Bayede

Uphoselwa inselelo ofuna ihlandla lesithathu eGuinea

-

Umholi ongumakade ebona weqembu eliphikisa­yo eGuinea, uMnu uCellou Dalein Diallo, emasontwen­i amabili edlule ukhethwe yiqembu lakhe i-Union of Democratic Forces of Guinea (UFDG) ukuba aphonsele inselelo uMengameli waleli lizwe uMnu u-Alpha Conde ofuna ukuphatha leli lizwe ihlandla lesithathu okhethweni lobumengam­eli lwangoMfum­fu yize kunemibhik­isho evela emaqenjini aphikisayo. UConde (82) wahlula imbangi yakhe enkulu uDiallo okhethweni lwangowezi-2010 kwathi ngobuhlaka­ni bakhe wabeka phambili ukuchitshi­yelwa komthethos­isekelo ngenhlolov­o yangoNdasa eyayisusa imikhawulo yokuthi uMengameli uphatha amahlandla amangakhi. Ngalesi senzo sakhe kwavuleka isikhala sokuthi aphinde asifune lesi sikhundla.

Umphathi noma omunye umholi omkhulu weqembu i-UFDG uMnu u-Abdoulaye Diouma Diallo, uthe umkhandlu kazwelonke weqembu ukhethe uDiallo njengozoba­hola okhethweni lobumengam­eli.

Iqembu likaMnu uDalein Diallo, eselihlang­ene namanye aphikisayo ukuze ahole umbhikisho mayelana noshintsho lomthethos­isekelo ngaphambil­ini akubeka kwacaca ukuthi yena akawamukel­i lo mthethosis­ekelo omusha.

UDiallo oneminyaka yobudala engama-69, kulindelek­e ukuba aphose inselelo enzima kuConde ngemuva kokuthi omunye umholi weqembu eliphikisa­yo uMnu uSidya Toure, owaphuma isithathu okhethweni langowezi-2010 nangowezi-2015 ememezele ukuthi angeke alibambe iqhaza nonyaka.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uMnu uDalein Diallo wayenguNdu­nankulu ngaphansi kwaloyo owayenguMe­ngameli kusuka kowezi-2004 kuya kowezi-2006 uMnu uLansana Conte.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa