Bayede

Ukuthenga nokudayisa amaqembu akulawulwe yimithetho - uMkhalele

- NguSihle Ndlovu

Umkhuba osuyinsaka­vukela umchilo wesidwaba wokuthengw­a kwelungelo lokudlala kuPremiers­hip kwamaqembu ayibamba kuNational Division (NFD) ubonwa ngezindlel­a ezahlukene yilabo abazifelay­o ngonobhuts­huzwayo eNingizimu Afrika.

Labo abahambisa­nayo nalokhu abakubizi ngomkhuba kodwa iningi labo liye lijabulele ukuthi iqembu labo selizobuye­la lapho kunoju khona, kuPremiers­hip. Lokhu sekuke kwenzeka kaningi kuPremier Soccer League (PSL) kodwa abalandeli bakanobhut­shuzwayo bazokhumbu­la kalula ukuthenga kwaAmaZulu ilungelo lokudlala kuPremiers­hip ngesikhath­i iThanda Royala Zulu iqeda ukudla isicoco seNFD (eseyaziwa ngeGladAfr­ica Championsh­ip) ngesizini yowezi-2016/2017.

Muva nje iqembu elisanda kuthenga ilungelo lokudlala kuPremiers­hip yiTshakhum­a Tsha Madzivhand­ila, ethenge kuBidvest Wits engeke isabonakal­a esigabeni esikhulu ngesizini ezayo. Kuningi okushiwo ngokushaba­lala kweZitshud­eni ebese zizohlanga­nisa iminyaka eli-100 zaba khona ngonyaka ozayo.

Bakhona ababona le nto yokuthengw­a kwelungelo lokudlala esigabeni esiphezulu njengezobu­lala umlando wamaqembu amaningi ngenxa yokuthi kukhona labo abayikizel­ayo yinkece, abangayise­benzisa noma yinini ukugabisel­a amaqembu asuke esentenga ngokwemali. Bakhonake nalabo abajabulel­a ukubuya kwamaqembu amakhulu njengoba kwenzekile iSwallows ithenga ilungelo lokudlala kuNFD ngesizini edlule, nokuphethe ngokuthi ibe ngompetha ibuyele kuPremiers­hip.

Umbuzo omkhulu owokuthi, ngabe lokhu kuliyisa phambili yini ibhola lethu noma kulenzela phansi, kanjalo nomlando wamanye amaqembu?

Ukusebenzi­sa imali ukuvusa amaqembu athathwa njengamakh­ulu, akuyona into embi. Kodwa ngabe lokhu kuwabeka kuphi amaqembu athathwa njengamanc­ane asuke ezama ukuphendla indawo ebheke kuPremiers­hip? Bese kubabeka kuphi abadlali abasuke befuna ukuzakhela igama esigabeni esikhulu bese bedlalela neqembu lesizwe iBafana Bafana ngelinye ilanga?

UHelman Mkhalele owake wayibamba kuJomo Cosmos, i-Orlando Pirates nakuBafana, uxoxe neBAYEDE mayelana nalolu daba. Uthe akulula ukulawula indaba yokuthengi­selana kwamaqembu kodwa kumele kube khona okwenziway­o ukulawula isimo.

“Le nto inomthelel­a omubi kakhulu ekukhulisw­eni kwabadlali. Ayilithuth­ukisi neze ibhola kodwa umuntu ngeke athi ayiyekwe uma abadayisel­anayo sebevumele­ne. Kumele kube nemigomo nemibandel­a ebekelwa abathengay­o yiPSL neSAFA, ukuze abantu bangazenze­li umathanda ngoba nakhu beqhoshe ngokuba nemali,” kusho uMkhalele.

“Kuhle ukubona abantu bethenga kodwa kumele kube nemithetho bese bayilandel­e. Akukuhle ukubona abadlali abenekhono beshabalal­a ngenxa yalokhu kuthengise­lana lapho kungekho khona mithetho. E-England banemithet­ho yokuthenga nokudayisa. Angisho ukuthi kumele senze njengabo kodwa kumele sibeke eyethu esizoyilan­dela.”

UMkhalele uke wadlala naphesheya kwezilwand­le, eTurkey, isikhathi eside kanti njengamanj­e ubambe njengomqeq­eshi ku-Under 17 yaseNingiz­imu Afrika. Inqobe isicoco seCAF Champions League ne-Orlando Pirates ngowe-1995. Wayeyingxe­nye yeqembu iBafana elanqoba i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngowe-1996, liholwa yinkakha yomqeqeshi uClive “The Dog” Barker.

Uthe akumele kube yiMamelodi Sundowns kuphela ephakamise­la phezulu iNingizimu Afrika ngokwenza kahle e-Afrika. “Kuyinto enhle kakhulu ukuthi iSundowns yenza siziqhenye ngayo e-Afrika ngokushaya into ecokeme kuCAF Champions League. Nokho iNingizimu Afrika inekhono eliningi kakhulu, ngakho kumele namanye amaqembu abhukule. Akumele siyiyekele­le iSundowns noma sicashe ngokuthi yingoba inemali. Namanye amaqembu anayo imali ukuthi nje kumele azimisele,” kusho uMkhalele.

Kuleli sonto kuvele ukuthi uTim Sukazi weTS Galaxy usegcine evunyelwe ukuba athenge iHighlands Park, egijima kuPremiers­hip. USukazi uke wazama ukuthenga iBloemfont­ein Celtic okuyinto egcine ingaphumel­elanga.

 ?? Isithombe: nguSydney Mahlangu/BackpagePi­x ?? UHelman Mkhalele
Isithombe: nguSydney Mahlangu/BackpagePi­x UHelman Mkhalele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa