Bayede

OlwaseNcom­e lukhunjulw­a ngezindlel­a ezahlukene

- NGUSHALO MBATHA

Noma-ke amaBhunu amaningi aqhubeka ngokukholw­a ukuthi anqoba kodwa akwaziwa ukuthi kungani aqala ukugubha lolu suku emuva kweminyaka eyayingama-22 ngowe-1860. Nakhona lapho balubiza ngokuthi; “uSuku lukaDingan­e” (Dingane’s Day). Akwaziwa kungani amaBhunu akhetha ukubiza lolu suku lwawo olwaluying­cwele ngesitha sabo.

Kodwa-ke izizukulwa­ne zawo zaqhubeka nokulubung­aza lolu suku, isibonelo, amanye amaBhunu ahambela isikhumbuz­o semihlahla­ndlela yamaBhunu (iVoortrekk­er Monument ) esavulwa ngowe-1949 ngomhla ziyi-16 kuZibandle­la ePitoli.

Kodwa kwathi iNational Party iphatha umbuso ngowe-1948, yenza umhla ziyi16 kuZibandle­la usuku lokugcizel­ela ubudlelwan­o babo obukhethek­ile noNkulunku­lu. Base belenza iholide lomphakath­i ngowe-1952 base belinika igama lwabizwa “usuku lwesifungo” (Day of the Covenant noma Day of the Vow).

Kanti kuningi labengabad­i, ikakhulu amaZulu, laliziqhen­ya ngalolu suku ngoba amabutho akwaZulu abonisa ukuhlabana nobuqhawe babo kumaBhunu.

Ukuzigqaja ngalolu suku, umbutho wokuqala owasungulw­a ngabengaba­di waseNingiz­imu Afrika uKhongolos­e (African

National Congress) wasungula ibutho lawo uMkhonto Wesizwe ngomhla ziyi-16 kuZibandle­la ngowe-1961 futhi walubiza ngokuthi uSuku Lwamaqhaww­e (Heroes Day).

Lolu suku lusagujwa nanamhlanj­e noma sekwadlula iminyaka engama-20, ngaphansi kwentando yabantu kodwa lubizwa ngoSuku Lokubuyisa­na.

Okunye okuyindida­ne ngomlando wakuleli, ukuthi amaBhunu asalugubha phesheya kweNcome phakathi komfula nodonga, kanti uZulu naye usakugubha ukuhlabana kwakhe eduze kwezibuko labafazi. Le migubho iqhelelene ngekhilomi­tha elilodwa kuphela.

Ngemuva kokuhlaban­a Ophathe, uDingane waqongelel­a izibhamu eziningi wayesebuth­a maphakathi ehlathini isiThunyis­a, esasihloma ngezibhamu zesimanje, kuhle kweNdumezu­lu kaShaka.

UDingane wayefuna ukubhubhis­a amaBhunu ngenhliziy­o yakhe yonke, wahlela eyayisusa uthuli lwezichwe eyayizokwe­nza uShaka abenomhawu. Ngeshwa konke ayekuhlela kwaphelala phakathi kwekhanda lakhe ngoba uma ekhuluma wayethatsh­aliswa ngisho namabutho imbala.

Umkhandlu wezimpi wawuvumela­na naye uma kuhlelwa impi, kodwa benze abakuthand­ayo enkundleni yempi, bekwenza ngamabomu. Nangu noNdlela owayesenom­khuba “wokwehlulw­a”.

AmaBhunu agcina ezwile ngezinking­a zikaDingan­e, ase ehlongoza ukumlekele­la ezinkingen­i zakhe. Bathi uma wayengahla­wulela izimpi zikaZulu namaBhunu ngenyoni kayiphumul­i ezaziyizi-10 000, babeyosayi­nda isivumelwa­no sokuthula naye futhi bamvikele nasemabuth­weni akhe.

Kwethuka wonke umuntu evuma uDingane, waze wazicelela ukuba bamnike isikhashan­a sokuhlela izinkomo. Wangazithi­nta ezakoMkhul­u, kunalokho waphaka uNdlela namabutho amane, kanye nezikhonzi zabamhloph­e uRobert Wood noJohn Cane ukuyophang­a izinkomo eSwazini.

UNdlela wamazisa uDingani ukuthi wayengavum­elani nokunika amaBhunu izinkomo.

Kodwa wawagasela amaSwazi wangena waze wayofika enkabeni yezwe lawo, eMzompofu ngakwaManz­ini. Yabambana isikhathi esincane nje, laduma ladlula nawo amaSwazi kwasala abaningi enkundleni, waphanga izinkomo ezimbadlwa­na nje, wasehlehle­la nganeno koPhongolo.

Baphinde bazala uVusumuzi owazala uNkonzo ogane kwaMkhwana­zi ozala uNothando. Bazala uThulani oganwe nguMaDlami­ni ozala uPhilani, uSithembis­o, uSicelo nabanye. Baphinde bazala uSipho oganwe nguMaZungu, izingane zabo uSifiso, uCebolozak­ha uZakahle nabanye. Baphinde bazala uNokusa, uSenzo oganwe nguMaMhlon­go. Bazala uCebile noQhawe. Bazala uMandla oganwe nguMaNguba­ne. Bazala uSinethe, uMvelo nabanye. Baphinde bazala uMagcina ogane kwaGumede noNonhlanh­la.

Kwazilaphe

UKaMabasa, uDubeni ugcagce noMadushu uSamwell kodwa okamfowabo uNgolomiya ozalwa uSijambe. Abantwana bakaMabaso uThabisile ogane kwaSibiya ozala uBongiwe noThobeka. Bazala uNombuso ozala uNoxolo. Bazala uLindani ozala uSandile. Bazala uDeli noZinhle.

UMpunga endlini kaMaphitha

Wazala uMlungu obomvu nepipi lakhe owagcagca noMaMkhwan­azi (Ngwenyabey­igxoza). Bazala uNickdon uSitambu owaganwa nguMaBiyel­a noMaMpange­la. Bazala uSipho noMusa. USipho uganwe nguMaGwala. Bazala uMbali noSikhumbu­zo. UMaMthembu noMaMthiya­ne. UMaMpangel­a wazala uKhehla noBhushu. UMzembili (uSitambu) owaganwa nguMaMthiy­ane bakha umuzi waseNjabul­weni. UMlungu obomvu wagana umakoti kamfowabo bazala uMacambi ,uLebhina, u-Elija nabanye. ULebhina waganwa nguMaThabe­the, kaMadondo, uMaMkhwana­zi kanye noMaMbuyaz­i. ULebhina benoMaMkhw­anazi bazala uMjolwane, uSamweli, uDuma noNtombize­thu ogane kwaMsane, ozala uNathi, uXolani, uKhandalam­i noMondli. UMjolwane uganwe nguMaMtham­ahhe. Bazala uGugu noPhindile. ULebhina wabuye waganwa nguMaThabe­the. Bazala uNana, uMbaba, uJabu. UNana Mbongiseni uganwe nguMaNtuli.

Bazala uSabelo, uSithembis­o, uNdumiso noNdabenhl­e.

UJabu waganela kwaNdawond­e.

Wazala uMagqi, uHlengiwe, uNtongoloz­i noMandlakh­e.

U-Elija uganwe nguMaMkhwa­nazi, nguMaMthiy­ane omdala nomncane. UMaMkhwana­zi wazala uSibusiso oganwe nguMaNdaba­ndaba. Bazala uNkosi noMmeli. Baphinde bazala uQhimfolo oganele eMdletshen­i. Baphinde bazala uVela, uLizwi noPhilile. U-Elija wazala uMavusi, uMziwenkos­i noNokuthul­a.

UMakhonjwa wabuye wazala uNkeqe Ogcibheni

UNkeqe wazala uNhlangani­so. UNhlangani­so wazala uNenebane (u-Elias). UNkeqe wabuye wazala uMagogo (uPhineous) ozala uMbhekeni uBhoyi noThemba. U-Elias waganwa nguMaMkhiz­e. Wazala uNgicasula uJames Mthethwa, iMeya yaseMzinya­thi.

UNqayana kaShangane

UNqayane wazala uYingaza Ocabazeken­i. UYingaza wazala uKutshuza. UKutshuza wazala uMama (uShangane) ogane kwaShembe eKwazini. UKutshuza wabuye wazala uFani Albert ozala uKhusu (uBhekumusa) noLizwe.

UNqayana waphinde wazala uNqekemana owazala uMfaniso. UMfaniso wazala uMisayeli. UMisayeli wazala uBheki noLangaphu­ma. Waphinde wazala uPetros ozala uDumisani, uBecause, uZakhele, uKhulekani, uThabani noSipho.

UNqekema waphinde wazala uMqhwageni, uMqhwageni (uMthembeni) ozala uMapi nabanye. UNqayana waphinde wazala uSikhebeza. USikhebeza uzala uMginqika, uMginqika wazala uKhishwa. UKhishwa wazala uMzikawukh­o noMbabazen­i (uMabobo) noFeyindod­a. U-Egejeni wazala uMponso. Wazala uNkunwu, uNkuqu wazala uKwiliza uMbhekeni. UMbhekeni wazala uBen, uMuzi, uKhutha, uFanana noMcebo.

UNqayana wazala uFeyaphaka­thi owazala uNomasikis­iki ozala uMangayeni (uMabhala) ozala uMakhosonk­e (uQololempi­si). Waphinde uNomasikis­iki wazala uMkhohlise­ni Petros ozala uSikiza noWilson nabanye.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa