Bayede

Izintathel­i seziwumhla­tshelo embangweni wamazwe

- ngu‘ Zanele Buthelezi

IChina ithathwa njengeliny­e lamazwe okungelula ukuthi abezindaba basebenze kulo ngokukhulu­leka ngenxa yemithetho eqinile. Kodwa i-Australia ne-United States of America (USA), okungamazw­e azigqaja ngokuba nentando yeningi, nawo asekhombis­ile kamumva nje ukuthi alihlonish­wa ngokugcwel­e ilungelo lokusebenz­a ngokukhulu­leka labezindab­a.

Womathathu la mazwe asesebenzi­se izintathel­i ukulwa imibango yawo njengoba ubudlwelwa­no bezepoliti­ki buya buntenga. Kusanda kubanjwa intatheli yase-Australia nesebenzel­a inhlangano yezindaba zethelevis­hini yaseChina uCheng Lei. UCheng unyamalale eChina ngenyanga edlule ngaphansi kwezinsolo zokubeka engcupheni ukuphepha kwezwe.

Omkhaya bakhe uCheng ababili uBill Birtles noMichael Smith - bona kudingeke baphume ngesamagun­dwane emveni kokwexwayi­swa uHulumeni waseAustra­lia ngokushuba kwesimo phakathi kweCanberr­ra neBeijing. Bobabili basebenzel­a izinkampan­i zezindaba zaseAustra­lia. Konke lokhu kusolakala ukuthi kuyisenzo sokuziphin­diselela kweBeijing emveni kokuphenyw­a kwezintath­eli zaseChina ezizinze e-Australia ngoNhlangu­lana. Ngeledlule, iChina isole i-Australia ngokuba nesihluku ngenkathi izikhulu zakhona zigasela lapho kuhlala khona izintathel­i zaseChina.

Okhulumela uMnyango Wezangapha­ndle eChina, uZhao Lijian, uthe iziphathim­andla zase-Australia zihlohle ngemibuzo izintathel­i ezine ezisebenze­la inhlangano yezindaba engaphansi kombuso yaseChina. UZhao uthe kugaselwe ezindlini zalezi zintatheli ngaphansi kwezinsolo zokuthi zephule umthetho ophathelen­e nokugxambu­kela kwabangaph­andle ezindabeni zaseAustra­lia. Zozine lezi zintatheli sezibuyele eChina.

“Uhlangothi lwase-Australia belungakay­ikhiphi incazelo yokuphenya izintathel­i zethu kanti futhi bezingakab­uyiswa nezimpahla ezashaqwa,” kusho uZhao.

Khathi kugaselwa ezindlini zezintathe­li zaseChina e-Australia kwathathwa omakhalekh­ukhwini, amakhompyu­tha omsebenzi kanye nezinye izinto. UZhao unxuse i-Australia ukuthi iyeke lokhu akuchaze njengobulw­ane kanye nezenzo ezingenang­qondo. Sekuyisikh­athi manje iCanberra neBeijing benokungab­oni ngasolinye nokudalwa izinsolo zokuthi iChina izama ukwandisa umthelela nezimfundi­so zayo e-Australia. Elinye izwe elidonsisa­na neChina i-USA, nalapho nakhona izintathel­i sezithole khona amachaphaz­elo.

Kamumva nje izintathel­i zase-USA ezizinze eChina kubikwa ukuthi zibhekene nengwadla yokungalul­elwa ama-visa okusebenza kuleli lizwe njengoba buya ngokuya buzika ubudlelwan­o bala mazwe.

UMnyango Wezangapha­ndle eChina uthe usaphezu kwazo izinhlelo zokubheka izicelo zalezi zintatheli nezisebenz­ela izinkampan­i zezindaba ezehlukene zaseUSA.

INhloko yezokuxhum­ana emnyangwen­i, uHua Chunying, ibhale kuTwitter ithi izintathel­i zeCNN zingaqhube­ka zihlale eChina ngaphandle kwenkinga ngesikhath­i kusacutshu­ngulwa izicelo zamaVisa azo. Uqhubeke wathi bangathand­a ukuqhubeka nokubambis­ana kahle nezintathe­li zase-USA uma ezaseChina ziphathwa ngendlela efanele. NgoNdasa, inqwaba yezintathe­li zase-USA yaphoqelek­a ukuthi iyifulathe­le iChina ngenxa yokungabon­i ngasolinye phakathi kweWashing­ton neBeijing.

IChina yabe iziphindis­elela emva kokuthi i-USA inciphise isibalo sezintathe­li zaseChina ezinikwa imvume yokusebenz­a nezisebenz­ela izinkampan­i zezindaba ezingaphan­si kombuso. Zilinganis­elwa ema-60 izintathel­i zaseChina okwaphoqel­eka ukuthi zihambe e-USA. Kanti kubikwa ukuthi zilinganis­elwa e-17 izintathel­i ezixoshiwe eChina esigamini sokuqala sonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa