OlwaseNcome lukhunjulwa ngezindlela ezahlukene
Noma-ke amaBhunu amaningi aqhubeka ngokukholwa ukuthi anqoba kodwa akwaziwa ukuthi kungani aqala ukugubha lolu suku emuva kweminyaka eyayingama-22 ngowe-1860. Nakhona lapho balubiza ngokuthi; “uSuku lukaDingane” (Dingane’s Day). Akwaziwa kungani amaBhunu akhetha ukubiza lolu suku lwawo olwaluyingcwele ngesitha sabo.
Kodwa-ke izizukulwane zawo zaqhubeka nokulubungaza lolu suku, isibonelo, amanye amaBhunu ahambela isikhumbuzo semihlahlandlela yamaBhunu (iVoortrekker Monument ) esavulwa ngowe-1949 ngomhla ziyi-16 kuZibandlela ePitoli.
Kodwa kwathi iNational Party iphatha umbuso ngowe-1948, yenza umhla ziyi16 kuZibandlela usuku lokugcizelela ubudlelwano babo obukhethekile noNkulunkulu. Base belenza iholide lomphakathi ngowe-1952 base belinika igama lwabizwa “usuku lwesifungo” (Day of the Covenant noma Day of the Vow).
Kanti kuningi labengabadi, ikakhulu amaZulu, laliziqhenya ngalolu suku ngoba amabutho akwaZulu abonisa ukuhlabana nobuqhawe babo kumaBhunu.
Ukuzigqaja ngalolu suku, umbutho wokuqala owasungulwa ngabengabadi waseNingizimu Afrika uKhongolose (African
National Congress) wasungula ibutho lawo uMkhonto Wesizwe ngomhla ziyi-16 kuZibandlela ngowe-1961 futhi walubiza ngokuthi uSuku Lwamaqhawwe (Heroes Day).
Lolu suku lusagujwa nanamhlanje noma sekwadlula iminyaka engama-20, ngaphansi kwentando yabantu kodwa lubizwa ngoSuku Lokubuyisana.
Okunye okuyindidane ngomlando wakuleli, ukuthi amaBhunu asalugubha phesheya kweNcome phakathi komfula nodonga, kanti uZulu naye usakugubha ukuhlabana kwakhe eduze kwezibuko labafazi. Le migubho iqhelelene ngekhilomitha elilodwa kuphela.
Ngemuva kokuhlabana Ophathe, uDingane waqongelela izibhamu eziningi wayesebutha maphakathi ehlathini isiThunyisa, esasihloma ngezibhamu zesimanje, kuhle kweNdumezulu kaShaka.
UDingane wayefuna ukubhubhisa amaBhunu ngenhliziyo yakhe yonke, wahlela eyayisusa uthuli lwezichwe eyayizokwenza uShaka abenomhawu. Ngeshwa konke ayekuhlela kwaphelala phakathi kwekhanda lakhe ngoba uma ekhuluma wayethatshaliswa ngisho namabutho imbala.
Umkhandlu wezimpi wawuvumelana naye uma kuhlelwa impi, kodwa benze abakuthandayo enkundleni yempi, bekwenza ngamabomu. Nangu noNdlela owayesenomkhuba “wokwehlulwa”.
AmaBhunu agcina ezwile ngezinkinga zikaDingane, ase ehlongoza ukumlekelela ezinkingeni zakhe. Bathi uma wayengahlawulela izimpi zikaZulu namaBhunu ngenyoni kayiphumuli ezaziyizi-10 000, babeyosayinda isivumelwano sokuthula naye futhi bamvikele nasemabuthweni akhe.
Kwethuka wonke umuntu evuma uDingane, waze wazicelela ukuba bamnike isikhashana sokuhlela izinkomo. Wangazithinta ezakoMkhulu, kunalokho waphaka uNdlela namabutho amane, kanye nezikhonzi zabamhlophe uRobert Wood noJohn Cane ukuyophanga izinkomo eSwazini.
UNdlela wamazisa uDingani ukuthi wayengavumelani nokunika amaBhunu izinkomo.
Kodwa wawagasela amaSwazi wangena waze wayofika enkabeni yezwe lawo, eMzompofu ngakwaManzini. Yabambana isikhathi esincane nje, laduma ladlula nawo amaSwazi kwasala abaningi enkundleni, waphanga izinkomo ezimbadlwana nje, wasehlehlela nganeno koPhongolo.
Baphinde bazala uVusumuzi owazala uNkonzo ogane kwaMkhwanazi ozala uNothando. Bazala uThulani oganwe nguMaDlamini ozala uPhilani, uSithembiso, uSicelo nabanye. Baphinde bazala uSipho oganwe nguMaZungu, izingane zabo uSifiso, uCebolozakha uZakahle nabanye. Baphinde bazala uNokusa, uSenzo oganwe nguMaMhlongo. Bazala uCebile noQhawe. Bazala uMandla oganwe nguMaNgubane. Bazala uSinethe, uMvelo nabanye. Baphinde bazala uMagcina ogane kwaGumede noNonhlanhla.
Kwazilaphe
UKaMabasa, uDubeni ugcagce noMadushu uSamwell kodwa okamfowabo uNgolomiya ozalwa uSijambe. Abantwana bakaMabaso uThabisile ogane kwaSibiya ozala uBongiwe noThobeka. Bazala uNombuso ozala uNoxolo. Bazala uLindani ozala uSandile. Bazala uDeli noZinhle.
UMpunga endlini kaMaphitha
Wazala uMlungu obomvu nepipi lakhe owagcagca noMaMkhwanazi (Ngwenyabeyigxoza). Bazala uNickdon uSitambu owaganwa nguMaBiyela noMaMpangela. Bazala uSipho noMusa. USipho uganwe nguMaGwala. Bazala uMbali noSikhumbuzo. UMaMthembu noMaMthiyane. UMaMpangela wazala uKhehla noBhushu. UMzembili (uSitambu) owaganwa nguMaMthiyane bakha umuzi waseNjabulweni. UMlungu obomvu wagana umakoti kamfowabo bazala uMacambi ,uLebhina, u-Elija nabanye. ULebhina waganwa nguMaThabethe, kaMadondo, uMaMkhwanazi kanye noMaMbuyazi. ULebhina benoMaMkhwanazi bazala uMjolwane, uSamweli, uDuma noNtombizethu ogane kwaMsane, ozala uNathi, uXolani, uKhandalami noMondli. UMjolwane uganwe nguMaMthamahhe. Bazala uGugu noPhindile. ULebhina wabuye waganwa nguMaThabethe. Bazala uNana, uMbaba, uJabu. UNana Mbongiseni uganwe nguMaNtuli.
Bazala uSabelo, uSithembiso, uNdumiso noNdabenhle.
UJabu waganela kwaNdawonde.
Wazala uMagqi, uHlengiwe, uNtongolozi noMandlakhe.
U-Elija uganwe nguMaMkhwanazi, nguMaMthiyane omdala nomncane. UMaMkhwanazi wazala uSibusiso oganwe nguMaNdabandaba. Bazala uNkosi noMmeli. Baphinde bazala uQhimfolo oganele eMdletsheni. Baphinde bazala uVela, uLizwi noPhilile. U-Elija wazala uMavusi, uMziwenkosi noNokuthula.
UMakhonjwa wabuye wazala uNkeqe Ogcibheni
UNkeqe wazala uNhlanganiso. UNhlanganiso wazala uNenebane (u-Elias). UNkeqe wabuye wazala uMagogo (uPhineous) ozala uMbhekeni uBhoyi noThemba. U-Elias waganwa nguMaMkhize. Wazala uNgicasula uJames Mthethwa, iMeya yaseMzinyathi.
UNqayana kaShangane
UNqayane wazala uYingaza Ocabazekeni. UYingaza wazala uKutshuza. UKutshuza wazala uMama (uShangane) ogane kwaShembe eKwazini. UKutshuza wabuye wazala uFani Albert ozala uKhusu (uBhekumusa) noLizwe.
UNqayana waphinde wazala uNqekemana owazala uMfaniso. UMfaniso wazala uMisayeli. UMisayeli wazala uBheki noLangaphuma. Waphinde wazala uPetros ozala uDumisani, uBecause, uZakhele, uKhulekani, uThabani noSipho.
UNqekema waphinde wazala uMqhwageni, uMqhwageni (uMthembeni) ozala uMapi nabanye. UNqayana waphinde wazala uSikhebeza. USikhebeza uzala uMginqika, uMginqika wazala uKhishwa. UKhishwa wazala uMzikawukho noMbabazeni (uMabobo) noFeyindoda. U-Egejeni wazala uMponso. Wazala uNkunwu, uNkuqu wazala uKwiliza uMbhekeni. UMbhekeni wazala uBen, uMuzi, uKhutha, uFanana noMcebo.
UNqayana wazala uFeyaphakathi owazala uNomasikisiki ozala uMangayeni (uMabhala) ozala uMakhosonke (uQololempisi). Waphinde uNomasikisiki wazala uMkhohliseni Petros ozala uSikiza noWilson nabanye.