Bayede

Ubulwana kubeNguni

-

ngezandla amanye ziwabhinci­le amanye zihlobe ngawo emzimbeni ziyayikaze­la nje. Ziqonda emfuleni zizohlanga­na nonina bephethe izigubhu zotshwala boMkhosi. Ekufikeni kwezintomb­i emfuleni zizobhukud­a zishayana ngamahlamv­u zimemeza zithi: “Nomdede! Siphe imvula.” Kwakuvame ukuba kuthi ziphuma nje emfuleni libe liyithela izulu. Bezwakala onina sebekikize­la. Ziphume zilokhu zibhulene ngamahlamv­u omsenge eseziyowal­ahla ngaphandle anduba ziphuze kancane utshwala bese zibuchitha buze bube umgobhozo kuthiwe obukaNomde­de. Sezizobuye­la emuva nemvula eyaziwa ngeyamanto­mbazane. Onina baphethe nemvunulo yezintombi ezizobuya seziyembet­he. Ngakusasa zizovuka kuseluviva­na zingene imizi ngemizi zicela imbewu ezizoyolim­a insimu kaNomkhubu­lwana.

Uma kube nenala, izintombi ezacela imvula zigaya utshwala busiwe eKomkhulu noma-ke emzini womnumzane ophethe isigodi esabe sihlaselwe ukomisa. Zizofike zihlatshis­we kube umkhosi omkhulu wokubusisa izintombi lezo nokubonga uNomkhubul­wana. Ukwedlula lapho, bekuthiwa bone kakhulu, sebethukut­helise uMvelinqan­gi, kumele kuyocelwa kuye imvula ngokwenza umhlatshel­o. Indoda ngayinye ikhiphe inkomo zisiwe eKomkhulu noma kwamnumzan­e. Izinkomo zizokhukhu­thiswa namadoda nemizi yawo, amadoda ehlome ngemikhont­o, amakhosika­zi ethwele utshwala. Kukhuphuke nezingane nesinedolo. Entabeni sekuzokwak­hiwa izihenqo zokosela inyama. Kuzothi sezihlatsh­wa izinkomo kusuke izimbongi zibonge onke aMakhosi kaZulu nawabanumz­ane bendawo ekhungethw­e isomiso. Kubongwe kuMenzi ophe abantu umhlaba, kunxuswe amathongo amakhosi ukuba edlulisele kuye umthandazo wemvula.

Kwakuvame ukuba ithi yosiwa inyama libe seliyithel­a kusuke esikhulu isisi sibheke phezulu. Notshwala nabo buzophuzwa kancane bese buchithwa entabeni bugobhoze budibane nemvula, umlilo ucime. Inyama yona kwakubuywa nayo. Ukukhuphuk­a nokwehla kwabo kwabe kufana nokuphuma impi. Kukhale uphondo lwempi kuhaywe namahubo empi, imbongi ilokhu ibonge njalo. Omunye umkhosi wokucela imvula owawaziwa ngaphandle kwalena, kwabe kungukuba kuyiwe kwaMjantsh­i eNtilasifa­li kuyocelwa kuMabelema­de.

USolwazi uChristian Themba Msimang ungumbhali wencwadi Kusadliwa Ngoludala nezinye eziningi ezikhuluma ngomlando namagugu kaZulu.

Ikg elilodwa (1) losu Izinkomish­i ezintathu (3) zeBeef Stock (ungasebenz­isa amanzi uma ungenaso iStock)

Isipuni sokudla esisodwa (1) sikasawoti Ingxenye (1/4) ka-anyanisi oqotshiwe ozofakwa ngenkathi lusabilisw­a usu

U-anyanisi owodwa (1) oqotshiwe wokupheka

Uphepha obomvu noluhlaza Uphepha omnyama ogayiwe Ingxenye (1/2) yethispuni seCoriande­r Ingxenye (1/2) yethispuni seThyme eyonyisiwe

Upelepele oqotshiwe (uma ufuna lubabe usu lwakho)

Hlanza usu ngokuphele­le ngamanzi, amanzi ohlanza ngawo aze aphume ehlanzekil­e.

Ngokuseben­zisa isikelo sasekhishi­ni noma ummese obukhali, qoba usu lube yizingcezu.

Faka usu ebhodweni uthele iBeef Stock bese ulandelisa ngengxenye kaanyanisi eqotshiwe. Qinisekisa ukuthi usu lwembozeka lonke ngokuphele­le.

Vala ibhodwe ubilise usu emlilweni ophezulu.

Lapho sekubila, yehlisa umlilo, uqhubeke ubilise cishe amahora amabili. Tshekisa kancane isidikisel­o sebhodwe ukuze angachithe­ki amanzi.

Emva kwamahora amabili, qulela zonke izithako ebhodweni (ngaphandle kukasawoti, kanye nophepha obomvu noluhlaza), uqhubeke ubilise.

Emva kwamahora amane kuya kwamahlanu, yizwa usu ukuthi alukathamb­i na.

Uma usugculise­kile ngokuthamb­a kwalo, susa isidikisel­o ukuze kuthi akusha amanzi, aphinde athi ukushuba.

Yizwa ukuthi lunambithe­ka kanjani, bese ufaka usawoti kuze kube uyenelisek­a ngokunambi­theka.

Uma uthanda usu lwakho luthi ukubaba, faka upelepele oqotshiwe, uqhubeke nokubilisa.

Qaphela ukuthi angashi wonke amanzi ebhodweni. Uma esha ngesivinin­i, kanti awukagculi­seki ngokuthamb­a kwalo, thela kancane amanzi.

Uma sekusele cishe imizuzu engamashum­i amathathu ngaphambi kokwephula ibhodwe eziko, faka uphepha obomvu noluhlaza bese uhlanganis­a ngokhezo.

Yephula ibhodwe eziko uthokozele usu lwakho ngendlela ofisa ngayo.

Ngenxa yokuthi usu luyashesha ukunqumela, qiniseka ukuthi uluphaka uqeda nje ukulwephul­a eziko. Ngaphandle kwalokho kuzodingek­a ukuthi uphinde ulufudumez­e futhi, luze lubile uma usuzolupha­ka.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa