Basola amabhange kwebiwa imininingwane
Mhleli
Lena ishayisa amakhala impela, ihlobene nokubheduka kwalokhu ebesifundekelwa ngakho okuthiwa ukhuvethe. Ngake ngabona kodwa ukuthi emuva kwalolu khuvethe kunokukhulu okwenziwayo nakhu-ke sekuyavela manje. Yona le nkampani ebiphethe imininingwane yabantu emhlabeni ibisingaluthwa umuntu nje owenza imikhuba? Cha!! Angiboni kanjalo kuyacaca ukuthi umndeni wakwaRothschild uyawubusa umhlaba ngokwebiwa kwemininigwane nje sekuthinteka izinhlaka ezizungezisa imali.
- ngu-Amun-Ra Heru Apis Mhleli
Abantu abantshontshelwanga imininingwane yibona ababudedengu ngemininingwane yabo. Ngomunye unyaka kwake kwakhona abantu ababevulisa abantu ama-akhawunti akwaCapitec bebanikeza ama-R600, ngambuza lo owayengincenga ukuthi nami ngilivule wahluleka ukuphendula ukuthi uma sengilivulile bazoyenzani leyo akhawunti. Ngamtshela ukuthi bagebenga abantu wabiza laba ahamba nabo bangisabisa ngahamba ngangabe ngisabheka emuva.
- nguVuyani B Mbatha Mhleli
Ziyethusa lezi zindaba. Ukulahleka kwemininingwane engaka kusho inhlekelele ezobhekana nezakhamuzi. Nakuba le nkinga ibhekiswe kwabezibonelelo, kodwa kungenzeka esikhathini esizayo le mininingwane isetshenziselwe ukuqola abantu noma umuntu kuzothiwa uyakweleta ndawana thile ekubeni engazi yena. Abanye bayothuka bedonselwa izimali kuthiwe bajoyina izinkampani ezithile zemishwalense. Kufana nalezi zinkampani ezifonelana nsuku zasa mina ngihlale ngizibuza ukuthi imininingwane yabantu ziyithathaphi? Bayafonelana bethi banezinkampani ezibekelana imali uyithole isiningi. Abanye bathi uwinile faka imininingwane yakho yasebhange. Nokho sengikushilo lokhu make ngifunde namuhla kwelaboHlanga ukuthi le mininingwane eyebiwe izobafaka kanjani abezibonelelo zikaHulumeni engxakini.
- nguSipho Mbatha Mhleli
Inkinga ayikho ebhange elilodwa ikuzo zonke izindawo. Ubuchwepheshe buzodlala ngathi, ngiyacela kungabalwa indawo eyodwa esitolo sezimpahla bayathengelana koHome Choice, e-Absa kukaningi sizibona izinkinga. Kube kuyiyo engongqoshishilizi kulo womkhakha.
- nguDudu Dlamini Mhleli
Wonke amabhange amasela, siqolwa amabhange kangaka nje ingoba sekugcwele aboHlanga kakhulu bangamasela. Okubi kakhulu ababaqoli abelungu baqola thina boHlanga sivele siphefumula ngenxeba, singazi lutho nangobuchwepheshe futhi singenabo abazosimela.
- nguZolani Sosibo Mhleli
Wonke amabhange anjalo nani ngesinye isikhathi niyothukwa. Abanye bazifaka bona kulokhu kuqolwa ngoba banika abantu izinombolo zomakhalekhukhwini abanemininingwane yonke yasebhange.
- nguChristina Slozi