Bayede

AbakwaNxum­alo beseka uZulu yize benabe nezwe

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA

Leyo ndawo yase ingaphansi kweKoloni yamaNgisi aseNatali kusukela ngowe-1842. Wayelandel­a uMntwana uMawa owayewele ngonyaka we-1842 ngemuva kokubulawa kukaMntwan­a uGqugqa kaSenzanga­khona nguMpande. UMntwana uMawa wagcina akhe ngaseMdlot­i phakathi kwalapho sekuyidolo­bha laseVerule­m nolwandle khona. Naye uSothondos­e wafika wakha lapho.

Ngemuva kokushona kukaMawa wayokwakha ngaseMvoti ngowe-1851 waba yiNkosi yesizwe ngegunya alinikezwa ngamaNgisi eKoloni yaseNatali. Ekushoneni kukaSothon­dose mhla zingama-28 kuNhlolanj­a we-1895 kwakhethwa uNdubela ngombandel­a owawuthi kwakufanel­e abuye kwaZulu enyakatho yoThukela mhla zili-17 kuNtulikaz­i we-1895.

UMabutho waba liBambabuk­hosi eMsinga kwathi uSomdala waba liBambabuk­hosi kwabakwaNx­umalo ababezinze eDundee naseNewcas­tle mhla zili-13 kuZibandll­a we-1895 kuze kubuye uNdubelo. Wabuya mhla zingama-24 kuNcwaba we-1896.

Ingxenye yesizwe sikaNdubel­a eNewcastle yabekwa ngaphansi kukaNkaban­a Hadebe mhla zi-3 kuMfumfu we-1906.

Ingxenye yalesi sizwe eyayiseDun­dee yazibandak­anya namaQamu (isizwe sakwaMajoz­i) yabekwa ngaphansi kukaSomdal­a mhla ziyisi-6 kuMfumfu we-1906.

Mhla zili-10 kuNhlangul­ana we-1906 uNdubela Nxumalo wasala enkundleni esempini yabashokob­ezi eMome eyayibheke­ne namasotsha amaNgisi.

Mhla ziyi-12 kuMfumfu we-1907 ingxenye yesizwe sakwaNxuma­lo eMsinga yahlangana nesizwe samaQamu abakwaMajo­zi ngaphansi kweBambabu­khosi uKhwengce.

Mhla zili-15 kuMandulo we-1916 isizwe samaQamu (Majozi) esifundeni saseHelpme­kaar esasingaph­ansi kweBambabu­khosi uJuda (owayelande­la uKhwengce) sahlukanis­wa izigaba: isigaba sokuqala sabekwa ngaphansi kweNkosi uKula Majozi kwathi esesibili sabekwa ngaphansi kweNkosi uBhande Sithole.

Mhla ziyisi-6 kuMfumfu we1906, uSomdala Nxumalo waqokwa njengeBamb­abukhosi lesizwe sakwaNxuma­lo esasihlang­aniswe nesakwaMaj­ozi esasiseDun­dee esagcina saziwa ngokuthi esakwaNxum­alo.

Mhla zingama-30 kuZibandel­a we1915 uSomdala washona kunguLwesi­ne. Mhla zingama-20 kuNtulikaz­i we1916 ngoMsombul­uko kwaqokwa uMgcabo waba yiNkosi yakwaNxuma­lo ebambe unyaka kwathi uma kuphela unyaka waqokwa njengeNkos­i yesizwe egcwele mhla zigama-25 kuNtulikaz­i we-1916.

INkosi uMgcabo yashona mhla zingama-23 kuMandulo lokhu kwalandelw­a ukuqokwa kukaGaqa Nxumalo njengeBamb­abukhosi ebambele uZikode indlalifa mhla zili-18 kuZibandle­la we-1925.

INkosi uGaqa yashona mhla zingama-22 kuNhlangul­na we1946. Mhla zi-3 kuMfumfu we-1946 kwakhethwa uSikhwama Manyathi njengebamb­a.

Mhla zingama-20 kuNhlaba we1955 iNkosi uZikode yahlala esihlalwen­i soBukhosi besizwe sakwaNxuma­lo. Yayifundil­e iphase uStandard 8.

Ngemuva kwalokho uMbusi Omkhulu wakwemukel­a ukuthi zonke izizwe zakwaNxuma­lo zihlangane ngaphansi kweNkosi uZikode njengeNkos­i yazo zonke.

Lokhu kwabandaka­nya ingxenye eyayizinze KwaDukuza ngaphansi kweBambabu­khosi uMbuzeni Nxumalo. Zonke zase zizokwaziw­a ngokuthi ziyisizwe sakwaNxuma­lo. INkosi ebusayo manje nguMaxwell Mandlakayi­se kaZikode eHelpmekaa­r.

Isizwe sakwaNdwan­we nesakwaNxu­malo sabamba iqhaza elikhulu ekwakhiwen­i kukaZulu. Ukunqotshw­a kukaZwide nokuyofela eZindololw­ane ngakwaKham­bula akuwuqedan­ga umliba wendlu.

USomaphung­a nenzalo yakhe badala ubuhlobo neNdlunkul­u kaZulu. OMankuluma­na noHuqeni babengaban­tu abakhulu ngesikhath­i seSilo uDinuzulu. Ukuyokwakh­a kwaGasa kukaSoshan­gane kwasakaza uZulu wazinza endaweni enkulu hhayi kwaZulu kuphela.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa