INingizimu Afrika yayidonsa amandla kagesi eMozambique
Kwakufundwa ngomlando kagesi ebangeni lesishiyagalombili uGrade 8 okwakuthiwa uStd6 ngowe-1973. Ukuthi umsebenzi kagesi wawusingethwe uHulumeni nomasipala ngokugcwele. Kwakubizwa ngokuthi i-Electric Supply Commission, u-Escom. Manje kubizwa ngo-Eskom okuyigama lolimi lwesiBhunu. Umsebenzi kagesi wawungakahleshulwa ukuba wenziwe ngabantu abahlukahlukene noma izinkampani ezizimele.
INingizimu Afrika yayithenga ugesi eMoçambique, oveliswa yisiphehli iCabora Bassa Hydro Electric Power Station esidume ngokuthi iCabora Bassa. esakhiwa isabizwa ngokuthi iLourenço Marques.Yayibizwa ngokuthi iLourenzo Marques manje iMozambique. Kufanele ngabe yabizwa ngokuthi iseMabhudu esikhundleni seMaputo kusukela ngowe-1974, izwe seliphathiswe aboHlanga ngaphansi kobuholi bukaSamora Moises Machel.
Ngenkathi ugesi usasingethwe ngokugcwele uHulumeni ngaphansi komasipala kwakubonakala ngamathrakhi namaloli beyowulungisa. Kwakunowayemele ukupheka nje kuphela, kusetshenziswa isitofu esisebenzisa isisi. Kwakukhona owayeyinduna owayema phambili noma eceleni kwabo. Wayebahola ngengoma eyayinenhlamba kwenye inkathi ngenkathi besebenza. Izinduna zazehlukaniswe kabili , kuyinduna enkulu bese kuba nesekela layo abaphathi abamhlophe ababeyinike isipenetu eyayisigqoka esibhalwe ukuthi isub-induna. Kwakuthiwa usabinduna.
Zazikhona izinkampani ezazizimele zikagesi kunganakekile ngowe-1983. Ubaba uBhengu waseMzinto, ophuza umfula Ifafa, babebuza benokudideka, besasebenza ugesi kwaloliwe ukuthi labaya ababesebenza ugesi njengabo babehola nini? Ngoba kwaloliwe babehola mhla zingamashumi amabili nesikhombisa enyangeni kanti ababesebenza enkampanini eyayizimele babehola ekupheleni kwenyanga. Abakwaloliwe babenomkhuba wokulaxaza amathuluzi ngosuku lokuyohola kanti laba babeqhubeka nokusebenza ngosuku lokuhola.
Wawungaphushwa nakuphushwa ugesi emakhaya kwazise babeyingcosana aboHlanga ababenawo kwamanye amalokishini. Kanti ayembalwa amalokishi aboHlanga ayenogesi okuyiChesterville namanye. Kwavela ucwaningo kusukela ngowe-1990 kwelinye lamaphephandaba ashicilela nsukuzonke ngolimi lwesiNgisi ukuthi aboHlanga basemakhaya basebewudinga ugesi njengasemalokishini. Olunye ucwaningo lwaluveza ukuthi kwakudingeka iziphehli zikagesi ezintsha ezazizobhekana nomthamo wababezobe besebenzisa ugesi emalokishini, emakhaya nasemijondolo.
Kwaqala kwabonakala amaloli enkampani kagesi eyayizimele ayebhalwe uMbatha ngowe-1990. Yayiwulungisa, iwukhanda uma ungakhanyi noma ucimile. Emva kwalokho zabaningi izinkampani ezanikezwa ijuphane lethenda kulo mkhakha kagesi. Izimoto, amathrakhi namaloli abonakala ngemibhalo nezinombolo nophawu lukamasipala olufakazela ukuthi leyo nkampani isemthethweni, inegunya lokuthinta ugesi. Kunezinsolo zokuthi ugesi ubuye ucinywe yizona lezi zinkampani zamathenda nezisebenzi zikamasipala ezifuna imali komasipala ngobumbulu.
Baxwayiswa ababesemkhakheni kagesi kwa-Eskom. Kanti futhi kwakuwumsebenzi kangqongqoshe ukuqinisekisa ukuthi ziyakhiwa iziphehli zikagesi ezintsha, ezazizomumatha umthamo wezakhamuzi ezazizobe sezisebenzisa ugesi. Zakhiwa iziphehli zikagesi, zangenela. Kwabhidlizwa neminye imibhoshongo yamalahle yamandla kagesi eyayilekela iziphehli zikagesi.
UNgqongqoshe wokuqala wezokumbiwa kanye nogesi kwakunguPik Botha weNational Party ngowe-1994 kuya kowe-1996. Kwaba uNgqongqoshe uPenuel Maduna, uNkk uPhumzile Mlambo-Ngcuka. Ngowezi-2009 kwakunguNgqongqoshe uDipua Peters noBen Martins, uTina Joemat-Petterson, uDavid Mahlobo ngowezi-2017, uJeff Radebe ngowezi-2018. Manje uGwede
Mantashe.
Kwakunomqakiswano wepolitiki noteku emphakathini ngogesi, mayelana nokufakwa emakhaya ngowe-1991. Kwakunababethi ugesi wawuzixhopha izinkomo amehlo. Manje sewafakwa ugesi emakhaya, nawalabo ababethi abawufuni ugesi. Kwacweba isiziba kwababethi ugesi wawuzoxopha izinkomo amehlo uma sebekhanyisa ngawo. Kuba kanjalo esikhathini esiningi.
Kwasekuthi inkampani iControl Logic eyayiseMbilo phambilini manje isibizwa ngeConlog, yakha imishini nezigubhu zasezindlini zokuzifundela ugesi. Seziningi izinkampani ezakha lezo zigubhu. Ube seyowuthenga ngekhadi uma uwudinga.
Ziningi izingqinamba kwaEskom. Kafushane, bashiya abamhlophe ababesebenza kwaEskom. Kungenzeka ukuthi bahamba nezimfihlo ngokusingathwa kukaEskom. Yebiwa imali, wangakhokha futhi wangakhokhelwa u-Eskom. Kwanobudedengu nokungakwazi ukuphatha nokulawula u-Eskom yizisebenzi nongqongqoshe. Kwathiwa inkohlakalo nokukhwabanisa engabe kubizwa ngokweba nobugebengu. Umphakathi wabanenkohlakalo nokukhwabanisa, weba ugesi, amanzi nokunye wasebenzisa mahhala, wangabakhokhela omasipala, okuthiwa ukujondola.
Ugesi wawucima izikhawu kusukela ngowe-1991. AboHlanga abangasenyakatho yeTheku bashayela emsakazweni iRadio Metro ukuthi kwakudalwa yini ugesi ungacimi njalo koPhoenix, koDuffs Road nakoDurban North. Kanti aboHlanga bangaseningizimu babeqhathanisa ngeChatsworth, ngeMontclair, ngeWentworth, ngeWestville, ngeCator Manor, ngeMayville nakwezinye izindawo kodwa yayingaphumi impendulo eyayibagculisa.
Wacima izikhawu ezindaweni zaboHlanga ngowezi-2005. Ngaloba phansi kusukela ngowezi-2006 nowezi-2007 uhlu mayelana nokucima kukagesi ngendlela eyayihlelekile neyayinobuqili phakathi. Kwahlaluka ukuthi wawucinywa ngenhloso kule minyaka emibili. Wabonga ngohlu owayeyiKhansela laseChesterville kuWard-29, uNkk uLindiwe MaMhlongo Ntaka ngowezi-2007. Awubange usacima emva komhlangano owawuphakathi kukaMasipala waseThekwini nabezinkampani zikagesi. Sekuwumlando ukuthi kwabesekubikwa ezweni nge-loadshedding, aboHlanga abasebebhaxabulwa isinyelela kusukela ngowe-1991 lena esaqhubekayo.
Kwadlula emhlabeni uNkk uZamazulu Nkosi ngengozi yemoto emarobhothini ayecime isigubhukane. Wayengumsunguli wesakhiwo iZamazulu esikwaMashu esinakekela abadala nesihlala abesifazane.