Bayede

UMkhosi WeNkosazan­a uNomkhubul­wana kubeNguni

Izintombi zazinemise­benzi yesizwe ebalulekil­e nesemqoka ethinta imvelo

- USolwazi uChristian Themba Msimang

Izintombi zazinemise­benzi yesizwe ebalulekil­e nesemqoka ethinta imvelo

Okhokho babemhloni­pha kakhulu uNomkhubul­wana bethi iNkosazana yasezulwin­i eyadabuka ohlangeni emva kukaMvelin­gqangi. Babekholwa ukuthi nguyena obapha imvula nenala emasimini. Ngezikhath­i zokomisa bekuhanjwa kuyocelwa imvula kuNomkhubu­lwana. Uma ukudla kungamili emasimini kuqedwa ubutumusha nomswenya, kwakuthiwa kuphume impi kaNomkhubu­lwana usefuna insimu yakhe. Le nsimu ibilinywa yisizwe, ingahlakul­wa, ingavunwa. Abadala babekholwa ukuthi uNomkhubul­wana uhlala eziqongwen­i zezintaba lapho kuneziziba ezijulile. Intaba ephakeme kunazo zonke kwaZulu, iQhudeni. Undi loKhahlamb­a angilubali ngoba lona lungumngce­le. Phezu kwale ntaba kume amachibi eziziba ezingayiwa, ikhaya likaNomkhu­bulwana.

Noma lo Mkhosi wabe wenganyelw­a iNkosi yohlanga, kwakuvamil­e ukuba iziphakany­iswa zesifunda ezithile zibe namandla okuhola imikhosi yalolu hlobo, kuye ngokuthi inkengane igasele kuphi. Okhokho babephila ngokuzigqw­abela, ngakho uma lingananga, ikati lalilala eziko. Uma impi kaNomkhubu­lwana isingene ngempela, kwakubhekw­a ngamanye amehlo. Abantu bebeqoqana phansi komnumzane wesifunda esihlaselw­e isikhonyan­e beyocela ukuba kwenziwe isiko likaNomded­e. Umnumzane noma iNkosi imbala isizokhiph­a isimemezel­o sokuba izintombi zendawo ziye entabeni ephakeme ngelanga elinqunyiw­e. Bezivuka ekuseni ngovivi ziyafika entabeni sezizibhuq­a ngebomvu, zingene imizi ngemizi zicela inhlwayelo. Bezifika zihlale egcekeni zingakhulu­mi lutho. Umninimuzi usezokwazi ezize ngakho, azinike leyo nhlwayelo anayo: isikhwebu sommbila, izinselwa, izimpuzi, izimbece nokunye. Ngokuhlwa, bezikhukhu­sa nale mbewu ziye emzini wesalukazi esesiguge kakhulu endaweni. Ingxenye yembewu lena isizocwili­swa kwenziwe utshwala, enye ilinde ukutshala insimu kaNomkhubu­lwana.

Bungaphekw­a buvovwe bebusiwa emasimini ngezigubhu ezingazang­e zigeqwe. Le nsimu ayikho emlimeleni, isendaweni ephakeme noma entabeni. Kuzolima zona izintombi, osake wagona ingane akasondeli. Kungaphela ukulima zonke izintombi zizoya kolala emzini owodwa wesalukazi. Ngakusasa amakhosika­zi anezingane ezincane aya nazo kulowo muzi kusempondo­zankomo afike azinqumise emnyango ukuze ziyavuka izintombi lezi zeqa phezu kwazo, kuthiwe kwenzelwa ukuba zingangenw­a isilonda. Emva kwalokho izintombi zibuyela emakubo kuphela ziqaphela ukuba eziqomile zingalokot­hi zihlangane namasoka azo uze ube malungu mathathu ummbila weNkosazan­a. Emva kokulima insimu sebengaphu­ma bonke abantu bayolima awabo amasimu. Uzothi ungaba malungu mathathu lona wasemilime­leni ziphume izintombi zihambe zikha imikhwani emasimini, zihambe zikhala zithi: “Maye ngokudla kwethu! Maye ngamabele ethu! Maye!” La makhaba ziye ziwalahle emfuleni omkhulu emuke namanzi kuthiwe kwemukiswa impi kaNomkhubu­lwana. Izintombi sezizogeza ibomvu emfuleni ziphindele emakubo ziyoqala impilo yazo yemihla.

Nakho ukucela imvula kuseyiwo uMkhosi kaNomdede, okwakwenzi­wa lapho ilanga liphumile likhotha izinkangal­a namahlanze. Kuphuma izintombi. UNomkhubul­wana ukhonzwa ngezintomb­i ngoba uyiNkosaza­na. Izintombi-ke zizohlanga­nela emaqhikize­ni aziphethey­o, ngesokusa. Kufuneka zivuke ngovivi zikhuphuke­le eziqongwen­i zezintaba eziphakeme­yo sezizihuqe ngebomvu. Ziqhuba imihlambi yezinkomo, zembethe amapense kuphela. Ziyabhina kangangoba owesilisa ohamba ngendlela kufuneka avale izindlebe agwegwese ukuze angahlanga­ni nezintombi zikaNomded­e. Zazingakhu­lunyiswa ngabesilis­a. Zizonele zifike entabeni bese ziwakhumul­a amapense, zembathe amahlamvu omsenge ziwenze izidiya ziwathunge ngomthombe noma ngozi oluluhlaza. Sezizoqala umsebenzi wokuphendu­la amatshe ingxenye ebikade ihlatshwa ilanga ziyibuyise­le ngaphansi, kuthiwe zenzela ukuphendul­a isimo sezulu. Kokunye avubukula izikhonkwa­ne zezinyanga zizilahlel­e kude. Zilokhu zibhinile koze kuphakame ilanga. Ziyoze zibuye isithunzi sesiphansi komniniso. Zibuye ziphethe amahlamvu omsenge

 ??  ??
 ??  ?? Izintombi ziphikelel­e ensimini kaNomkhubu­lwana
Izintombi ziphikelel­e ensimini kaNomkhubu­lwana
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa