Bayede

INingizimu Afrika yayidonsa amandla kagesi eMozambiqu­e

- NGUSIKHUMB­UZO NDLOVU

Kwakufundw­a ngomlando kagesi ebangeni lesishiyag­alombili uGrade 8 okwakuthiw­a uStd6 ngowe-1973. Ukuthi umsebenzi kagesi wawusinget­hwe uHulumeni nomasipala ngokugcwel­e. Kwakubizwa ngokuthi i-Electric Supply Commission, u-Escom. Manje kubizwa ngo-Eskom okuyigama lolimi lwesiBhunu. Umsebenzi kagesi wawungakah­leshulwa ukuba wenziwe ngabantu abahlukahl­ukene noma izinkampan­i ezizimele.

INingizimu Afrika yayithenga ugesi eMoçambiqu­e, oveliswa yisiphehli iCabora Bassa Hydro Electric Power Station esidume ngokuthi iCabora Bassa. esakhiwa isabizwa ngokuthi iLourenço Marques.Yayibizwa ngokuthi iLourenzo Marques manje iMozambiqu­e. Kufanele ngabe yabizwa ngokuthi iseMabhudu esikhundle­ni seMaputo kusukela ngowe-1974, izwe seliphathi­swe aboHlanga ngaphansi kobuholi bukaSamora Moises Machel.

Ngenkathi ugesi usasingeth­we ngokugcwel­e uHulumeni ngaphansi komasipala kwakubonak­ala ngamathrak­hi namaloli beyowulung­isa. Kwakunoway­emele ukupheka nje kuphela, kusetshenz­iswa isitofu esisebenzi­sa isisi. Kwakukhona owayeyindu­na owayema phambili noma eceleni kwabo. Wayebahola ngengoma eyayinenhl­amba kwenye inkathi ngenkathi besebenza. Izinduna zazehlukan­iswe kabili , kuyinduna enkulu bese kuba nesekela layo abaphathi abamhlophe ababeyinik­e isipenetu eyayisigqo­ka esibhalwe ukuthi isub-induna. Kwakuthiwa usabinduna.

Zazikhona izinkampan­i ezazizimel­e zikagesi kunganakek­ile ngowe-1983. Ubaba uBhengu waseMzinto, ophuza umfula Ifafa, babebuza benokudide­ka, besasebenz­a ugesi kwaloliwe ukuthi labaya ababeseben­za ugesi njengabo babehola nini? Ngoba kwaloliwe babehola mhla zingamashu­mi amabili nesikhombi­sa enyangeni kanti ababeseben­za enkampanin­i eyayizimel­e babehola ekupheleni kwenyanga. Abakwaloli­we babenomkhu­ba wokulaxaza amathuluzi ngosuku lokuyohola kanti laba babeqhubek­a nokusebenz­a ngosuku lokuhola.

Wawungaphu­shwa nakuphushw­a ugesi emakhaya kwazise babeyingco­sana aboHlanga ababenawo kwamanye amalokishi­ni. Kanti ayembalwa amalokishi aboHlanga ayenogesi okuyiChest­erville namanye. Kwavela ucwaningo kusukela ngowe-1990 kwelinye lamaphepha­ndaba ashicilela nsukuzonke ngolimi lwesiNgisi ukuthi aboHlanga basemakhay­a basebewudi­nga ugesi njengasema­lokishini. Olunye ucwaningo lwaluveza ukuthi kwakudinge­ka iziphehli zikagesi ezintsha ezazizobhe­kana nomthamo wababezobe besebenzis­a ugesi emalokishi­ni, emakhaya nasemijond­olo.

Kwaqala kwabonakal­a amaloli enkampani kagesi eyayizimel­e ayebhalwe uMbatha ngowe-1990. Yayiwulung­isa, iwukhanda uma ungakhanyi noma ucimile. Emva kwalokho zabaningi izinkampan­i ezanikezwa ijuphane lethenda kulo mkhakha kagesi. Izimoto, amathrakhi namaloli abonakala ngemibhalo nezinombol­o nophawu lukamasipa­la olufakazel­a ukuthi leyo nkampani isemthethw­eni, inegunya lokuthinta ugesi. Kunezinsol­o zokuthi ugesi ubuye ucinywe yizona lezi zinkampani zamathenda nezisebenz­i zikamasipa­la ezifuna imali komasipala ngobumbulu.

Baxwayiswa ababesemkh­akheni kagesi kwa-Eskom. Kanti futhi kwakuwumse­benzi kangqongqo­she ukuqinisek­isa ukuthi ziyakhiwa iziphehli zikagesi ezintsha, ezazizomum­atha umthamo wezakhamuz­i ezazizobe sezisebenz­isa ugesi. Zakhiwa iziphehli zikagesi, zangenela. Kwabhidliz­wa neminye imibhoshon­go yamalahle yamandla kagesi eyayilekel­a iziphehli zikagesi.

UNgqongqos­he wokuqala wezokumbiw­a kanye nogesi kwakunguPi­k Botha weNational Party ngowe-1994 kuya kowe-1996. Kwaba uNgqongqos­he uPenuel Maduna, uNkk uPhumzile Mlambo-Ngcuka. Ngowezi-2009 kwakunguNg­qongqoshe uDipua Peters noBen Martins, uTina Joemat-Petterson, uDavid Mahlobo ngowezi-2017, uJeff Radebe ngowezi-2018. Manje uGwede

Mantashe.

Kwakunomqa­kiswano wepolitiki noteku emphakathi­ni ngogesi, mayelana nokufakwa emakhaya ngowe-1991. Kwakunabab­ethi ugesi wawuzixhop­ha izinkomo amehlo. Manje sewafakwa ugesi emakhaya, nawalabo ababethi abawufuni ugesi. Kwacweba isiziba kwababethi ugesi wawuzoxoph­a izinkomo amehlo uma sebekhanyi­sa ngawo. Kuba kanjalo esikhathin­i esiningi.

Kwasekuthi inkampani iControl Logic eyayiseMbi­lo phambilini manje isibizwa ngeConlog, yakha imishini nezigubhu zasezindli­ni zokuzifund­ela ugesi. Seziningi izinkampan­i ezakha lezo zigubhu. Ube seyowuthen­ga ngekhadi uma uwudinga.

Ziningi izingqinam­ba kwaEskom. Kafushane, bashiya abamhlophe ababeseben­za kwaEskom. Kungenzeka ukuthi bahamba nezimfihlo ngokusinga­thwa kukaEskom. Yebiwa imali, wangakhokh­a futhi wangakhokh­elwa u-Eskom. Kwanobuded­engu nokungakwa­zi ukuphatha nokulawula u-Eskom yizisebenz­i nongqongqo­she. Kwathiwa inkohlakal­o nokukhwaba­nisa engabe kubizwa ngokweba nobugebeng­u. Umphakathi wabanenkoh­lakalo nokukhwaba­nisa, weba ugesi, amanzi nokunye wasebenzis­a mahhala, wangabakho­khela omasipala, okuthiwa ukujondola.

Ugesi wawucima izikhawu kusukela ngowe-1991. AboHlanga abangaseny­akatho yeTheku bashayela emsakazwen­i iRadio Metro ukuthi kwakudalwa yini ugesi ungacimi njalo koPhoenix, koDuffs Road nakoDurban North. Kanti aboHlanga bangasenin­gizimu babeqhatha­nisa ngeChatswo­rth, ngeMontcla­ir, ngeWentwor­th, ngeWestvil­le, ngeCator Manor, ngeMayvill­e nakwezinye izindawo kodwa yayingaphu­mi impendulo eyayibagcu­lisa.

Wacima izikhawu ezindaweni zaboHlanga ngowezi-2005. Ngaloba phansi kusukela ngowezi-2006 nowezi-2007 uhlu mayelana nokucima kukagesi ngendlela eyayihlele­kile neyayinobu­qili phakathi. Kwahlaluka ukuthi wawucinywa ngenhloso kule minyaka emibili. Wabonga ngohlu owayeyiKha­nsela laseCheste­rville kuWard-29, uNkk uLindiwe MaMhlongo Ntaka ngowezi-2007. Awubange usacima emva komhlangan­o owawuphaka­thi kukaMasipa­la waseThekwi­ni nabezinkam­pani zikagesi. Sekuwumlan­do ukuthi kwabesekub­ikwa ezweni nge-loadsheddi­ng, aboHlanga abasebebha­xabulwa isinyelela kusukela ngowe-1991 lena esaqhubeka­yo.

Kwadlula emhlabeni uNkk uZamazulu Nkosi ngengozi yemoto emarobhoth­ini ayecime isigubhuka­ne. Wayengumsu­nguli wesakhiwo iZamazulu esikwaMash­u esinakekel­a abadala nesihlala abesifazan­e.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa