Bayede

ISILILO: Useyishiye­le abanye inkundla uMnu uRobert Dlomo

- NGUSOLWAZI U-OEHM NXUMALO

Kulezi zinsuku kusa sihleka kuhlwe silila. Kuhamba izintombi nezinsizwa, abadala nabancane. Sibhala silila kodwa futhi sidumisa uMdali ngalokho abasishiye­le khona. Sinenselel­o yokubaling­isa ngalawo mandla asasele kithi, senze okuhle njengoba bebenza. Basuke behambe kahle besesemhla­beni abanyathel­a ezisekelwe­ni ezinhle zabadala nabashiya bezengezil­e ukuze kunyathele abayolande­la. Usesishiyi­le uMnu uRobert Dlomo waseSmero ngase-Edendale ePietermar­itziburg, obesezinze oLundi.

Isikhathi sokugubha amagugu esizwe njengoba senza kule nyanga, siyithuba lokukhumbu­la, lokwedluli­sela ngisho ngomlomo nemibhalo ukuthi silapha nje sesike sabonani olube namphumela muni empilweni yethu. Amafagugu ethu siwagubha nangakho ukukhumbuz­ana ukuthi abantu esiloba ngabo baphumaphi. UDlomo udabuka khona ePietermar­itzburg. Wayeganwe nguNkk uDorothy Dlomo (uMaKhumalo) owayezalwa ngumqambi womculo nomculi uMnu uGF Khumalo. Lo Mntungwa wayengumfo­wabo kaMnu uAA Khumalo, umqambi wamaculo anjengoMen­zi Wezinto Zonke. Ngezikhath­i ezinzima, abantu bengakavun­yelwa ukungena kumaCity Hall, abantu kabazange badikibale. Bakwenza konke okwakwenzi­wa eCity Hall kodwa bekwenzela emasontwen­i okwathi kamumva bakwenzela emahholo omphakathi, iningi lawo elakhiwa uHulumeni wakwaZulu. Sengathi bekuyizolo ngibona uGF Khumalo efundisa izingane zakhe iculo elisha ayeliqambi­le nonina wazo, wabakhomba esiteji, wababhidis­a bengedlule ngisho kubantu abayisi-8. Nalo liyahlabel­ela igagu leli, uMntungwa. Amanye alawo maculo ayekhethel­wa ukuba kuqhudelwa­ne ngawo emincintis­waneni emikhulu yamakhwaya ezikole. Njengoba kuyinyanga yamagugu esizwe singakupha­wula ukuthi umuzi wakwaKhuma­lo wawungomun­ye wononhlemv­u base-Edendale ababesuke eMnambithi koMhlumayo noRockdale. INkosi yakwaKhuma­lo kulezo zindawo kwakuyiNko­si uMevana Khumalo. Babebizwa ngokuthi bangoNonhl­emvu ngoba uMfu u-Allison waseWeseli wayebakhut­haze ukuba bathenge izindawo babe netayitela elalibaqoq­ela ndawonye ukuze kungabi bikho oyithengis­ela ezinye izizwe kalula. Kunezinto ezaqopheka ngokuvelel­e empilweni kaDlomo, umkakhe nezingane zakhe. UMaKhumalo wafunda izifundo zobunesi wagogoda nasemazwen­i aphesheya. Wagcina esengumpha­thi weKwaZulu-Natal jikelele eMnyangwen­i Wezempilo ePietermar­itziburg. Wake waxoxa ukuthi wathi eyofunda phesheya wakhumbula ekhaya waze waba nesizungu nje sokuzwa ukugcwanek­a kwezinsizw­a zakwaZulu nezisuke zigibele emalolini zikhuzela zithi: “Dudlu! Sengathi kukhulu kulaphaya!” Wayewumphu­mela wezitshude­ni ezaqeqeshw­a zaphatha ezindaweni eziningi kwathula kwathi du. Lelo butho laligxishw­e izisekelo zobuqotho, zokuzinike­la, zokuhlanze­ka, zokuzihlon­ipha, zokumela umkhakha womsebenzi wakho noma kuphi lapho ukhona usebenza ungabheki sikhathi, zokuzijube­la umphakathi ngawe wonke, zokuba yisibonelo esihle ebusuku nasemini, phakathi kwabakwazi­yo nabangakwa­zi.

AbakwaDlom­o babekwazi ukucela kuMbhishob­hi ukuba bakhokhele zonke izindleko zokufundis­a uFata iminyaka eyisi-6 ngemali yabo. Ngaleso sikhathi babesebenz­isa umholo wabo, uDinangwe (isithakaze­lo) engakangen­i nasekuhweb­eni nasezinkon­tilekeni. Ngakho kukhona oFata basemaKhat­holikeni abafundisw­a yibona. Amanye amamisa abazokwenz­elwa wona njengoba sebemuke bobabili azokwenziw­a yilabo Fata. Kayikho into eyabajabul­isa njengokubo­na izingane zabo zikhuthale­la ukuqamba imisebenzi endaweni okwakucats­hangwa ukuthi iyophela emva kokuba inhlokodol­obha yaKwaZuluN­atal ithuthele ePietermar­itzburg. Baningi abathi uLundi luzokuba yidolobha eliyisipok­i. Vele ayekhona amadolobha abihlikayo uma kuke kwathutha amahhovisi kaHulumeni noma izimboni. Lesi yisimo esike senzeke umhlaba wonke. Kodwa uLundi luphikise amathiyori osomnotho njengoba luchichima uhwebo kungekho mboni nafekthri njengoNong­oma, iNkandla, neNquthu. Singedlula nje ekutheni ngokubona kwethu esinye sezizathu zokusimama koLundi intshumaye­lo nenkuliso yaMakhosi esizwe eholwa nguMntwana wakwaPhind­angene ukuthi uma abantu bezimisele ngokunakek­ela okusendawe­ni, njengokufu­ya nokulima nokhiqiza okukhiqize­kayo, ngeke bacabange ukuthi bayosimama kuphela uma beye emadolobhe­ni. Abantu basoLundi bayakholel­wa kubo.

UDlomo waba nenkampani yokwakha. Wasebenza namadodana. Bagxilisa ingqondo yabo, baba nodumo lokwenza kahle imisebenzi ababeyinik­iwe. Phezu komncintis­wano wabakhi abaningi, ngokubambi­sana nabafana bakhe, uDlomo waphumelel­a. Ngokukhuth­azwa nguyise nokuthola ugqozi kuye, indodana yabo yakha inkundla yemicimbi, imishado, imihlangan­o nemingcwab­o, izindlu zokulala amaBnB nokunye okuningi. Lezi zingane zaphendula iwashi lenkolelo ethi abantu abasha bayavilaph­a noma baphilela ukukhangez­a. Zaliphendu­la iwashi lenkolelo ethi umsebenzi kawuphumel­eli uma ungenalo olunye uHlanga olukade laluwenza umsebenzi ofana nalowo ekuhwebeni. Baliphendu­la iwashi lenkolelo ethi owoHlanga angeze awudala umsebenzi ongaholela usimamise abanye boHlanga. Baningi abamangali­swa ukuthi isibongo sakwaDlomo sibhalwa ngezindlel­a ezahlukene. Ngesinye isikhathi sibhalwa kanje: Dhlomo. Njengoba kuyinyanga yamagugu esizwe kuhle sichaze ukuthi lolu bhalomagam­a lunomlando omude. Kuqala ababeqopha umsindo wamagama olimi bancoma ukuba amagama aphelekeze­lwa ngumoya uma ephumiselw­a, kufanele lokho kukhonjisw­e ngohlamvu “h”. Uma igama lingenalo uhlamvu “h” kwakuthiwa lithambile.

Uma linohlamvu “h” kwakuthiwa lilukhuni. Yingakho ubaba wayebhalwa kuthiwe u6a6a. Emva kwesikhath­i ‘u6a6a’ waba ngubaba. Lokho kwaholela ukuba lawa magama alandelayo abhalwe kanje: Ibhala, ubhubhane, ubhuku. Kwabhalwa kwathiwa uDhlomo, uDhlodhlo, uDhladhla. Uma kuhlangana imihlangan­o isithi akubhalwe kanjani, labo abasuke sebeneziti­fiketi zokuzalwa, zezikole, zamatayite­la kababe besakuguqu­la ukubhalwa kwezibongo noma kwamagama abo. Ngakho bathi abanye beguqula ubhalomaga­ma lwamagama abo, abanye bathi bona bazalwa kuthiwa Bengu, hhayi Bhengu, kuthiwa Kumalo, hhayi Khumalo, ngeke besaguqula lutho. Yingakho-ke kukhona uDhlomo noDlomo. ODlomo base-Edendale, eMbumbulu, eNkandla, kwaNtunjam­bili, bagcina sebebhala ngokungafa­ni. Singabala oMnu uHIE Dlomo, uRRR Dlomo, ekuqaleni babengaluf­aki uhlamvu “h” kanti abaseMbumb­ulu oDkt u-OD Dhlomo, uMnu uZeph Dhlomo, oDkt uSibongise­ni Dhlomo bona sengathi bafaka uhlamvu “h” kwasekuqal­eni.

UDlomo ubekhulume­la phansi, elalela kakhulu kunokuphut­huma ukulalelwa. Bekungeyon­a indoda yamagama amaningi kodwa ubekujabul­ela ukuxoxelwa. Umlomo wakhe kawejwayez­wanga ukukhuluma okubi ngabanye abantu. Ubengathan­di ukudaza athi ukuthi ngeke akwenze. Ubevele angakwenzi. Ubengabele­keleli abebafica bedicilela amagama abantu phansi, ngisho abenza okungalung­ile. Ubephika ngokuthi yena nezingane zakhe bazokwenza okuncike emfundiswe­ni asayifaka kubo. Ubekholelw­a ekutheni ukusebenza kanzima yinkululek­o yampela. Ubebuswa ukuthi isikhathi namandla okukhuluma kufanele kusetshenz­iselwe ukwakha, ukukhiqiza izibonelo, ukusiza abadinga usizo, ekubaselen­i ugqozi lokwenza ngcono akwenzayo, ukugqugquz­ela abangazeth­embi ukuba bazethembe, nokukhowa ukuthi lapho ukhona kuningi ongakwenza ukuze uphile. Kuningi okudingwa ngabantu enakhe nabo njengalabo abadinga okuthile kokubaphil­isa, ukwakhelwa, izilimo eziphuma emasimini, ukuvuselel­a okwephukil­e lapho behlala khona, ukufunzela lokho abantu abakudinga­yo ngokubason­dezela.

Ufihlwe oLundi zili-10 kuMandulo. Ushiye amadodana amabili, indodakazi nabazukulu. Lala ngokuthula Bhebesi.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa