ISILILO: Useyishiyele abanye inkundla uMnu uRobert Dlomo
Kulezi zinsuku kusa sihleka kuhlwe silila. Kuhamba izintombi nezinsizwa, abadala nabancane. Sibhala silila kodwa futhi sidumisa uMdali ngalokho abasishiyele khona. Sinenselelo yokubalingisa ngalawo mandla asasele kithi, senze okuhle njengoba bebenza. Basuke behambe kahle besesemhlabeni abanyathela ezisekelweni ezinhle zabadala nabashiya bezengezile ukuze kunyathele abayolandela. Usesishiyile uMnu uRobert Dlomo waseSmero ngase-Edendale ePietermaritziburg, obesezinze oLundi.
Isikhathi sokugubha amagugu esizwe njengoba senza kule nyanga, siyithuba lokukhumbula, lokwedlulisela ngisho ngomlomo nemibhalo ukuthi silapha nje sesike sabonani olube namphumela muni empilweni yethu. Amafagugu ethu siwagubha nangakho ukukhumbuzana ukuthi abantu esiloba ngabo baphumaphi. UDlomo udabuka khona ePietermaritzburg. Wayeganwe nguNkk uDorothy Dlomo (uMaKhumalo) owayezalwa ngumqambi womculo nomculi uMnu uGF Khumalo. Lo Mntungwa wayengumfowabo kaMnu uAA Khumalo, umqambi wamaculo anjengoMenzi Wezinto Zonke. Ngezikhathi ezinzima, abantu bengakavunyelwa ukungena kumaCity Hall, abantu kabazange badikibale. Bakwenza konke okwakwenziwa eCity Hall kodwa bekwenzela emasontweni okwathi kamumva bakwenzela emahholo omphakathi, iningi lawo elakhiwa uHulumeni wakwaZulu. Sengathi bekuyizolo ngibona uGF Khumalo efundisa izingane zakhe iculo elisha ayeliqambile nonina wazo, wabakhomba esiteji, wababhidisa bengedlule ngisho kubantu abayisi-8. Nalo liyahlabelela igagu leli, uMntungwa. Amanye alawo maculo ayekhethelwa ukuba kuqhudelwane ngawo emincintiswaneni emikhulu yamakhwaya ezikole. Njengoba kuyinyanga yamagugu esizwe singakuphawula ukuthi umuzi wakwaKhumalo wawungomunye wononhlemvu base-Edendale ababesuke eMnambithi koMhlumayo noRockdale. INkosi yakwaKhumalo kulezo zindawo kwakuyiNkosi uMevana Khumalo. Babebizwa ngokuthi bangoNonhlemvu ngoba uMfu u-Allison waseWeseli wayebakhuthaze ukuba bathenge izindawo babe netayitela elalibaqoqela ndawonye ukuze kungabi bikho oyithengisela ezinye izizwe kalula. Kunezinto ezaqopheka ngokuvelele empilweni kaDlomo, umkakhe nezingane zakhe. UMaKhumalo wafunda izifundo zobunesi wagogoda nasemazweni aphesheya. Wagcina esengumphathi weKwaZulu-Natal jikelele eMnyangweni Wezempilo ePietermaritziburg. Wake waxoxa ukuthi wathi eyofunda phesheya wakhumbula ekhaya waze waba nesizungu nje sokuzwa ukugcwaneka kwezinsizwa zakwaZulu nezisuke zigibele emalolini zikhuzela zithi: “Dudlu! Sengathi kukhulu kulaphaya!” Wayewumphumela wezitshudeni ezaqeqeshwa zaphatha ezindaweni eziningi kwathula kwathi du. Lelo butho laligxishwe izisekelo zobuqotho, zokuzinikela, zokuhlanzeka, zokuzihlonipha, zokumela umkhakha womsebenzi wakho noma kuphi lapho ukhona usebenza ungabheki sikhathi, zokuzijubela umphakathi ngawe wonke, zokuba yisibonelo esihle ebusuku nasemini, phakathi kwabakwaziyo nabangakwazi.
AbakwaDlomo babekwazi ukucela kuMbhishobhi ukuba bakhokhele zonke izindleko zokufundisa uFata iminyaka eyisi-6 ngemali yabo. Ngaleso sikhathi babesebenzisa umholo wabo, uDinangwe (isithakazelo) engakangeni nasekuhwebeni nasezinkontilekeni. Ngakho kukhona oFata basemaKhatholikeni abafundiswa yibona. Amanye amamisa abazokwenzelwa wona njengoba sebemuke bobabili azokwenziwa yilabo Fata. Kayikho into eyabajabulisa njengokubona izingane zabo zikhuthalela ukuqamba imisebenzi endaweni okwakucatshangwa ukuthi iyophela emva kokuba inhlokodolobha yaKwaZuluNatal ithuthele ePietermaritzburg. Baningi abathi uLundi luzokuba yidolobha eliyisipoki. Vele ayekhona amadolobha abihlikayo uma kuke kwathutha amahhovisi kaHulumeni noma izimboni. Lesi yisimo esike senzeke umhlaba wonke. Kodwa uLundi luphikise amathiyori osomnotho njengoba luchichima uhwebo kungekho mboni nafekthri njengoNongoma, iNkandla, neNquthu. Singedlula nje ekutheni ngokubona kwethu esinye sezizathu zokusimama koLundi intshumayelo nenkuliso yaMakhosi esizwe eholwa nguMntwana wakwaPhindangene ukuthi uma abantu bezimisele ngokunakekela okusendaweni, njengokufuya nokulima nokhiqiza okukhiqizekayo, ngeke bacabange ukuthi bayosimama kuphela uma beye emadolobheni. Abantu basoLundi bayakholelwa kubo.
UDlomo waba nenkampani yokwakha. Wasebenza namadodana. Bagxilisa ingqondo yabo, baba nodumo lokwenza kahle imisebenzi ababeyinikiwe. Phezu komncintiswano wabakhi abaningi, ngokubambisana nabafana bakhe, uDlomo waphumelela. Ngokukhuthazwa nguyise nokuthola ugqozi kuye, indodana yabo yakha inkundla yemicimbi, imishado, imihlangano nemingcwabo, izindlu zokulala amaBnB nokunye okuningi. Lezi zingane zaphendula iwashi lenkolelo ethi abantu abasha bayavilapha noma baphilela ukukhangeza. Zaliphendula iwashi lenkolelo ethi umsebenzi kawuphumeleli uma ungenalo olunye uHlanga olukade laluwenza umsebenzi ofana nalowo ekuhwebeni. Baliphendula iwashi lenkolelo ethi owoHlanga angeze awudala umsebenzi ongaholela usimamise abanye boHlanga. Baningi abamangaliswa ukuthi isibongo sakwaDlomo sibhalwa ngezindlela ezahlukene. Ngesinye isikhathi sibhalwa kanje: Dhlomo. Njengoba kuyinyanga yamagugu esizwe kuhle sichaze ukuthi lolu bhalomagama lunomlando omude. Kuqala ababeqopha umsindo wamagama olimi bancoma ukuba amagama aphelekezelwa ngumoya uma ephumiselwa, kufanele lokho kukhonjiswe ngohlamvu “h”. Uma igama lingenalo uhlamvu “h” kwakuthiwa lithambile.
Uma linohlamvu “h” kwakuthiwa lilukhuni. Yingakho ubaba wayebhalwa kuthiwe u6a6a. Emva kwesikhathi ‘u6a6a’ waba ngubaba. Lokho kwaholela ukuba lawa magama alandelayo abhalwe kanje: Ibhala, ubhubhane, ubhuku. Kwabhalwa kwathiwa uDhlomo, uDhlodhlo, uDhladhla. Uma kuhlangana imihlangano isithi akubhalwe kanjani, labo abasuke sebenezitifiketi zokuzalwa, zezikole, zamatayitela kababe besakuguqula ukubhalwa kwezibongo noma kwamagama abo. Ngakho bathi abanye beguqula ubhalomagama lwamagama abo, abanye bathi bona bazalwa kuthiwa Bengu, hhayi Bhengu, kuthiwa Kumalo, hhayi Khumalo, ngeke besaguqula lutho. Yingakho-ke kukhona uDhlomo noDlomo. ODlomo base-Edendale, eMbumbulu, eNkandla, kwaNtunjambili, bagcina sebebhala ngokungafani. Singabala oMnu uHIE Dlomo, uRRR Dlomo, ekuqaleni babengalufaki uhlamvu “h” kanti abaseMbumbulu oDkt u-OD Dhlomo, uMnu uZeph Dhlomo, oDkt uSibongiseni Dhlomo bona sengathi bafaka uhlamvu “h” kwasekuqaleni.
UDlomo ubekhulumela phansi, elalela kakhulu kunokuphuthuma ukulalelwa. Bekungeyona indoda yamagama amaningi kodwa ubekujabulela ukuxoxelwa. Umlomo wakhe kawejwayezwanga ukukhuluma okubi ngabanye abantu. Ubengathandi ukudaza athi ukuthi ngeke akwenze. Ubevele angakwenzi. Ubengabelekeleli abebafica bedicilela amagama abantu phansi, ngisho abenza okungalungile. Ubephika ngokuthi yena nezingane zakhe bazokwenza okuncike emfundisweni asayifaka kubo. Ubekholelwa ekutheni ukusebenza kanzima yinkululeko yampela. Ubebuswa ukuthi isikhathi namandla okukhuluma kufanele kusetshenziselwe ukwakha, ukukhiqiza izibonelo, ukusiza abadinga usizo, ekubaseleni ugqozi lokwenza ngcono akwenzayo, ukugqugquzela abangazethembi ukuba bazethembe, nokukhowa ukuthi lapho ukhona kuningi ongakwenza ukuze uphile. Kuningi okudingwa ngabantu enakhe nabo njengalabo abadinga okuthile kokubaphilisa, ukwakhelwa, izilimo eziphuma emasimini, ukuvuselela okwephukile lapho behlala khona, ukufunzela lokho abantu abakudingayo ngokubasondezela.
Ufihlwe oLundi zili-10 kuMandulo. Ushiye amadodana amabili, indodakazi nabazukulu. Lala ngokuthula Bhebesi.