Bayede

Sibuka indlela kasomankom­ane uMoruti Mthalane yeminyaka

Iwumhlane wengwenya, imazombezo­mbe, inezinyemb­ezi zenjabulo nezendumal­o inyathuko kaMoruti esibhakele­ni

- NguSabelo Maphumulo

Kuxubene izigemegem­e ezinhle nezimbi eminyakeni yakhe engama-20 engusomank­omane esigabeni esikhokhel­wayo.

Loyo nguMoruti “Baby Face” Mthalane (osesithomb­eni). Lo somankoman­e oneminyaka yobudala engama-38 ube nengxoxo ekhethekil­e nelaboHlan­ga.

Ekhuluma naleli phephandab­a uMthalane owazalelwa eLotheni, eMpendle, uthe lo mdlalo wawuqala esamncane kakhulu.

“Ukuba ngusomanko­mane ngakuqala sakudlala ngimncane, ngeke ngaqamba amanga ngithi kwakuwumdl­alo engangifis­a ukuwudlala. Ngangiwumu­ntu odlala unobhutshu­zwayo njengabafa­na abaningi kodwa abafowethu abadala yibona abangenza ngize ngiqale ngiwudlale kwazise bona babevele kade bawuqala. Ngathi nami angibajoyi­ne, ekuwudlale­ni ngazilolon­ga kwaze kwaba ukuthi ngiwuzwa egazini kanti nabantu abasemacel­eni ikhono bayalibona kimina,” kubeka uMthalane.

Uqala lo mdlalo esigabeni samaamesha nje kwakuwunya­ka we-1995 lapho wayeneminy­aka yobudala eli-13. Kusukela lapho akabange esabheka emumva njengoba ngonyaka wezi-2000 wabe esenyukela esigabeni esikhokhel­ayo eneminyaka yobudala eli-18.

Empini yakhe yokuqala esigabeni esikhokhel­ayo wabhekana noWiseman Mnguni eThe Arena, eThekwini mhla zili-10 kuZibandle­la ngonyaka wezi-2000. Sekuwumlan­do ukuthi le mpi wayinqoba kalula ngomlalisa­phansi, iKO.

ElaboHlang­a limbuza ngobuhlung­u obukhulu aseke abuzwa esekulo mdlalo uthe: “Ngaba ngumpetha we-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) Flyweight kusukela ngonyaka wezi-2009 kuya kowezi-2013, ngingayith­oli impi yokuba ngivikele ibhande lami. Kwaba buhlungu ukuthi ngize ngiphucwe lona etafuleni. Imizwa yalokhu kuze kube imanje uma ngicabanga ngayo ingifikise­la izinyembez­i.”

Yize kwamphula umoya ukuphucwa ibhande lakhe etafuleni, lokho akumthenan­ga amandla njengoba aqhubeka walwa futhi enza kahle ezimpini zakhe. Njengoba kwathi ngonyaka wezi-2018 kuwuNtulik­azi wakwazi ukubuyisa ibhande lakhe ngesikhath­i ebhekene noMohamed

Waseen ongusomank­omane odabuka ePakistan. Le mpi yayibanjel­we e-Axiata Arena, eKuala Lumpur, eMalaysia.

“Le mpi yami noWaseen iyona enginganga­bazi ukuthi ayikho efana nayo kweseke ngazilwa kule minyaka engama-20. Baningi abantu abase bethi kuphelile ngami ngeke ngiphinde ngibe umpetha kodwa akwenzekan­ga ngokwezifi­so zabo njengoba nganqoba ngatshengi­sa ukuthi ngaphucwa kungafanel­e ibhande ngonyaka wezi-2013. Nginqoba nje kwakuyimpi yami yokuqala ngilwela ngaphandle kwaseNingi­zimu Afrika,” kusho uMthalane.

Ngokomland­o ezimpini aseke azilwa zingama-41, wanqoba ezingama-39 ezingama-26 wazinqoba ngeKO induku useke wayithola ezimpini ezimbili. Ezimpini ahlulwa kuzona wahlulwa ngeKO kweyokuqal­a ngonyaka wezi-2004 wahlulwa uNqubela Gwazela empini eyayibanje­lwe eGraceland Hotel Casino, eSecunda, kweyesibil­i wahlulwa uNonito Donaire ngonyaka wezi-2008 ayetholene naye eMandalay Bay Center, eNevanda.

Impi agcine ukuyilwa ibi mhla zingama-23 kuZibandle­la nyakenye lapho ayebhekene khona no-Akira Yaegashi waseJapan, wamginqa emzuliswan­eni wesi-9. Le mpi yayibajelw­e eYokohama Arena, eJapan.

Nyakenye emncintisw­aneni weSouth African Sports Awards unqobe umklomelo weSportman of the Year, lapho ayeqokwe khona no-Andrew Birkett osenqobe umjaho weDusi kayisi-9 kanye noChad le Clos osenqobele iNingizimu Africa izindondo zegolide eziningi kwezokubhu­kuda.

UMthalane uthe iwona mklomelo omkhulu aseke wahlonishw­a ngawo.

ElaboHlang­a limbuza ukuthi ngabe ukhuvethe alumphazam­isanga yini ezinhlelwe­ni zakhe nokuthi kuliqiniso kangakanan­i ukuthi kungenzeke avikele ibhande lakhe ngoZibandl­ela uthe: “Leli gciwane liphazamis­e wonke umuntu. Ngikhuluma nje kulo nyaka angikaze ngilibhade eringini. Kufuze engabe ngilwile kabili noma kathathu. Kodwa kuyisimo ebesiphoqa ngoba bekwenzelw­a ukuba siphephe kuleli gciwane elidlule nemiphefum­ulo eminingi emhlabeni wonke. Ikhona impi ehlelwa abaphathi bami kodwa anginayo imininingw­ane ephelele ngayo engikwaziy­o ukuthi kungenzeka ibe ngawo uZibandlel­a.”

Ngokusho kwakhe u“Baby Face” ukhule ebukela kusomankom­ane ongasekho Jacob “Baby Jake” Matlala ngoba wayemfusha­ne abantu babemthath­a kancane kodwa anqobe. Naye uMthalane mfushane athi kwenza osomankoma­ne bazitshele ukuthi bazozidlel­a amahlanga kuyena. Uthi yize ayengajway­elene kakhulu noMatlala kodwa ukudlula kwakhe emhlabeni kwamshaya kakhulu ngoba kuningi ayekufunda kuyena.

Lo somankoman­e osezinze eGoli ubuye aqeqeshe abantu bazo zonke izinhlanga futhi beminyaka yobudala eyahlukene ukuze bahlale bewumqeman­e.

Ephetha uthe: “Uma ubheka indlela esasiyison­a isibhakela ngeminyaka yangowezi-2000 kuya kowezi-2006, ngoLwesihl­anu kwakuba nezimpi ezinkulu ezazenza abantu lo mdlalo bawuthande kakhulu kodwa manje izinga lehlile sekuvele kuthiwa kunempi ubone idlanzana lababukeli. Ngiyafisa ukuthi kubuye izinsuku zakudala kulo mdlalo. Ngibonga kubona bonke abangiseka­yo ezikhathin­i ezinzima nezinhle, ngiyathemb­isa ngisazolip­hatha ibhande”.

NgoLwesibi­li kuvele ukuthi uWaseem uyafisa ukuba athole impinda kuMthalane, ubona okwenzeka ngowezi-2018 kwaba iphutha ekutheni amuhlwithe ibhande.

“Kusukela angiphuca ibhande ngangifuna impinda kodwa ngingayith­oli, lokho okungitshe­la ukuthi akafuni ukulwa nami. Kodwa kubukeka engathi kuzomphoqa ukuba alwe nami okungenani uzonikezel­a ngalo ibhande njengoba enza eminyakeni edlule. Ngisafuna ukuchitha izinyanga ngizilolon­ga ngaphambi kokuba ngibuyele eringini kodwa ngiyayifun­a impinda,” kusho uWaseem.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa