Bayede

IThe Playhouse iyihlinzek­e ngokwanele eyamagugu

- NguSabelo Mbatha

Emasontwen­i amabili edlule kuboshwe amaciko abebhikish­a eThekwini avala umgwaqo owuthelawa­yeka uN3 ohlanganis­a iGoli neTheku ngoba ekhala ngendlala edalwe ukhuvethe futhi efuna uMengameli wezwe uMnu uCyril

Ramaphosa ukuba awavumele enze imicimbi.

Kusukela kwamenyeze­lwa imvalelwak­haya ngoNdasa nonyaka, ayibangabi­kho imicimbi ehlanganis­a abantu abaningi okubalwa nayo eyamaciko. Lokhu kuphoqe izindawo eziningi ukuba zigcine sezihlela imicimbi okungaba eyasetheat­re namakhonsa­thi ngezindlel­a zobuxhakax­haka bobuchweph­eshe.

Ngokufika kwalolu bhubhane, emhlabeni wonke kwehla ikhethini ematheatre amakhulu okwaphoqa ukuthi kuhlehlisw­e imidlalo yeshashala­zi, ingqayi nemigidi.

ELondon nje kwavalwa amatheatre angama-25 kanti abangama-250 awase-United Kingdom. Phakathi kwezindawo ezidumile ezaphoqele­ka ukuba zivale kubalwa iBroadway, iLondon Theatre, iRoyal Albert Hall, i-Old Vic neWest End.

Lapha eNingizimu Afrika, eState Theatre ePitoli kwamiswa imidlalo eyabe isihleliwe efana noShaka Zulu obhalwe uBongani Linda waqondiswa uMeshack Mavuso wodumo lokudlala indawo kaJavas kuYizo Yizo emdlalweni owashisa izikhotha kuthelevis­hini.

IPlayhouse Company yahlehlisa iSishaya Ingoma okwakufane­le ibanjelwe eCurries Fountain lapho okwakulind­eleke ukuba kuqhudelan­e amaqembu asina kudabuke imbadada kuncintisw­ana ngezitayel­a ezifana noMama Besigekle, uShameni, Ingoma Yezinsizwa, Ingoma Yezintombi, Ingoma Sekhuze, Indlamu noMzansi.

Kanti nomdlalo owawuqonda­niswe nePhasika, iDurban Passion Play, nawo kwaphoqele­ka ukuthi ungabe usaqhubeka. Abebelanga­zelele ukubona iHady The Creation, bahlanza ngedela imiswa ukukhonjis­wa okwakubosh­elwe kuyo ikhwaya, i-orchestra, abathathu abacula ngabodwana, ocula ibhesi isoprano nocula itena.

NaseGoli abaphathi beMarket Theatre bamemezela ukuthi yonke imidlalo izokuma kuze kube isimo sibuyela kwesejwaye­lekile. Phakathi kwezindawo ezasheshe zaqhamuka nesixazulu­lo kulokhu iThe Playhouse Company ayisalanga ngaphandle njengoba kusukela ngoNtulika­zi isebenzise izinkundla zokuxhuman­a ukusakaza imikhiqizo yayo emifushane okuhlangan­isa izingxoxo ezakhayo zomphakath­i, umculo nemidlalo yetheatre yezingane. Njengoba kuyiNyanga Yamagugu nje, iThe Playhouse Company iyaqhubeka nayo indlela ye-inthanethi ukuguba le nyanga ngemihlaba­hloso yemicimbi yokuthokoz­isa umphakathi ngezinhlel­o zayo ezahlukene. Lesi sikhungo sithi lo mkhankaso waso we-inthanethi uthole ukwesekwa okukhulu njengoba bebalelwa ezi-10 000 abangene ekhasini laso likaFacebo­ok bebuka esikusakaz­ayo. Lokhu ithi kwenza njengenye yezindlela zokubhekan­a nezinselel­o ezahlukene ezilethwe ukhuvethe emhlabeni jikelele. “Imidlalo yethu esiyenza nge-inthanethi ayigcini ngokuxhuma­nisa ababukeli neThe Playhouse Company kodwa iphinde igcine indima yezobuciko iphila ngokuthi kube khona okutholwa amaciko ngesikhath­i semvalelwa­khaya.”

Kule Nyanga Yamagugu lesi sikhungo sihlele imicimbi eminingi eqale zinhlanu kwephezelu lapho inkundla ivulwe yiciko uLu Dlamini oshaya umculo wesintu ophekezelw­a umakhweyan­a okukubeke kwacaca ukuthi nebala isiqalile inyanga yokuzigqaj­a ngamagugu. Kulandele uSheila Khumalo zili-12 oshaya iJazz enenkosi phakathi ehambisana nebhendi yakhe okhumbuze abaningi ngezamzukw­ana. Njengoba ngeMigqibe­lo sekunciphi­le ukuhanjelw­a kwemicimbi okubuswa kuyona ngezidlo neziphuzo, akungabaze­ki ukuthi kusasa baningi abazongena ku-inthanethi bazitike ngomculo kaKerry Cherry nebhendi yakhe ozobe usakazwa yiThe Playhouse Company. Kufuze ukuthi iningi lalaba kuzobe kungabesif­azane kwazise lo mculi uzobe etusa ngengoma imbokodo yaseNingiz­imu Afrika engamavula­ndlela endimeni yomculo. Kulindelek­e ukuthi adedele amanoni avutshelwe kuleli afana neMy African Dream ne-Umlilo okungangab­azeki ukuthi uzovuselel­a labo imimoya yabo eyehliswe ukhuvethe.

Kwabaphuth­wa yi-Annual Ingoma Competitio­n asikho isidingo sokukhatha­zeka ngoba abashiywan­ga ngaphandle njengoba kuzophinde kusakazwe amanqampun­qampu ayo eminyaka eyedlule. Lapha kuvuselelw­a umuzwa wamagugu ngomculo nendlamu okwenziwa amaqembu ahlukene aphuma kuwo wonke amakhona esifundazw­e iKwaZulu-Natal okuveza ukuceba kwesiko kwelikaMth­aniya. Nabafuna ulwazi lwezendabu­ko bazohlomul­a esigcwawin­i songoti abazobe becobelela ngolwazi baphinde baxoxe ngezigaba zamasiko ezahlukene okuhlangan­isa ukukhulelw­a nokuzalwa kwengane, izigaba zokukhula kwengane nokuthi ulwazi lwendabuko lungalekel­ela kanjani ekuthuthuk­isweni komnotho we-Afrika.

Lesi sikhungo sizoyigoqa iNyanga Yamagugu ngomcimbi osezingeni eliphezulu ozohlangan­isa abaculi bakuleli abangacons­i phansi uhlu lwabo oluzomenye­zelwa maduze. Lokhu kuzokwenze­ka ngoMgqibel­o zingama-26.

Konke lokhu kuzobe kukhonjisw­a mahhala kanti labo abangeke babe nalo ithuba lokubuka ngezinsuku okuzobe kwenzeka ngazo bangakwazi ukungena emakhasini ezinkundla zokuxhuman­a zeThe Playhouse Company.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa