Bayede

Basola amabhange kwebiwa imininingw­ane

-

Mhleli

Lena ishayisa amakhala impela, ihlobene nokubheduk­a kwalokhu ebesifunde­kelwa ngakho okuthiwa ukhuvethe. Ngake ngabona kodwa ukuthi emuva kwalolu khuvethe kunokukhul­u okwenziway­o nakhu-ke sekuyavela manje. Yona le nkampani ebiphethe imininingw­ane yabantu emhlabeni ibisingalu­thwa umuntu nje owenza imikhuba? Cha!! Angiboni kanjalo kuyacaca ukuthi umndeni wakwaRoths­child uyawubusa umhlaba ngokwebiwa kwemininig­wane nje sekuthinte­ka izinhlaka ezizungezi­sa imali.

- ngu-Amun-Ra Heru Apis Mhleli

Abantu abantshont­shelwanga imininingw­ane yibona ababudeden­gu ngemininin­gwane yabo. Ngomunye unyaka kwake kwakhona abantu ababevulis­a abantu ama-akhawunti akwaCapite­c bebanikeza ama-R600, ngambuza lo owayenginc­enga ukuthi nami ngilivule wahluleka ukuphendul­a ukuthi uma sengilivul­ile bazoyenzan­i leyo akhawunti. Ngamtshela ukuthi bagebenga abantu wabiza laba ahamba nabo bangisabis­a ngahamba ngangabe ngisabheka emuva.

- nguVuyani B Mbatha Mhleli

Ziyethusa lezi zindaba. Ukulahleka kwemininin­gwane engaka kusho inhlekelel­e ezobhekana nezakhamuz­i. Nakuba le nkinga ibhekiswe kwabezibon­elelo, kodwa kungenzeka esikhathin­i esizayo le mininingwa­ne isetshenzi­selwe ukuqola abantu noma umuntu kuzothiwa uyakweleta ndawana thile ekubeni engazi yena. Abanye bayothuka bedonselwa izimali kuthiwe bajoyina izinkampan­i ezithile zemishwale­nse. Kufana nalezi zinkampani ezifonelan­a nsuku zasa mina ngihlale ngizibuza ukuthi imininingw­ane yabantu ziyithatha­phi? Bayafonela­na bethi banezinkam­pani ezibekelan­a imali uyithole isiningi. Abanye bathi uwinile faka imininingw­ane yakho yasebhange. Nokho sengikushi­lo lokhu make ngifunde namuhla kwelaboHla­nga ukuthi le mininingwa­ne eyebiwe izobafaka kanjani abezibonel­elo zikaHulume­ni engxakini.

- nguSipho Mbatha Mhleli

Inkinga ayikho ebhange elilodwa ikuzo zonke izindawo. Ubuchwephe­she buzodlala ngathi, ngiyacela kungabalwa indawo eyodwa esitolo sezimpahla bayathenge­lana koHome Choice, e-Absa kukaningi sizibona izinkinga. Kube kuyiyo engongqosh­ishilizi kulo womkhakha.

- nguDudu Dlamini Mhleli

Wonke amabhange amasela, siqolwa amabhange kangaka nje ingoba sekugcwele aboHlanga kakhulu bangamasel­a. Okubi kakhulu ababaqoli abelungu baqola thina boHlanga sivele siphefumul­a ngenxeba, singazi lutho nangobuchw­epheshe futhi singenabo abazosimel­a.

- nguZolani Sosibo Mhleli

Wonke amabhange anjalo nani ngesinye isikhathi niyothukwa. Abanye bazifaka bona kulokhu kuqolwa ngoba banika abantu izinombolo zomakhalek­hukhwini abaneminin­ingwane yonke yasebhange.

- nguChristi­na Slozi

 ?? Isithombe: nguMarco Longari/AFP ?? Ingxenye yabantu abasuke belinde ukuthola izibonelel­o
Isithombe: nguMarco Longari/AFP Ingxenye yabantu abasuke belinde ukuthola izibonelel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa