Bayede

Kuvulwa liphi lona, ebelisaval­iwe yini?

Kuphelile ukuqagela uMfo kaSamuel useyikhumu­lile ejokeni lokuvalelw­a

-

Emveni kwesikhath­i eside kulindelwe uMfo kaSamuel ukuba amemezele ukwehlisel­wa kwezwe esigabeni sokuqala semvalelwa­khaya, nebala ngoLwesith­athu ukuqedile ukuqagela walehlisa. Baningi abebemagan­ge ngalesi simemezelo sikaMengam­eli ngoba besisho ‘ukuvuleka’ kwezwe kugeleze nomnotho. Awu amaciko lezi zindaba zehle kamnandi ngoba kade ekhala kuthangi lokhu.

Kanjalo nalaba abafuna ukuvakashe­la kwamanye amazwe ngesifanay­o, kwazise unyawo bese lubaba befuna ukuvakasha bandizele kwamanye amazwe. Kuyamangaz­a nokho ukuthi bekusenenk­ulumo ‘yokuvula’ izwe. Uma uhamba lapha phandle izwe livulekile. Ngaphandle kokuthi uHulumeni yena qobo waphasisa ukuba abantu basuke kwenziye izifundazw­e, abantu nje sebehamba sengathi akukaze kwenzeke lutho.

Yishwa nje ukuthi phezu kwemizamo emingaka kepha kukhona ubungozi bokuthi ubudedengu kithi sonke bungenza isiqhwaga esilukhuve­the sibuye ngesankahl­u.

Njengoba ‘selivuliwe’ nje nesibalo sabavunyel­we ukuhambela imicimbi sesenyusiw­e, siyothokoz­a ukuzwa ukuthi izinhlelo zokuphila esimweni osekuphoqe ukuba sisijwayel­e ngale kokhuvethe khona zizohamba kanjani.

Phela yiningi imali esichithiw­e nempilo esilahleki­le ngenxa yalolu khuvethe, uma singehlisa izihlangu ingahle ikhale enhlafunwe­ni kuphele ngathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa