AbakwaNxumalo beseka uZulu yize benabe nezwe
Leyo ndawo yase ingaphansi kweKoloni yamaNgisi aseNatali kusukela ngowe-1842. Wayelandela uMntwana uMawa owayewele ngonyaka we-1842 ngemuva kokubulawa kukaMntwana uGqugqa kaSenzangakhona nguMpande. UMntwana uMawa wagcina akhe ngaseMdloti phakathi kwalapho sekuyidolobha laseVerulem nolwandle khona. Naye uSothondose wafika wakha lapho.
Ngemuva kokushona kukaMawa wayokwakha ngaseMvoti ngowe-1851 waba yiNkosi yesizwe ngegunya alinikezwa ngamaNgisi eKoloni yaseNatali. Ekushoneni kukaSothondose mhla zingama-28 kuNhlolanja we-1895 kwakhethwa uNdubela ngombandela owawuthi kwakufanele abuye kwaZulu enyakatho yoThukela mhla zili-17 kuNtulikazi we-1895.
UMabutho waba liBambabukhosi eMsinga kwathi uSomdala waba liBambabukhosi kwabakwaNxumalo ababezinze eDundee naseNewcastle mhla zili-13 kuZibandlla we-1895 kuze kubuye uNdubelo. Wabuya mhla zingama-24 kuNcwaba we-1896.
Ingxenye yesizwe sikaNdubela eNewcastle yabekwa ngaphansi kukaNkabana Hadebe mhla zi-3 kuMfumfu we-1906.
Ingxenye yalesi sizwe eyayiseDundee yazibandakanya namaQamu (isizwe sakwaMajozi) yabekwa ngaphansi kukaSomdala mhla ziyisi-6 kuMfumfu we-1906.
Mhla zili-10 kuNhlangulana we-1906 uNdubela Nxumalo wasala enkundleni esempini yabashokobezi eMome eyayibhekene namasotsha amaNgisi.
Mhla ziyi-12 kuMfumfu we-1907 ingxenye yesizwe sakwaNxumalo eMsinga yahlangana nesizwe samaQamu abakwaMajozi ngaphansi kweBambabukhosi uKhwengce.
Mhla zili-15 kuMandulo we-1916 isizwe samaQamu (Majozi) esifundeni saseHelpmekaar esasingaphansi kweBambabukhosi uJuda (owayelandela uKhwengce) sahlukaniswa izigaba: isigaba sokuqala sabekwa ngaphansi kweNkosi uKula Majozi kwathi esesibili sabekwa ngaphansi kweNkosi uBhande Sithole.
Mhla ziyisi-6 kuMfumfu we1906, uSomdala Nxumalo waqokwa njengeBambabukhosi lesizwe sakwaNxumalo esasihlanganiswe nesakwaMajozi esasiseDundee esagcina saziwa ngokuthi esakwaNxumalo.
Mhla zingama-30 kuZibandela we1915 uSomdala washona kunguLwesine. Mhla zingama-20 kuNtulikazi we1916 ngoMsombuluko kwaqokwa uMgcabo waba yiNkosi yakwaNxumalo ebambe unyaka kwathi uma kuphela unyaka waqokwa njengeNkosi yesizwe egcwele mhla zigama-25 kuNtulikazi we-1916.
INkosi uMgcabo yashona mhla zingama-23 kuMandulo lokhu kwalandelwa ukuqokwa kukaGaqa Nxumalo njengeBambabukhosi ebambele uZikode indlalifa mhla zili-18 kuZibandlela we-1925.
INkosi uGaqa yashona mhla zingama-22 kuNhlangulna we1946. Mhla zi-3 kuMfumfu we-1946 kwakhethwa uSikhwama Manyathi njengebamba.
Mhla zingama-20 kuNhlaba we1955 iNkosi uZikode yahlala esihlalweni soBukhosi besizwe sakwaNxumalo. Yayifundile iphase uStandard 8.
Ngemuva kwalokho uMbusi Omkhulu wakwemukela ukuthi zonke izizwe zakwaNxumalo zihlangane ngaphansi kweNkosi uZikode njengeNkosi yazo zonke.
Lokhu kwabandakanya ingxenye eyayizinze KwaDukuza ngaphansi kweBambabukhosi uMbuzeni Nxumalo. Zonke zase zizokwaziwa ngokuthi ziyisizwe sakwaNxumalo. INkosi ebusayo manje nguMaxwell Mandlakayise kaZikode eHelpmekaar.
Isizwe sakwaNdwanwe nesakwaNxumalo sabamba iqhaza elikhulu ekwakhiweni kukaZulu. Ukunqotshwa kukaZwide nokuyofela eZindololwane ngakwaKhambula akuwuqedanga umliba wendlu.
USomaphunga nenzalo yakhe badala ubuhlobo neNdlunkulu kaZulu. OMankulumana noHuqeni babengabantu abakhulu ngesikhathi seSilo uDinuzulu. Ukuyokwakha kwaGasa kukaSoshangane kwasakaza uZulu wazinza endaweni enkulu hhayi kwaZulu kuphela.
Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala04@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.