Bayede

UKhongolos­e uyaqhubeka nokuzinind­a

Kushiya imibuzo ukuthi manxa ethi uMengameli akuphenywe abantu ababethuny­we nguye

-

Ngesonto eledlule sibike ngohambo lweqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) ezweni iZimbabwe. Leli thimba labakhongi beliholwa nguNobhala Jikelele weqembu uMnu u-Ace Magashule. Esimweni esejwayele­kile lokhu bekungeyon­a inkinga kepha bekuyisenz­o esihle esinobukhe­lwane. Bahamba bethi bayobhula umlilo obikwayo kuleliya lizwe.

Nokho kube sekudumaza okuvele ngalolu hambo nxa sizwa kuthiwa kungenzeka ukuthi sebephule hhayi kuphela imithetho yezwe kepha neyezempil­o.

Akekho umuntu noma ngabe ngowaliphi iqembu okumele enze into engahunyus­hwa njengokuxh­aphaza izinsiza zombuso noma ukuphula imithetho yezwe.

Yikho sihambisan­a nalabo abathi noma ngabe ubuholi baleli qembu sebuvume ukuthi buzoyikhok­ha imali yokugibela ibhanoyi lezombutho wokuvikela mhla beya eZimbabwe, akuqhubeke ukuphenywa kutholwe ukuthi udaba lolu lusukephi. Kungamanga­za ukuthi uMengameli wezwe nophinde abe nguMengame­li kaKhongolo­se wabe engazi ngokuhamba kwamalungu ajutshwe nguye ukuba aye eZimbabwe. Yena uNgqongqos­he Wezokuphep­ha angasinda kanjani ekubeni evume ukuba kwenziwe imikhuba emphahleni yoMbuso?

Sithi kaqhubeke uMvikeli WoMphakath­i aphenye ukuze athole ukuthi iqale kuphi le ndaba ngoba kungenzeka ukuthi nayo isesigaben­i salawa malumbo esake sagilwa ngamadlegw­avuma akwaGupta ehlalisa indiza esikhumulw­eni sabezokuvi­kela.

Lesi sigameko sishiya imibuzo eminingi ehlanganis­a nowokuthi kanti iqembu elibusayo alinalo yini ulwazi ngemitheth­o yokusetshe­nziswa kwezinsiza zikaHulume­ni?

Phela uma kuwukuthi lokhu elikwenzil­e likwenze ngoba lingaboni ukuthi liyaphazam­a ngabe iNiningizi­mu Afrika isebhekene nenkinga enkulu ngoba izakhamuzi zilindele ukuthi uKhongolos­e ube yisibonelo ngokulande­la nokuthobel­a imithetho yezwe.

Eyokuzibop­hezela ekukhokhen­i izindleko zokusebenz­isa indiza yombuso kukhomba khona ukuvuma icala.

Kepha namanje sisababaza ukuthi engabe kwakhala nyonini kuKhongolo­se, lolu daba seluphela kabi nje yibo ubudedengu babaholi baleli qembu.

Impela amanye amaphutha akumaphuth­a wubuthutha nje okudumazay­o nxa wazi ubumqoka baleli qembu emlandweni wethu sonke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa