Ngokwesikonkolo lethu sizalwa ngabafe bengafi
Umbhali uthi isikompilo lwabeNguni lithi kasifi fi kepha sibuyela kwethu
Ukhuvethe ludale usizi olukhulu emindenini eminingi kuleli. Phezu kokubhubha kwabaningi ukungenzeki kwamanye amasiko emindenini nezizwe uma kulondolozwa amalungu emindeni kube yisilonda. Osekuhlalise ithemba kwabanye wukukholelwa ekutheni bayobuye bahlangane nezihlobo zabo ezihambile. Umbuzo uthi ngabe ngempela kuyenzeka yini lokho noma yinto enhle ekwedluliseni ubuhlungu bangaleso sikhathi?
KwaboHlanga kunenkolelo ethi kuyenzeka. Ethi sonke sifika lapha sivela emndenini wabangasekho. Sikhule, siphile bese kufika isikhathi sokubuyela kwethu lapho savela khona. Lapha qaphela ukuthi ngesikhathi abanye bethi baya endaweni ethize abayibiza ngamagama, aboHlanga bona bathi baya kwabo, baya emndenini. Le nkolosiko yaboHlanga incike ekukholweni ukuthi umuntu akafi fi. Lapha ngiqonde ukuthi umuntu yebo uyabulala ubuthongo bokufa emehlweni enyama kepha uvukela emndenini. Empeleni emhlabeni osuwakhuluma ngamalungelo, kwaboHlanga ilungelo longasekho phakathi kwethu kanjalo namandla okukholelwa ukuthi unawo, kukhulu ngokuphindiwe.
Ngike ngachaza kule ngosi ukuthi ngokwesikonkolo laboHlanga ingane lena ilethwa emndenini wabaphilayo njengesipho esidluliswe ngumndeni wabangasekho. Yiwo lona esikholwa yikuthi uma sekufike usuku lokugoduka kufika bona abozalo bezokwamukela. Uzwe omunye lapho esegula esemlenzeni wokugcina ethi “naba bazongilanda” noma athi “bayeza”. Lo muntu usuke engahlanyi noma ephupha kepha usuke esesigabeni sokubona ngale. Ebona lapho asuka khona nayilapho ebuyela khona. Usuke esebabona ozibanibani asebahamba, embona uyise nonina nozalo lonke, bese ethi kulungile. Usuka lapho athwale imithwalo agoduke. Benze njalo nangesikhathi sokhuvethe kabafanga fi kepha bagodukile babuyele kwabo, asibakhulule.
Konke lokhu esikuchaza ngenhla kugcizelela ukuthi thina sizalwa ngabafa bengafi. Abashiya umzimba kepha baqhubeke baphile. Osho okunye kaqondi ngathi futhi usibukela phansi.