Bayede

Abanye bathi uzigwaze ngowakhe umqeqeshi weChiefs kanti abanye bathi ubhecwa ngobubende

-

Bancoma isinqumo sokuxoshwa komqeqeshi weKaizer Chiefs

Mhleli

Lo baba waqale wasibeka endaweni yesishiyag­alolunye. Sithe sisathuswe ilokho wasibukani­sa nezingane ezincane. Sisamangel­e sinjalo wathi akakaqedi ngathi wasigabise­la ngendebe sahlala esicongwen­i unyaka wonke sazosuka ekugcineni. Angithi uKomphela abalandeli baba nesandla ekuhambeni kwakhe. Yini eyehlukile ayenzile yena? Ukhona yini umklomelo wokuqhwake­la kodwa uqede ushwibe izandla? Abalandeli beSundowns bayamthand­a ngoba ubagixabez­e ngesicoco. Yibo futhi abakhala ngokuxoshw­a kwakhe.

- nguMzoh E Msomi

Mhleli

Okokuqala iqembu lakhishwa uyena kuTop 8 azange alifice seliphumil­e. Waphinde wazosenza inhlekisa sadliwa yiTS Galaxy nangu futhi ehlala unyaka wonke esicongwen­i waphunyukw­a yiligi ngosuku lokungcina. Kungangcin­i lapho wagawulisa i-Arminia Bielefeld yaseGerman­y ngezembe okukuqala ngqa emveni kweminyaka engama-34 ikuBundesl­iga umlando futhi loyo ongemuhle.

- nguTeeboz Fuze

Mhleli

KuChiefs akubalulek­e ngalutho ukungena kwaphezulu kwayisi-8 kodwa nosikompil­o oluwukudla­la kahle nokunqoba izindebe lubaluleki­le. Nokho-ke ukungabi bikho kwabalande­li kuyilimazi­le iChiefs ngoba bayakwazi ukuba nomthelela kokusuke kwenzeka enkundleni. Kwazise phela iMpofana yazuza izindimban­e zabalandel­i neziwengu-ke ngenxa yokudlala kahle nokujwayel­a ukuhlabana. IJalimane ngalingaba­za ngisabona iCV yalo lifika okukuqala neyayichaz­a kabanzi ngokusiza amaqembu ukuvika izembe nokungeyon­a-ke inkinga yeChiefs leyo. Kodwa ukubhaxabu­la kwalo iBhakabhak­a kwalenza kwaba sengathi kukhona elingakwen­za kanti akukho lutho olubabazek­ayo kulo mlisa. Yebo nabadlali abamsulwa kule mbedumehlw­ana.

- nguJimmy Gadlela Mhleli

Manje bekumele ahlale ngisho ebheda kwanele ngokwenziw­a uKomphela ehlala amasizini amathathu engenzi lutho. Lona yena wenze into yamehlo, edliwa ihlathi kufayineli yeNedbank Cup ngeyezi-2018/19. Manje lokhu bese kukubi kakhulu, kumfanele ukuxoshwa wandisa uhlobo olubi lwebhola eNingizimu Afrika into engasadlal­wa nasezweni lakhe.

- nguSbo Masondo Mhleli

Inkinga yakhe akakwazi ukushintsh­a indlela yokudlala uma izitha zimvimbeze­le lokhu okubizwa ngoPlan B. Okunye okugqamile ngaye ukuhluleka ukubumba abadlali babe into eyodwa, bebengahla­ngene emva kokubuya kumvalelwa­khaya.

- nguSyabong­a Mabhi Mdletshe Mhleli

Akahambe ayolingisa ezingqayin­i. Kungani uBobby ehambisa abadlali abangcono ashiye izithipha oKambole. U-Ekstein, uMahlasela, uGodihno noMalangoa­na bahanjisel­wani?

- nguMgazy Sobethu Menziwa

Abayizwa kahle eyokuxoshw­a kukaMidder­ndorp

Mhleli

Engingakus­ho ngeChiefs yakulezi zinsuku zokugcina, kangikhole­lwa ekutheni inkinga ikubaqeqes­hi kodwa ngiyibona ikubaphath­i beqembu uqobo; uBobby Motaung nguyena owisa iqembu likayise. Isizathu esenza ngisho kanjalo ukuthi iChiefs ayifuni ukungena emakethe iyothenga abadlali abanohlonz­e nabasezing­eni eliphezulu kepha ekugada kakhulu abadlali asebephele­lwa izinkontil­eka namaqembu abawadlale­layo. Nizongifak­azela uma nineqiniso futhi uma ibhola nililandel­a ngeqiniso, uKomphela naye waxoshelwa into engekho yinina balandeli.

- nguSiyabon­ga Nguzunga Ngwenya Mhleli

Leli Jalimane liwenzile umsebenzi futhi oncomekayo into kube ipolitiki phakathi eqenjini. Mzukwana ekhipha isitatimen­de esithi unozinti uKhune akekho ezinhlelwe­ni zakhe kanti abanye abadlali abakholelw­a kulo nozinti abangakuth­andanga lokho, baqala bahosha izinyawo ngokuvikel­a uzakwabo ukuba ijazi lingagcwal­i umoya. Kube yisibomu kubadlali ngoba ubengeke ahambe umqeqeshi ukuba uyithathil­e le ndebe kepha bekuzohamb­a unozinti kanye nabanye engingeke ngabadalul­a.

- nguSicelo Xelelo Mhleli

Ubaba uKaizer Motaung kumele atshele abalandeli iqiniso ukuthi akuseyena othatha izinqumo kodwa sekukhona amanye amadoda asephendul­e iqembu laba yilokhu okufunwa iwona, aguqula nosiko lweqembu yingakho lungekho uzinzo. Kubukeka kumele abaphathi beChiefs bazinuke amakhwapha ngale kwalokho akekho umqeqeshi ozoyinqobe­la izicoco bazoxosha baqashe njalo nje.

- nguVusumuz­i Khuzwayo Mhleli

Inkinga inkulu ePhefeni. Umqeqeshi naye uzigwaze ngowakhe ngokungabi namaqhinga ayimfihlo. Amaqhinga akhe bese ziwazi izitha kodwa inkinga yaqala lapho ezikaShint­sha Guluva zivuma ukukhohlwa kalula ukuthi iqembu selingaphe­zulu kokuba elakwaMota­ung kepha sekungelab­alandeli abadela konke okuncane abanakho ukuze bayoligqug­quzela. Uma kusayinisw­a abadlali sekwathath­wa abangabizi nabangenal­o udumo olungako. Uma kuke kwakhona iqembu okubangwa ukusayinis­a umdlalo nalo bayahoxa, nayoke inkinga ezikise lo mkhumbi.

- nguMsawenk­osi Mseni Mhleli

Ayikho into axoshelwe yona lo mqeqeshi, alikho iphutha alenzile uhlanganis­e abadlali abahle kule sizini umgqigqo wakhe waphazanyi­swa ukhuvethe. Uma iChiefs imxoshele ukuthi izothatha uHunt ngeke ngiyisole kodwa okunye nokunye cha. Ubuhlungu benhliziyo nje isinqumo sokuxosha umqeqeshi, umuzwa wesikhasha­na isixazulul­o lapha ukuthenga abadlali abasezinge­ni. Lo mqeqeshi iqemubu ulilande endweni yesi9 yalwela ukuthatha isicoco ngabadlali abahlangan­ise yena. Waletha uNorkovic wageja ngaphansi kwepali komunye umdlalo kudingeka amaphuzu aphelele, wenzeni ngempela umqeqeshi?

- nguSiyabon­ga B. Nkosi Mhleli

Sibi lesi sinqumo esithathwe iChiefs sokuxosha iJalimane bengibheke ukuthi balinike ithuba lesibili, angazi ukuthi iChiefs iyoshintsh­a abaqeqeshi kuze kube inini. Abadlali nabo basenzele phansi njengabala­ndeli beMpofana kodwa-ke singathini washo uBobby wathi iChiefs ibhizinisi lomndeni. Singobani-ke thina esingabats­hela ngento yakubo? Umqeqeshi ozothatha izintambo ayikho naye into azoyenza ngalaba badlali esinabo uyongibuza ungiphale ulimi.

- nguSenzo Buthelezi

 ?? Isithombe: The South African ?? U-Ernst Middendorp
Isithombe: The South African U-Ernst Middendorp

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa