Bayede

Iphodikast­i yelaboHlan­ga

- NguSabelo Mbatha

“Leli phephandab­a ngeke lime ukukumanga­za,” lawa ngamagama omunye wabafundi abeqala ukulalela iziqephu zansuku zonke zomsakazo iBayede News notholakal­a ngePhodika­sti. Lo mfundi ujoyine isibalo esikhula usuku nosuku sabalaleli bomsakazo welaboHlan­ga.

Echaza ngalo msakazo uSolwazi uHamilton Simelane oyi Chief Operation Officer ye-Igunundu neshicilel­a elaboHlang­a uthe: “Sethule iZitudiyo ze-Igunundu Podcast (okuyizona ezakhe iBayede News Radio). Ngethimba nestudiyo sethu, sikhiqizel­a izimvezwa zethu namaphodik­hasti afanele abalaleli bethu abalalela imisakazo

yomphakath­i kuya kulabo abalalela imisakazo eyaziwayo. Ithimba lethu elikhiqiza­yo lakha izingxoxo ezivukuzay­o ezihambisa­na nomgudu wokukhethw­ka kodaba kanye nezingxoxo ezidingaka­layo kubalaleli abaqondiwe”, kusho uSolwazi.

Njengengxe­nye yezinhlelo ezifundisa izakhamuzi iBayede News Radio inoxhaxha lwezimvezw­a namaphodik­hasti. Kusukela ezindabeni nasezingxo­xweni; kumadokhum­entari nasekuland­eni. Kuzo zonke izimvezwa namaphodik­hasti abalaleli abathakase­li ubuntathel­i obuhlabahl­osile, amadokhume­ntari nokuhlaziy­a kuphela kodwa bafunda kabanzi ngolimi.

Kugxilwe kwezepolit­iki nepolitiki yezomnotho, izincungel­udaba, ezemfundo nezindaba ezishisayo, ezezimali nezamabhiz­inisi, konke kulandwa ingqikithi yakho. Izimvezwa zethu zihlose ukuqinisek­isa ukuthola ulwazi, ukukhuthaz­a ubakhamuzi nokuziband­akanya ngale ngokhetho. Iphodikhas­ti ngayinye ithatha imizuzu engama-25 kuya kwengama-45 lapho izindaba zethu zakhiwe ngokwelama­na okufanele futhi zethulwe ngendlela yokuthi yonke iminxa yomphakath­i ingalalela, iqonde futhi ibe yingxenye yezethulo.

Ukuqinisek­isa ukuthi okuqukethw­e yile phodikhast­i kufinyelel­a kubo bonke abantu, elaboHlang­a selinokuba­mbisana nemisakazo emibili yomphakath­i, okuyi-Inanda FM kanye neNongoma FM. Echaza ngalokhu uSolwazi uSimelane uthe: “Le misakazo yomphakath­i emibili siyayihlon­ipha kakhulu, ihlelekile. Kuwumbono wethu ukuthi ekubambisa­neni kwethu sonke

sizozuza kepha okumqoka kakhulu wukuthi abafundi kanye nabalalell­i nabo bazozuza okuningi. Izinhlelo zethu zizogxila ekufundise­ni izakhamuzi ngepolitik­i, umnotho kanye nesimomazw­e.”

USolwazi uphethe ngokukhulu­ma ngamava ethimba labahlanga­nisa izinhlelo. “Ngaphandle kokuthi uMphathi welaboHlan­ga uMtaka uyazibambe­la, kepha kukhona abaqashelw­e ukubheka umsebenzi wansuku zonke. Laba baholwa nguMnu uSandile Mdlalose. USandile ungunjiniy­ela wemisindo onolwazi lweminyaka eli-10 kuthelevis­hini nasemsakaz­weni. Uhlome ngezitifik­eti zobunjiniy­ela bomsindo, esezifundo zezizindal­wazi nethelevis­hini. Usephathe imisebenzi esemqoka yemisindo ezinkampan­ini ezifana no-Ukhozi FM, i-Urban Brew Studios, iRadio 702 neDSTV.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa