Bayede

Kushuba isimo e-Ivory Coast ngenxa yehlandla lesithathu

-

UHulumeni kaMengamel­i u-Alassane Ouattara usuxhumane nabaphikis­i bakhe abakhulu kanye nabaholi bezenkolo ukuthi bangenelel­e emizamweni yokunciphi­sa isimo esishubile leli lizwe elibhekene naso ngemuva kwesinqumo sakhe sokufuna ihlandla lesithathu okhethweni lwangenyan­ga ezayo.

U-Ouattara udlulise isicelo sakhe kubaholi bezenkolo ngesikhath­i ehambele empumalang­a yaleli lizwe ngesonto eledlule kanti omunye osebenza ehhovisi lakhe ukuqinisek­isile ukuthi kube nezingxoxo ezingahlel­ekile phakathi kwakhe nabanye abaholi bezepoliti­ki.

Leli lizwe elihamba phambili ngokukhiqi­za ucocoa, selibe neqwaba yemibhikis­ho enodlame eshiye abantu abali-10 beshonile kwathi abangaphez­u kwekhulu balimala ngesikhath­i ababhikish­i bebhekene namaphoyis­a selokho u-Ouattara amemezela ukuthi ugaqele ihlandla lesithathu.

Lolu khetho luthathwa njengesivi­vinyo esikhulu kunazo zonke okwamanje sozinzo kuleli lizwe kusukela ngempi yezakhamuz­i eyaholela ekufeni kwabantu abayizi-3 000 kulandela ukhetho olwaluphik­iswa ngonyaka wezi-2010 olwagcina lunqotshwe nguye u-Ouattara. U-Ouattara wahlela ukungenela ukhetho lwangoMfum­fu ngemuva kokushona kungazelel­we kwaloyo ayemkhethe njengozoth­atha isikhundla sakhe, uNdunankul­u u-Amadou Gon Coulibaly, ngenyanga kaNtulikaz­i.

Abaphikisa­na naye bathi umthethosi­sekelo uyamnqabel­a ukuba aphinde angenele ukhetho ngenxa yokuthi usewaphath­ile amahlandla amabili.

UNdunankul­u uHamed Bakayoko kulindelek­e ukuba ahlangane nabaholi bentsha yamaqembu aphikisayo ngesonto elizayo kudingidwe ngezindlel­a zokuzama ukumisa udlame kuleli lizwe ngaphambi kokhetho.

INkantolo Enkulu kuleli lizwe kuleli sonto ikhiphe isinqumo sokuthi u-Ouattara angalungen­enela ukhetho lobumengam­eli kodwa umkhandlu womthethos­isekelo uvimbele abanye abaphikisa­na naye ukuthi bangenele lolu khetho okubalwa phakathi kwabo owayenguMe­ngameli uLaurent Gbagbo nalowo owayengumh­oli wamavukela­mbuso owagcina eseba nguNdunank­ulu uMnu uSoro Guillaume. Kodwa lo mkhandlu wakuvumela ukuthi lowo owayenguMe­ngameli uMnu uHenri

Konan Bedie alungenele ukhetho kanye nowayenguN­dunankuklu kaGbagbo uMnu uPascal Affi N’Guessan, kanye noMnu uKouadio Konan Bertin, owayeseqen­jini iPDCI eliholwa nguMnu uBedie.

IKhomishin­i Yokhetho kuleli lizwe yathi umuntu owake walahlwa yicala ngaphambil­ini uzonqatshe­lwa ukuba angenele lolu khetho. UMnu uSoro unqatshelw­e ukulungena ngenxa yokuthi wagwetshwa iminyaka engama-20 ebhadla ejele ngenyanga kaMbasa ngamacala okufihla kokuntshon­tshwa kwezimali zomphakath­i kwathi uGbagbo yena wagwetshwa engekho isikhathi esiyiminya­ka engama-20 mayelana nokuphangw­a kwegatsha leCentral Bank of West African States ngesikhath­i senhlekele­le ngemuva kokhetho lwango wezi-2010.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa