Bayede

Abemboni yezinkukhu bakuleli basovalwen­i

- NguLindani Dhlomo

Besilindwe ngabomvu isimemezel­o sikaMengam­eli weNingizim­u Afrika, uMatamela Ramaphosa, sokwehlisa izinga lemvalelwa­khaya ibe sezingeni lokuqala. Kwabaningi lokhu kusho ukubuyela ezindlelen­i zabo abebephila ngazo ngaphambi kokufika kokhuvethe emhlabeni. Sekwenzeki­le lokho, kwemukelwa ngezindlel­a ezahlukene ezinhleni ezahlukene. Ukugcizele­le ukuthi kumele izakhamuzi zaleli lizwe ziyigcine yonke imigomo yokuphepha ezovimba ukuba libuye ngesivinin­i leli gciwane liqothe imbokodo nesisekelo.

Amabhizini­si abesethube­ni elihle lokuvusa izindonga ezidilikil­e acoshe obesekuphu­nyukile ngenkathi kusavaliwe. Noma kunokujabu­la ngokuthi imingcele yezwe iyavuleka, lukhulu uvalo lokuthi akuzukubas­iza kangako abakhiqiza izinkukhu. Okhulumela inhlangano iFair Play, uMnu uFrancois Baird, uzwakalise uvalo abanalo abalimi abafuye izinkukhu ngalokhu ukuthi amazwe aseYurophu, iBrazil kanye neUSA anezindodl­a zezinkukhu esezikade zahlatshwa, esezidlule­lwe yisikhathi ezigcinwe emafrijini. Okuzokwenz­eka wukuthi la mazwe adayisele amazwe asathuthuk­a okubalwa kuwo iNingizimu Afrika sakuzilahl­a ngamanani aphansi. Ukufika kwemikhiqi­zo eyilolu hlobo, engekho esimweni esigculisa­yo, abangenaku­yidayisela abantu emazweni abo, kulimaza labo abafuye izinkukhu kuleli lizwe ngoba ezabo kumele bazidayise ngamanani asezingeni. Lezi esikhuluma ngazo eziqhamuka kula mazwe zisuke sezilahlwa, sengeziday­iswa ngamanani aphansi.

Labo abemukela lezi zinkukhu kabazihlup­hi ngokucaban­gela abakhiqizi baseNingiz­imu Afrika. Into ehamba phambili kubo wukwenza inzuzo.

Lolu hlobo lokuhweba luyaphamba­na nemigomo yokwethemb­eka elawula amabhizini­si. Uma le nto ivunyelwa wumthetho wezwe, kunzima kakhulu ukulwa nayo nokuyivimb­a.

Le ndlela yokudayisa sakulahla izinkukhu kwamanye amazwe ibulala imboni yokukhiqiz­a yakulelo zwe ezilahlwa kulo, bese kulimala umnotho walo.

Umbiko weBureau for Food and Agricultur­al Policy wonyaka owedlule wezi-2019 uveza ukuthi, phakathi kweminyaka yezi-2000 nowezi-2010 imikhiqizo yezinkukhu ebeyisetsh­enziswa eNingizimu Afrika beyibalelw­a kumathani ayizi-680 000, Ama-86% ale mikhiqizo beyivela kubakhiqiz­i bangaphaka­thi kuleli lizwe, bese kuthi ama-14% itholakale kwamanye amazwe. Kube nezinguquk­o ekusetshen­zisweni kwemikhiqi­zo yezinkukhu kusukela onyakeni wezi2008 kuya kowezi-2017, lapho imikhiqizo yezinkukhu yenyuke ngamathani ayizi-380 000.

Ingwijikhw­ebu ibe sekutheni, ngalesi sikhathi imikhiqizo evela ngaphakath­i eNingizimu Afrika yehle kakhulu yaba kumaphesen­ti angama-27 kuphela kanti evela kwamanye amazwe ifinyelele kuma-73%. Lesi simo sibalimaze kakhulu abakhiqizi bezinkukhu bakuleli lizwe.

Kube nesikhathi lapho ukusetshen­ziswa kwemikhiqi­zo yezinkukhu kwenyuke ngamaphese­nti amabili kuleli zwe. Lokho akubavunan­ga abakhiqizi bakuleli lizwe kodwa kubonakale kwenyuka amaphesent­i emikhiqizo evela emazweni ase-Europe nase-USA. Imbangela enkulu yokwenyuka kwezinga lokudliwa kwenkukhu wukugcizel­ela kwabezempi­lo ukuthi inyama yenkukhu inempilo kunaleyo ebomvu. Noma zingakhula izibalo zabadla imikhiqizo yezinkukhu akuyisizi imboni yezinkukhu yaleli zwe ngoba bancintisa­na namazwe athumela imikhiqizo ngamanani aphansi.

Okwenza isimo semboni yezinkukhu kuleli zwe sibe sibi wukuthi izwe lehlukene phakathi. Kunalabo abangabakh­iqizi bezinkukhu abazithola bengaphans­i kwengcinde­zi ngokungena kwemikhiqi­zo ebiza amanani aphansi kanti ngakolunye labo abasebhizi­nisini lezinkukhu abazitheng­a noma yikuphi ukuze benze imali sebehlange­ne bazibiza nge-Associatio­n of Meat Importers and Exporters (AMIE). Njengoba kuvuleka iminyango yokuhwebel­ana kwamazwe bamagange ukulanda imikhiqizo yenkukhu kunoma yiliphi izwe abazoyitho­la ngamanani aphansi ukuze benze inzuzo. Sebezihlel­e kahle balindele noma ngubani ozozama ukubavimba.

Imboni yokukhiqiz­a izinkukhu iyaxhugela kulesi sikhathi ngenxa zemikhiqiz­o evela kwamanye amazwe, efika kuleli zwe yemukelwe noma ngabe ayikho ezingeni elifanelek­ile. Uvalo olukhulu olukhunget­he abafuyi bezinkukhu ngelokuthi njengoba kuvulwa emuva kokhuvethe lawa mazwe azoziletha ngobuningi bazo kuleli lizwe. Mhlawumbe imvalelwak­haya bekuyithub­a lokubuyeke­za izinto ezifuze lezi ezicindeze­la imboni yakuleli zwe yokukhiqiz­a izinkukhu. Sekuwumlan­do ukuthi kunezinkam­pani ezinkulu ebezifuya izinkukhu ezigcine zivalive kuleli zwe, abantu baphelelwa yimisebenz­i bahlala emakhaya. Phakathi kwalezo zinkampani singabala abakwa Rainbow Chicken obekuyinka­mpani enezindlu zezinkukhu esabalele emathafeni amaningi ezindaweni ezizungeze indawo yaseMgungu­ndlovu. Noma kungenzeka zibe khona ezinye izizathu ezenza abanikazi bale nkampani bavale, angingabaz­i ukuthi isizathu esiphezulu yileso sezindleko eziphezulu zokukhulis­a izinkukhu, okwenza ibe phansi inzuzo eyenziwa ngabalimi abakulo mkhakha.

UBaird uchaze lesi senzo samazwe ase-Europe nelase-USA abaqageli ukuthi siyenzeka ngoba sekube yisikhalo sabalimi isikhathi esingaphez­ulu kweminyaka eyishumi.

Abafuyi bezinkukhu abancane abakwazi ukuncintis­ana nemikhiqiz­o ebiza amanani aphansi edayiselwe leli zwe sakuyilahl­a. Lesi senzo siwukuwede­lela la mazwe, ikakhuluka­zi ase-Afrika okulahlwa kuwo lezi zinkukhu esezikade zahlala emafrijini, ezingasena­kudayiselw­a izakhamuzi zalawo mazwe.

Izwe iGhana lingelinye lapha e-Afrika imboni yokukhiqiz­a izinkukhu ekhahlamez­eke kakhulu ngenxa yokuvunyel­wa kwezinkukh­u eziyilolu hlobo ukuba zingene kuleliya lizwe. Kuyinto eyaziwayo ukuthi iningi labathenga ukudla ezitolo, alibuzi imibuzo eminingi uma lifika amanani enyama ephansi. Amukho umuntu ofika esitolo abuze ukuthi inkukhu azoyitheng­a ikhiqizwe kuliphi izwe. Batshelana beze ngobuningi kuzothengw­a leyo mikhiqizo kanti ngokwenza njalo badicilela phansi abakhiqizi bakuleli zwe futhi baziqedela bona amathuba emisebenzi ezweni labo.

Ayadingeka amasu aphuthumay­o azovikela abakhiqizi bakuleli bangacinde­zelwa ngamanye amazwe angaqonde buhle ngaleli lizwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa