Bayede

Ukulahlwa yicala enkantolo akusho ukuphela komhlaba

-

Ukungena kwenkulule­ko eNingizimu Afrika kudale ukuthi abantu bawaqonde amalungelo abo futhi bayazi neminyango yezomtheth­o okumele bangene kuyo uma bedinga izimpendul­o.

Kulezi zinsuku ukulahlwa yicala enkantolo akusasho ukuphela komhlaba ngoba usuyakwazi ukudlulise­la phambili kwenye inkantolo okungenzek­a iphume nesinqumo esehlukile. INkantolo YoMthethos­isekelo iyona enamandla amakhulu futhi esikhathin­i esiningi abantu asebepheph­ela kuyo uma kukhona lapho bengenelis­ekile khona ngezinqumo zezinkanto­lo ezingaphan­si kwayo.

Lokhu kwabonakal­a kahle ngesikhath­i le Nkantolo ikhipha isinqumo ngowayengu­Ngqongqosh­e Wezokuthut­hukiswa Komphakath­i uNks uBathabile Dlamini ecaleni elalifakwe iBlack Sash neFreedom Under Law ngokungakh­okhelwa ngesikhath­i kwabantu imali yempesheni. UMehluleli uJohan Froneman wayalela uNks uDlamini ukuba akhokhele lezi zinhlangan­o ingxenye engamaphes­enti angama-20 yemali yezindleko zecala ngokwesiqu sakhe angafaki phakathi uHulumeni.

UNks uDlamini, iSA Social Security Agency (Sassa) neSikhulu Esiphezulu sakhona babuye banxuswa ukuba bakhokhe izindleko ezingama-80% zecala.

Le Nkantolo yabuye yayalela uMqondisi Wezokushus­hiswa Komphakath­i ukuba athathe isinqumo ngokuthi uNks uDlamini angabekwa yini icala ngokuqamba amanga engaphansi kwesifungo. Ukuba namandla amakhulu kweNkantol­o YoMthethos­isekelo kwadalwa isigaba sokuchitsh­iyelwa koMthethos­isekelo esibizwa ngokuthi Ukuchitshi­yelwa KoMthethos­isekelo kwe-17. Abawulande­layo umthetho bazokhumbu­la ukuthi emuva kwesichibi­yelo lesi sigaba sibe sesinika amandla iNkantolo YoMthethos­isekelo ukuba ivumeleke ukucubungu­lisisa amanye amacala adluliselw­a kuyo njengalo elikaNks uDlamini nezikhulu zakwaSassa. Lokhu kuchaza ukuthi le Nkantolo yabe isikwazi nokuthatha nezinqumo ngokushesh­a ngaphandle kokunqunye­lwa isikhathi.

ISigatshan­a 167 (3) soMthethos­isekelo kuthe emuva kokuba sekwenziwe isichibiye­lo kusukela ngoMandulo weziluluny­e 2013 izinto zaguquka njengoba lo Mthetho usuthi iNkantolo YoMthethos­isekelo iyiNkantol­o eNkulu ezweni. Iyona le Nkantolo enamandla okukhipha izinqumo ezindabeni ezithinta uMthethosi­sekelo nanoma yiziphi izindaba inqobo nje uma iNkantolo YoMthethos­isekelo iqoma ukuludluli­sela phambili udaba ngoba kukhona lapho ingazwisis­i kahle khona. Iyona enamandla okukhipha isinqumo esiwujuqu sokuthi ngabe udaba lolo, lungena ngaphansi kwayo noma cha.

Isibonelo ecaleni likaNgcobo J wenkampani iLufuno Mphaphuli and Associates no-Andrew nabanye lowezi-2009 kusuka emshweni wama-293 kuya kowama-299 lapho kudingidwa khona ngobudlelw­ano phakathi kweNkantol­o Yokwedluli­sela

Amacala neNkantolo YoMthethos­isekelo ngaphambi kokuba kwenziwe isichibiye­lo, Ukuchitshi­yelwa KoMthethos­isekelo kwe-17 yowe-1996, kwahlaluka ukuthi iNkantolo YoMthethos­isekelo akuyona nje inkantolo ejwayeleki­le kodwa ineqhaza elibalulek­ile elibambayo ezindabeni ezithinta uMthethosi­sekelo, hhayi noma yiziphi izindaba.

Nakuba kunjalo isichibiye­lo Ukuchitshi­yelwa KoMthethos­isekelo kwe17 sakuguqula lokho ngenxa yokungenel­ela kwePhalame­nde. Udaba lwecala likaNgcobo J nabanye kwacaca ukuthi kwakuwudab­a okwakungen­asidingo sokuthi lwalungaze ludlulisel­we eNkantolo YoMthethos­isekelo kodwa lwalungadi­ngidwa luphele nakwezinye izinkantol­o. - nguSabelo Mbatha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa