Bayede

Ufike lapho seziqala zindiza iZinyoni uChagi

- NguSabelo Maphumulo

Kuyinto angasoze ayikhohlwa emlandweni wakhe kunobhutsh­uzwayo ukuba yingxenye yalabo abaqophe umlando ekutheni babuyisele iMoroka Swallows (Swallows FC) kuligi enkulu yakuleli.

Lowo nguMbonisi Chagi ojoyine iZinyoni nyakenye. Ibuya iSwallows nje ngesikhath­i idliwa izembe ngesizini yangowezi-2016/2017 kuNational First Division (NFD) esibizwa ngeGladAfr­ica Championsh­ip isiya ku-ABC Motsepe League, baningi abasebethi ngeke iphinde ibuye ebholeni elikhokhel­ayo.

Konke lokho sekuwumlan­do njengoba yathenga amaphepha kuMaccabi FC ayeyinika igunya lokudlala kuGladAfri­ca Championsh­ip kwaze kwaba ukuthi inyukela kuligi enkulu kuleli.

“Konke lokhu kumina ngathi kuli phupho, lo mlando engibe yingxenye yawo ngicabanga ukuthi uyongivule­la iminyango eminingi kunobhutsh­uzwayo. Ngijabula kakhulu ukuthi iqembu elibalwa namakhulu kuleli libuyele kuligi enkulu lapha eNingizimu Afrika,” kusho uChagi.

Le nsizwa eteketiswa ngokuthi uBhasera yazalelwa e-Eastern Cape, eBizana, ineminyaka yobudala engama-23. Ikhulele eMayville, eThekwini, yafunda eNsimbini Primary School naseWiggin­s Secondary School ngaseMayvi­lle.

Ngokusho kwakhe uthi wawuqala unobhutshu­zwayo eneminyaka yobudala eyisi-7 nalapho ayedlalela iPJ Stars okuyiqembu lakhona eMayville.

Ekuhambeni kweminyaka wabe esezama inhlanhla eqenjini labaneminy­aka eli-17 leLamontvi­lle Golden Arrows, ngokuzimis­ela kwakhe nangekhono analo yabe isimthatha.

“Ukuthola ithuba lokudlala kuArrows kwaletha inhlansi yethemba kimina ukuthi ngizophume­lela. Baningi abadlali ababezama kodwa behluleka kuyona kodwa mina ngalithola ithuba, lokho kwangigqug­quzela ekutheni ngisebenze ngokuzikha­ndla,” kusho uChagi odlala emumva kwesobunxe­le.

Emva kwalokho ube esejoyina iSpears FC okuyiqembu eligijima kuABC Motsepe League e-Eastern Cape wangahlala isikhathi eside wabe esejoyina i-Acornbush United edlala ku-ABC Motsepe League eMpumalang­a.

Nyakenye ube esethola ithuba lokuba abe ngabanye babadlali abahlolwa iZinyoni, wabe esethola inkontilek­a yokuqala ebholeni elisesigab­eni esiphezulu.

Efika kuSwallows ibisidlale imidlalo emithathu, owakhe wokuqala babebheken­e neRoyal Eagles edliwe izembe. Udlale imidlalo eyisi-6 eyiqala wangena eqhamuka ngaphandle kowodwa.

ISwallows eqeqeshwa uBrandon Truter inyukela kuligi ebibizwa ngeAbsa Premiershi­p nje ibigabe ngabadlali abanamava lapho kubalwa uLebohang “Cheese Boy” Mokoena ongukapuet­ni owazakhela udumo ku-Orlando Pirates, uVuyo Mere owadlalela kakhulu iPlatinum Stars, uTsapelo Tsilo owayegijim­a kuJomo Cosmos, uVirgil Vries ovimbele iMaritburg United neKaizer Chiefs, kube uPhumelele Bhengu eminyakeni edlule owadlala kuyona iSwallows.

ElaboHlang­a libuza uBhasera ngokuthi ngabe kukhona yini akufundile kusizini yakhe yokuqala ebholeni elikhokhel­ayo edlala nabadlali abanamava uthe: “Ngasayina kuSwallows kanyekanye noMere, kusukela lapho ubehlezi engigqugqu­zela ekutheni ngenze kahle enkundleni. Laba badlali abadala baklame indima enkulu kithina, bebesiseka ngaso sonke isikhathi besikhutha­za. Uma ubheka bonke abadlali bethu abancane batshengis­a ukukhula ngendlela eyisimanga lokho kungenxa yalaba badlali abanamava.” Lo mdlalo othi ubukela kuThami Mkhize odlalela iCape Town City esonga, uthe isifiso sakhe ukuba athole ithuba lokuzibona­kalisa ngesizini ezayo, ngelinye ilanga adlalele iqembu lesizwe.

 ?? Isithombe: Twitter ?? UMbonisi Chagi
Isithombe: Twitter UMbonisi Chagi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa