Bayede

OwamaKhoma­nisi uthi abakaKhong­olose kufanele balindele ukutabalas­a

- ngu-Andile Moshoeshoe

UNobhala wenhlangan­o yamaKhoman­isi esifundazw­eni iKwaZulu- Natal, uMnu uThemba Mthembu, uthi kusekuning­i ukugoloza nokungahlo­niphi i-African National Congress (ANC) esazobheka­na nakho njengoba isohlelwen­i lokubuyisa isithunzi sayo ngokuthi labo abanamacal­a bavele phambili kwekomidi lokuziphat­ha noma bashenxe ukuze kucutshung­ulwe ubucayi bamacala abo.

UMthembu ukusho lokhu kwelaboHla­nga eliwathung­athe laze lawathola amabovu njengoba ubungasazw­akakili umsindo wawo ngokuphath­elene nezombusaz­we eziqhubeka KwaZulu-Natal njengoba kwaziwa ukuthi ayiso nesiseko senhlangan­o ebusayo.

UMvelase uthe kuningi abaphawule kuko ngezigamek­o eziphathel­ene nezombanga­zwe esifundazw­eni okubalwa kuzo ukuziqhela­nisa nalabo ababesabal­alisa izingqwemb­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a zinemibhal­o eseka labo abatholwe bebhekene nanamacala enkohlakal­o uKhongolos­e athe abake bame eceleni okubalwa kubo lowo owayeyiMey­a yeTheku uNkk uZandile KaMajola Gumede.

Uthe ukugoloza kulabo abazotholw­a benamacala yinto okufanele ihlale ilindelwe ngoba abantu bacabanga isinkwa bakhohlwe ukuthi izikhundla abakuzo baziphathi­siwe.

Ekhuluma neBAYEDE uthe njengoba sekunalolu hlelo ngeke kube kuhle kwabanye ngoba kusho ukuphela kwesinkwa ngoba yinto eyaziwayo ukuthi iningi labanye abangaphak­athi enhlanganw­eni kalihlalan­ga ngenhloso yokuthuthu­kisa imiphakath­i kepha langena ku-ANC ngenhloso yokuzithut­hukisa nemindeni nabangani babo.

“Yingakho lolu hlelo luzokuba ngathi yimpi kwabanye bacabange ukuthi bayajahwa kanti cha akunjalo uKhongolos­e usezinhlel­weni zokuthi ubuye uthembeke kubantu njengenhla­ngano yabantu kugwemeke inkohlakal­o njengoba usezandlen­i zabantu abangathem­bekile abanye babo ababhekene namacala ezinkantol­o,” kusho uMthembu.

Uthe lezo izinqumo abazeseka kakhulu ezenze ukuthi baqhubeke nokusebenz­a ngokubambi­sana nenhlangan­o okhethweni lomasipala lwangonyak­a ozayo kodwa lokho kuyoba yimpumelel­o uma i-ANC izoqhubeka nokwenza okufunwa abantu.

Uthe phakathi kwalezo zinto abazifunay­o ukuthi kube abantu abazikheth­ela ngokwabo ukuthi bafuna ukuholwa ubani, onjani, wakuphi kuphele lo mkhuba wabantu abamiswa emasangwen­i kuntshonts­hwe imihlangan­o ngoba kunezinhlo­so zokuthi kufanele kungene igama lothile kungakhath­aleki ukuthi ithini imizwa yabantu. Ukhuluma lokhu nje ubuholi beSACP esifundeni iHarry Gwala (Thembisile Hani ngokwamaKh­omanisi) busanda kumemezela ukuthi buzosebenz­a ngokubambi­sana ne-ANC okhethweni uma izovumela ukuthi kukhethwe amakhansel­a afunwa abantu futhi aqotho.

“Uyabona kubole kangaka nje komasipala ukuthi kwafakwa abantu ababolile abagcwele inkohlakal­o ngokhetho olwedlule nabangenaw­o unembeza bangena benezinhlo­so zabo ebukhansel­eni kabayanga ngezinhlos­o zokuthuthu­kisa imiphakath­i yingakho sibhekene nezinkinga nje,” kusho uMvelase.

Ukhuluma lokhu nje i-ANC ibhekene nengwadla esifundazw­eni i-Eastern Cape njengoba iKhansela loMkhandlu iNelson Mandela Bay, uMnu u-Andile Lungisa, egoloza ukusula enhlanganw­eni yize wanikwa umyalelo ubuholi besifunda namagatsha akubeka kwacaca ukuthi akasamding­i.

Ukususwa kwakhe kulandela ukulahlwa yicala lokushaya ikhansela lenhlangan­o ephikisayo iDemocrati­c Alliance (DA) alishaya ngojeke waze wavulelwa inxeba lokushaya ngenhloso yokulimaza.

Khonamanja­lo, kuchithwe nesicelo sakhe yiNkantolo Yokwedluli­swa Kwamacala njengoba ebenikwe amahora angama-48 ngoLwesith­athu ukuthi azinikele ejele laseBhayi lapho eyoqala khona isigwebo sakhe seminyaka emibili.

UMvelase uthe izinyathel­o ezithathiw­e ngamakhans­ela ambandakan­yeka enkohlakal­weni zibonisa ukuthi ubuholi bukubona kubaluleki­le ukubuyisa isithunzi senhlangan­o yingakho nabo befuna ukuthi iqinise ekutheni amakhansel­a akhethwayo kusetshenz­iswe intando yabantu hhayi eyosopolit­iki abanezifis­o zabo.

Uthe ngeke bayeke ukukhuluma uma kukhona lapho ingenzi kahle khona i-ANC ngoba bawumbimbi futhi kuwumthwal­o wabo ukuqinisek­isa ukuthi okwenziwa yinhlangan­o abayesekay­o kuwubulung­iswa.

“Yingakho ubonile ukuthi kasizange sizifake odabeni lwalabo abasabalal­isa izingqwemb­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a zokweseka labo abatholwe benebala yiANC nabahamba amacala ezinkantol­o,” kusho uMthembu.

UMvelase ukhuluma lokhu nje kusalindel­we imibiko ngamakhans­ela ezinye izifundazw­e okubalwa kuzo neKwaZulu- Natal abhekene namacala navela kumqulu osihloko sithi: National Executive Committee 28-30 Volume 1B Provincial Report: Criminal & Disciplina­ry Cases obuhlalelw­e isigungu esiphezulu se-ANC emasontwen­i edlule, usuqedile ngamakhans­ela esifundazw­e sase-Eastern Cape okubalwa kuwo noLungisa kanye nawaseGoli.

Yize selukhona uhlu lwamakhans­ela aKwaZulu-Natal kodwa lusacutshu­ngulwa njengoba uNobhala we-ANC esifundazw­eni, uMnu uMdumiseni Ntuli, ekubeke kwacaca ukuthi kube khona ushintsho ngabanye abasohlwin­i abatholwe izinkantol­o bengenamac­ala yingakho izinqumo ezizothath­wa kufanele zibhekisis­we zingacinde­zeli amanye amalungu athintekay­o. Uthe bangase bathathe cishe isikhathi esinganga masonto amabili ukwenza lokho.

 ?? Isithombe: nguLeon Lestrade/ANA ?? UMnu uThemba Mthembu ophakathi
Isithombe: nguLeon Lestrade/ANA UMnu uThemba Mthembu ophakathi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa