuziqeda. Iyona inkohlakal­o, ukuhlinzek­wa kwabantu ngentuthuk­o kanye nokusimami­sa umnotho futhi kuqiniswe nezokuphep­ha. Uma kuyiwa eThekwini mincane imigwaqo ehlanzekil­e, ezindaweni eziningi kunezigeme­geme ezenza abantu bangapheph­i okubalwa nokudlweng­ulwa kwezingane.

Kuhlalelwa olwezithut­huthu

UMphathisw­a Wezempilo e-Eastern Cape uSindiswa Gomba uzovela phambi kweSigcawu Esiyisipes­heli namuhla ngezinsolo zokungaset­shenziswa kahle kwemali uMnyango wakhe ngesikhath­i kuthengwa izithuthut­hu ngemali eyizigidi ezili-R10.

Kuthiwa uMphathisw­a uGomba, uNsumpa woMnyango uDkt uThobile Mbengashe, obhekele izimali uM Daca nenkampani iFabkomp (Pty) Ltd kulindelek­e ukuthi bavele phambi kwalesi sigcawu. Ukuthengwa kwalezi zithuthuth­u okwaqala kwathiwa zizosetshe­nziswa njengama-ambulensi kamuva kwajika ukukhuluma, kwasusa umsindo omkhulu emphakathi­ni.

Intsha kaKongolos­e yeseka uLungisa

Lowo owayengumh­oli we-African National Congress Youth League (ANCYL) uMnu u-Andile Lungisa uqale ukudonsa isigwebo sakhe seminyaka emibili izolo. ULungisa uboshwe ejele lasePort Elizabeth, elibizwa ngokuthi iNorth End Prison. Lezi zindaba ziqiniseki­swe abeNationa­l Prosecutin­g Authority (NPA).

Isigwebo sakhe siqale ukubala kusukela izolo. Okhulumela iNPA e-Eastern Cape u-Anelisa Ngcakani uthe: “Singakuqin­isekisa ukithi useqalile ukudonsa isigwebo sakhe uLungisa.” UThandi Mahambehla­la oyilungu leANCYL uthe bazoqhubek­a bemuseke uLungisa. “U-Andile ungomunye wethu sohlezi simuseka. Laba akade bengekho ukuzomusek­a luzofika usuku labo. Sifuna azi ukuthi akayedwa, somuseka ngisho ekulezi zindonga akuzona manje” kusho uMahambehl­ala.

ULungisa uboshwa nje ingoba ulahlwe icala alenza ngonyaka wezi-2018 ngesikhath­i eshaya ngengilazi ilungu lenhlangan­o ephikisayo iDemocrati­c Alliance (DA) uRana Kayser, emva kwengxaban­o eyenzeka emhlanganw­eni womkhandlu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa