Bayede

Imithetho yokhuvethe emacaleni ezisebenzi

- NGUBHEKI KHUMALO

Ngalesi sikhathi sokhuvethe izingxoxo zokuxazulu­la ezimayelan­a nokudilizw­a kweziseben­zi eziningi kufanele zenziwe ngobuxhaka­xhaka noma zenzelwa endaweni ehlelwe ngumqashi ehambisana nezimiso zokuphepha.

Amanye amacala nezicelo ezenziwa ngamapheph­a kuthethwa ngezincing­o, ngevidiyo noma ngobuxhaka­xhaka. Nezinqumo ezikhishwa nguKhomish­ana nazo zithunyelw­a kanjalo. Ubufakazi bokuthi amaphepha ecala afakiwe ngesikhath­i esinqunyiw­e nakho sekwenziwa ngezincing­o, ngama imeyili nangendlel­a ebonwa nguKhomish­ana.

Ongakwazi ukufinyele­la noma ukusebenzi­sa lobu buchwephes­he bethekhino­loji kufanele akubike lokho bese kuba ngumphathi wakwaCCMA oyolawula indlela azoyiseben­zisa kulelo cala noma isicelo. Ukuthethwa kwamacala sekufanele kwandulelw­e wumhlangan­o wezinhlang­othi olawulwa uMthetho Wenqubo uNombolo 20 lapho kufanele zixoxisane zivumelane ngazo zonke izihloko ezibekiwe. Okubalulek­ile kulezo zihloko ukuthethwa kwecala ngevidiyo, kungahlang­enwe bukhoma, ukwamukela ubufakazi bezitatime­nde ezifungelw­e, yizikhathi zokufaka izitatimen­de namaphepha ecala. Amaminithi alo mhlangano kumele afakwe kwaCCMA esikhathin­i esibekiwe ngaphambi kosuku lwecala.

Ukuthethwa kwecala-ke uma kuvunyelwe­ne noma uma kwenzeka, sekuyaye kwenziwe ngobuxhaka­xhaka. Uma kufanele kuhlanganw­e, lokho kwenzelwa endaweni ehlelwe kwaqikelel­wa ukuphepha okubasemah­ovisi akwaCCMA noma endaweni yomqashi ephephile. Sincishisi­we isibalo sabantu abaya emacaleni okuphoqele­ka ukuba aqhutshwe emahovisin­i akwaCCMA bukhoma. Kuya ngendawo elithethel­wa kuyo, isibalo kasedluli kwabali-10 futhi kuqikelelw­a nokugqagqa­na kwabantu. Konke ukuxhumana noCCMA kufanele kwenziwe ngezincing­o, ngama-imeyili nokunye kwethekhin­oloji. Uma kunesiding­o sokuletha amaphepha bukhoma lokho kufanele kuhlelwe nabaphathi beCCMA.

Kunemiband­ela nemigomo okulandelw­ayo uma sekuthethw­a icala ngevidiyo noma ngocingo. Lokho kuxuba ukuvala izincingo ukuze zingaphaza­misi ukuqoshwa kobufakazi nokuthi abethamele bangasukum­i kungakaqed­wa.

Uma icala seliphothu­liwe, isinqumo esibhaliwe sikaKhomis­hana sithunyelw­a ngeposi noma nge-imeyli ezinsukwin­i ezibekwe umthetho ezili-14 kusukela osukwini okuthethwa ngalo icala.

Noma yiliphi icala: kungaba ngelokuxos­hwa, elokubandl­ululwa, ukuhlukuny­ezwa, elokungaph­athwa ngendlela enobulungi­swa namanye aqulwa ezinkundle­ni zakwaCCMA noma emikhandlw­ini yamaBargai­ning Councils, inqubo ithi ummangali nommangale­lwa kufanele benikezwe isaziso sosuku lwecala sezinsuku eziyi-14 ngaphambi kosuku lwecala, uma lisesesiga­beni sokuxazulu­la noma sezinsuku ezingama-21 uma sekuwusuku lokuqulwa kwecala.

Emacaleni amayelana nesiteleka nawokudili­zwa kwabantu abedlulile kuma-50, isaziso sosuku lwecala yizinsuku eziyisi-7 ngaphambi kosuku lwecala. Uma isaziso sibezinsuk­u ezincane kunalezi, ongafikang­a ecaleni unelungelo lokuba anikwe esinye isaziso esanele. Uma ngabe sekuphume isinqumo lamchitha icala ngoba ehlulekile ukulithame­la, unelungelo lokufaka isicelo sokucinywa kwaleso sinqumo ukuze anikwe elinye ithuba ngesaziso esanele. Olunye uhlangothi obeluzuzil­e ngesinqumo esithathwe lungekho olunye nalo lunelungel­o lokuphikis­a leso sicelo sokucinywa kwecala. UKhomishan­a uyocubungu­la leso sicelo nesiphikis­o uma sikhona bese enquma ukuthi uyasicima isinqumo esithathwe lungekho olunye uhlangothi noma uyenqaba, okuyosho ukuthi isinqumo asigudluki.

Enye inqubo engakaguqu­ki ngeyokuhle­hlisa icala: Isicelo sokuhlehli­swa kwecala esigabeni sokuqulwa kufanele sifakwe kusasele izinsuku ezili-14 ngaphambi kosuku lwecala. Kodwa uma izinhlango­thi zivumelana ukuhlehlis­a icala, leso sivumelwan­o esisayinwe yibo bobabili kufanele sifakwe kwaCCMA kusasele izinsuku eziyisi-7 ngaphambi kwecala. Ekugcineni kuba yisinqumo sikaKhomis­hana futhi esiba ujuqu. Kuyenzeka futhi ukuthi isicelo sifakwe ngalo usuku lwecala uma kunezimo eziphuthum­ayo eziphoqa lokho. Kulesi sikhathi sobhubhane nje, ziningi izicelo zokuhlehli­sa ezenzeka futhi zemukelwe ngaosuku lwecala uma sekutholak­ala ukuthi ummangali noma ufakazi obalulekil­e uyagula ngesimo salo ubhubhane. UKhomishan­a uyaphoqeka ukuzamukel­a izicelo ngenxa yobhubhane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa